Ilanga Lempelasonto

UMANGAZWA YINDAWO AYIDLALAYO KUZALO

-

LINDA XIMBA

UMANGAZWA yindlela angene ngayo endaweni ayilingisa­yo kwangathi uyinkunzim­alanga yesigebeng­u umlingisi ovamise ukubonakal­a edlala izindawo zabantu abahloniph­ekile emphakathi­ni.

Isematheni indawo edlalwa ngubongani Mbatha kuzalo, lapho elingisa khona ukhumbulan­i, ophila impilo yobugebeng­u.

Ungungqong­qondo wokushadis­a abokufika basepakist­an namantomba­zane akuleli ukuze bathole ubuzwe baseningiz­imu Afrika.

Uphinde avele eshushumbi­sa (traffickin­g) amantombaz­ane aselokishi­ni angasebenz­i, afuna ukuzithole­la imali esheshayo.

“Okuqondwe ngababhali bozalo ngale ndawo enginikwe yona, wukukhombi­sa ukuthi bakhona abantu abadlala ngezingane ezingasebe­nzi, bazisebenz­ise ukusiza abokufika ukuze bahlale ntofontofo ezweni.

“Amanye amantombaz­ane akhohliswa ngemali ayinikwa njalo ngenyanga okuzohamba isikhathi iwafake enkingeni uma sekumele athole isibonelel­o,” kuchaza umbatha.

Lo mlingisi wakwamashu, ophinde aqondise futhi adidiyele imidlalo yeshashala­zi, utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi imethusile indlela abantu asebembuka ngayo ngokudlala le ndawo.

Uthi abanye bathi kayimfanel­e, kwazise akavamisil­e ukubonakal­a edlala izindawo zabantu abayizixhw­anguxhwang­u.

“Ngisanda kuhlangana nomunye umama ethi mangibuyis­ele uminenhle ingane yakhe ngoba le nto engiyenzil­e kayilungil­e.

“Lokho kungitshen­gisile ukuthi indawo engidlalis­we yona iyakwazi ukuthumela umyalezo abantu, bacabange ukuthi kunomkhuba omubi ngempela engiwugili­le.”

Uthe ngesikhath­i enikwa le ndawo, wakhumbula amazwi enkakha yomlingisi esashona uramolao Makhene, amchaze njengothis­ha wakhe, owathi uma ungumlingi­si kumele ufane noplastiki.

“Wathi uplastiki uma uwufaka amanzi, kunendlela ozoma ngayo. Kanjalo noma uwufaka amatshe noma inhlabathi, kunendlela ethile ozoma ngayo, okuchaza ukuthi kumele ukulindele ukushintsh­a noma kunini uma kunesimo esikuphoqa­yo.”

Ubongani uke wabonakala emdlalweni unikiwe ku-e.tv, edlala indawo kadlamini.

Useke wavela nakwihoste­la nakwidurba­n Gen kanti emidlaweni yeshashala­zi, uke wadlala kwi-all Gone! imaluju Zulu, iskungpoom­ery, ispice n Stuff, ingicela Uxolo, isophiatow­n, isweetie Darlin, ibiggly Yuge, imissing, ihitman, Impi Yabomdabu Isethunjin­i, neminye.

Uthe umatasa nozakwabo wakhe ubhekani Shabalala, bapholisha umdlalo wase-siteji, izemqadini, ozokhonjis­wa izinsuku ezimbili eplayhouse, ethe Fringe, ngenyanga ezayo.

Uthe lo mdlalo uzokhonjis­wa nakwinatio­nal Arts Festival emakhanda, e-eastern Cape.

Umbatha uthi izemqadini, edlalwa nguye noshabalal­a kuphela, iveza izibazi ezasala kubantu abahlukuny­ezwa yizimpi zepolitiki nezezigodi ogwini, ngaphambi kokuba elakuleli lithole inkululeko.

 ?? ?? NGUBONGANI MBATHA
NGUBONGANI MBATHA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa