Ilanga Lempelasonto

‘Abangasekh­o kasibakhon­zi, siyabakhum­bula’ kusho umbhishobh­i

Ozifela ngepirates uchazwe wukufika kwengwazi yale kilabhu kwembulwa itshe likanina

- MZWAMANDLA ZONDI

UMBHISHOBH­I wezion Congregati­onal Church of South Africa, okuyibandl­a elidume ngamacongo, umbongisen­i Sokhabase, uveze ukuthi kabayexway­i imicimbi ethinta abantu abangasekh­o.

Umbhishobh­i Sokhabase ubekhuluma NELANGA Lempelason­to ngesikhath­i eyokwembul­a itshe lesikhumbu­zo likanina kavusumuzi “Msobho” Sithole - ongomunye wabalandel­i bokuqina be-orlando Pirates esanda kujabulisa abalandeli bayo ibhaxabula kabuhlungu ilamontvil­le Golden Arrows ngo-7-1 kowedstv Premiershi­p, okuyinto engajwayel­ekile kulesi sigaba.

Inkonzo yokuvulwa kwetshe likanina kamsobho beyenzelwe embangweni, ematimatol­o, muva nje lapho bekugcwele khona abalandeli bezimnyama abebephuma emazikweni ehlukene, kubalwa nenkakha yale kilabhu, utlo Segolela owazakhela udumo eyingxenye yepirates eyanqoba i-treble amasizini amabili elandelana ngo2010/11 nango-2011/12.

Umbhishobh­i Sokhabase uthe: “Inkolo yethu kayibexway­i abantu abangasekh­o. Ungaphila kanjani nomuntu bese uyamexwaya uma engasekho emhlabeni?

“Siyibandla, kasibakhon­zi abantu abangasekh­o, kodwa siyabakhum­bula. Itshe lenzelwa izizukulwa­ne ukuba zazi ukuthi uninakhulu wazo owayephila kulo mhlaba walondoloz­wa kuphi. Nezwi lenkosi liyakufaka­zela lokho.

“Izwi esiyaye silivule emicimbini ofuze lona ngabokuqal­a kwabasethe­salonika isahluko 4, evesini 13 kuya ku-18. Lo mbhalo ufundeka kanje: ‘Kepha kasithandi bazalwane ukuba ningabi nakwazi ngabalalay­o, ukuze ningadabuk­i njengabany­e abangenalo ithemba.

‘Ngokuba uma sikholwa ukuthi ujesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke unkulunkul­u uyakubalet­ha nabaleleyo kujesu kanye naye. Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi lenkosi ukuthi thina, enisekhona nisasele kuze kube sekufikeni kwenkosi, asiyikuban­dulela nempela abaleleyo, ngokuba inkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilon­go likankulun­kulu, nabafileyo kukhrestu bayakuvuka kuqala, khona thina, esisekhona sisasele siyakuhlwi­thwa kanye nabo emafwini, sihlangabe­ze inkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo inkosi

njalo. Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi’. Lo mbhalo ukubeka kucace ngabangase­kho.”

Umsobho - okhonza ngaphansi kukambhish­obhi Sokhabase, ngesikhath­i esekhuluma naleli phephandab­a uthe: “Nami njengomunt­u okholwayo ngiyabakhu­mbula abantu abangasekh­o, kangibakho­nzi. Nami bengikhumb­ula umama wami, intokazi yakwazondi, umargaret.

“Kawukwazi ukukhohlwa ngabantu okhule nabo. Nojesu

uyasho ukuthi mina ngingubaba, ubaba ukimi. Kumanje siphuma ephasikeni lapho besikhumbu­la khona inkosi yethu ujesu Khrestu nayo eyadlula ethuneni. Ngakho-ke abantu abafile siyabakhum­bula.”

Umsobho uthe ujabule ukubona abalandeli bezimnyama befika ngobuningi, bephuma emazikweni ehlukene. Ubonge nosegolela ngokunyath­ela emzini wakhe, nezivakash­i ezidumile kwakhe ezimenze wamkhulu.

 ?? IZITHOMBE NGABE: MTAUNG PRODUCTION ?? NGUMBHISHO­BHI umbongisen­i Sokhabase kwembula itshe lesikhumbu­zo likanina kavusumuzi “Msobho” Sithole - ongomunye wabalandel­i bokuqina bepirates.
IZITHOMBE NGABE: MTAUNG PRODUCTION NGUMBHISHO­BHI umbongisen­i Sokhabase kwembula itshe lesikhumbu­zo likanina kavusumuzi “Msobho” Sithole - ongomunye wabalandel­i bokuqina bepirates.
 ?? ?? UMNDENI ubuhlangen­e kwembulwa itshe lesikhumbu­zo likanina kavusumuzi “Msobho” Sithole.
UMNDENI ubuhlangen­e kwembulwa itshe lesikhumbu­zo likanina kavusumuzi “Msobho” Sithole.
 ?? ?? NGABALANDE­LI bezimnyama abebezimaz­ise umsobho.
NGABALANDE­LI bezimnyama abebezimaz­ise umsobho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa