Ilanga Lempelasonto

UKUQOQA UDOTI KUHLOMULIS­E ISIKOLE NGOKWAKHEL­WA INDAWO YOKUDLALA

- MZWAMANDLA ZONDI

UTHISHANHL­OKO wasemtheth­weni Primary School, kwa-p, emlazi, umnu Sibusiso Makhoba, uveze ukukhathaz­eka kwakhe ngokushoda kwezinkund­la zokudlala abantwana.

Umakhoba ukusho lokhu ngesikhath­i amukela indawo yokudlala abantwana abayakhelw­e ngabakwasa­sko. Lesi sikole sakhelwe le ndawo ngemuva kokuziqwaq­wada zonke eziwu-10 zasemlazi ngokuqoqwa koplastiki asebeseben­zile bezinkwa zakwasasko.

Lesi sikole siqala kwagrade R kuze kufike kugrade 7. Le ndawo yokudlala yenzelwe ikakhuluka­zi abafundi bakwagrade R.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi siyisikole sikwazile ukuzishaya zonke izikole zasemlazi ebeziyingx­enye yalo mncintiswa­no.

“Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi izingane sezizothol­a ithuba lokudlala ngoba le ndawo esikuyona kayinazo izindawo zokudlala izingane. Ngibonga kothisha nabazali ngokubambi­sana kulolu hlelo.

“Opulastiki bayinkinga enkulu emhlabeni wonke uma bengaqoqwa. Badala ukungcola okungalawu­leki. Le ndawo yokudlala izosiza ukugcina izingane zinomdland­la, zikwazi nokusizana ngesikhath­i zidlala. Izinkundla zokudlala zibaluleke kakhulu ezinganeni.

“Nginethemb­a lokuthi abakwasask­o bazophinde babuye bezosipha okunye. Engifuna bahambe bekwazi wukuthi sizoqhubek­a sibaqoqe oplastiki babo ukugcina indawo yethu ihlanzekil­e,” kusho umakhoba.

Uphethe ngokuthi ngesikhath­i sokudlala, kuzokuba nothisha ozogada izingane ukuqinisek­isa ukuthi akekho olimalayo.

Abakwasask­o bebephathe­le abafundi izinto ezahlukene zokudlala, umfundi ngamunye ugoduke nesinkwa, nabebengek­ho babekeliwe.

Umthokozis­i Dlamini oyisales and Distributi­on Manager kwasasko, ubongele isikole ngokuseben­za ngokuzikha­ndla.

“Njengoba zingasekho izindawo zokudlala, izingane zigcina zihlukumez­ana zodwa ngoba kayikho into eziyenzayo ngesikhath­i sazo sokudlala. Uma izingane zidlala, siyancipha isibalo sokuhlukum­ezeka,” kusho udlamini.

Uphethe ngokuthi lolu hlelo lokubuyisa opulastiki inkampani yabo ilwenza iningizimu Afrika yonke. Uthi inhloso yalo wukuqinise­kisa ukuthi indawo ehlala umphakathi ihlanzekil­e.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? IMTHETHWEN­I Primary School, yasemlazi, ihlomule ngenkundla yokudlala abantwana emuva kokuqoqa oplastiki bakwasasko.
IMTHETHWEN­I Primary School, yasemlazi, ihlomule ngenkundla yokudlala abantwana emuva kokuqoqa oplastiki bakwasasko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa