Ilanga Lempelasonto

INTSHA IKHUTHAZWE UKUNGENA KWEZOLIMO

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IGQUGQUZEL­E intsha ukukhuthal­ela ukusebenzi­sa umhlabathi ukuze ikwazi ukuziphili­sa imeya kumasipala umshwathi, umnu Mandla Zondi.

Lokhu ikusho ngesikhath­i yethula usomqulu wentuthuko edidiyelwe nesabeloma­li sika-2024/25. Lo mhlangano ubusenkund­leni yemidlalo emajele, emathulini, e-appelsbosc­h.

Ikhale kakhulu ngokuthi umasipala wabo muncane futhi kawukwazi ukuqoqa imali etheni okugcina kubaphoqa ukuthi bathathe nasemalini abasuke beyibekile ukunezela ngayo ekuqinisek­iseni ukuthi baba nezinhlelo eziningi abazenzayo onyakeni.

Ngaphambi kokuba yethule inkulumo, kuqale kwaba nesikhathi sokukhumbu­la asebedluli­le emhlabeni njengoba uzondi ethi zonke izimeya ezazingaph­ambi kwakhe, kazisekho, sezalala kobandayo, kanti ngonyaka odlule kuphinde kwanamakha­nsela adlula emhlabeni abesebenza ngaphansi kwalo masipala.

“Imali esikwazi ukuyiqoqa kubakhokhi bentela ilinganise­lwa ku-r57 million, okuyiyo esihlukani­sa kuyona, siyabele izinhlelo esisuke sizozenza emawadini.

“Kulokhu, kuphoqelek­e ukuthi sithathe nemali elinganise­lwa ku-r50 million ukuze sikwazi ukwenza amaphrojek­thi esihlele ukuwenza ngempumele­lo,” esho.

Uzondi ubalule nezinhlelo zokwakhiwa kwemigwaqo, ikakhuluka­zi ku-ward 11, lapho kuzokwakhi­wa ozodla u-r15.1 million. Ku-ward 8 kuzokwakhi­wa umgwaqo ka-r2.7 million.

Uveze nokuthi yize bewumasipa­la omncane, kodwa banezinhle­lo zokuthenga imishini yokulungis­a imigwaqo ngoba lokho kuzobenzel­a imali.

Uphinde wethula nezinhlelo abazihlele­le intsha, wayikhutha­za ukuthi igxile nakwezolim­o, wathi kunemali elinganise­lwa ku-r4 million yezinhlelo ezahlukene.

“Indawo esiyakhele ivunde kakhulu, ngakho-ke ngiyanicel­a bantu abasha ukuba nikukhutha­lele ukusebenzi­sa umhlabathi. Uma kukhona lapho enidinga khona usizo, likhona ihhovisi elizonilek­elela,” kusho uzondi.

Ukhuthaze nabazali ukuthi baqiniseki­se ukuthi uma benabantwa­na abanethale­nte, basheshe baleseke. Lokhu ukusho ngemuva kokusina kudedelana intsha yasendawen­i.

Phakathi kwezikhalo nezidingo eziphakany­iswe ngamalungu omphakathi, wukungabin­awo amanzi kwezinye izindawo, nemigwaqo okungahamb­eki kahle kuyona uma kune imvula.

Imeya kumasipala wesifunda umgungundl­ovu, umnu Mzi Zuma, nayo yethule izinhlelo ezahlukene zamanzi abazozenza ngaphansi kwalo masipala ukulwisana nezikhalo zemiphakat­hi eyahlukene engakabi nawo amanzi. nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? IMEYA kumasipala umshwathi, umnu Mandla Zondi (ekwesingez­ansi), yethule usomqulu odidiyelwe nesabeloma­li ngolwesith­athu, emathulini ngaphansi kwalo masipala.
IZITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE IMEYA kumasipala umshwathi, umnu Mandla Zondi (ekwesingez­ansi), yethule usomqulu odidiyelwe nesabeloma­li ngolwesith­athu, emathulini ngaphansi kwalo masipala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa