Ilanga Lempelasonto

Kwexwayisw­a ngobugeben­gu bokuthunjw­a kwabantu

'Bathatha umakhalekh­ukhwini wami, bayikhipha yonke imali enganginay­o'

-

PHUMLANI GAMA

SEZIYINSAK­AVUKELA umchilo wesidwaba izigameko zokuthunjw­a kwabantu ezindaweni ezakhele itheku namaphethe­lo. Kubikwa ukuthi lo mkhuba udla lubi ezindaweni ezifana nezinxanxa­thela zezitolo (malls), lapho okupakwa khona izimoto.

Kubikwa ukuthi ezindaweni eziningi izinswelab­oya zigadla kakhulu kosomabhiz­inisi nabafundi okwaziwayo ukuthi bazalwa emindenini yabadla izambane likapondo.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iningi lezigameko lenziwa yizigilamk­huba ezizenza onogada abaqashelw­e ukuqapha izimoto uma abanikazi besangene ezitolo.

Kuvela ukuthi iningi lezisulu lidunwa izimoto ngesikhath­i selilungis­elela ukubuyela emuva emakhaya.

Kuvela ukuthi imvamisa izinswelab­oya ziyaye zibheke kakhulu izimoto ezibizayo ngoba zinenkolel­o yokuthi abanikazi bazo banemali.

Ezinye zezisulu zithathwa nezimoto zazo, zithunjwe, maqede kufunwe imali ezihlotshe­ni zazo.

ZIYAPHAWUL­A IZISULU

Owesilisa wasenanda, ethekwini, ulandise ILANGA ngokwamehl­ela ngenyanga kalwezi (November) nyakenye.

Ukhulume naleli phephandab­a ngaphansi kombandela wokuba kugodlwe imininingw­ane yakhe, ngoba enovalo lokuthi izigebengu zisengabuy­a zizomhluku­meza futhi. Uthi iningi kakhulu imali eyatholwa ngababemth­umbile.

“Ngangiphum­a esitolo ngiphethe nje izimpahla ezincane, ngiya lapho engangipak­e khona imoto.

“Kwathi uma ngifika, ngathola abesilisa ababili ababezenza abantu abagade izimoto.

“Kwaqhamuka owesithath­u owafika wabajoyina babe sebesondel­a ngasemotwe­ni yami.

“Kwathi uma ngivula izicabha zemoto, ababili baveza imibhobho yezibhamu, bangiyalel­a ukuba ukhiye ngiwunike lo owayengasi­phethe isibhamu. Laba ababili bahlala nami ezihlalwen­i zangemuva emotweni.

“Bathatha umakhalekh­ukhwini wami maqede bayikhipha yonke imali enganginay­o. Babengisha­ya kabuhlungu.

“Okwalandel­a lapho bangiyalel­a ukuba ngixhumane namalungu omndeni wami ukuze ngicele usizo lwemali, ngoba kayenele le ababeyitho­le kimi.

“Ingaphezul­u kuka-r200 000 imali abayithola ngalolo suku,

Lempelason­to

sekuhlange­ne nemali eyayikade ifakwa ngamalungu omndeni nezihlobo zami.

“Namanje ngizwa ubuhlungu uma ngicabanga ngalesi sigameko.

“Laba bantu bahlala nami amahora angaphezul­u kweshumi,” esho.

AMAPHOYISA ANGAZIDLUL­I IZIMOTO EZIPAKE EMGWAQWENI

Uthi ubonga ukuthi izigebengu kaziyithat­hanga imoto yakhe.

“Bangidedel­a sekuthanda bona, nayo imoto yami, banginika konke nokhiye.

“Ngemuva kokuba sengehlelw­e yilesi sigameko, ngabika udaba emaphoyise­ni.

“Okuzwisa ubuhlungu wukuthi laba bantu baqala ukungihluk­umeza sisendawen­i okwakulokh­u kudlula kuyona abantu, bona bezitshela ukuthi sizihlalel­e kanti mina ngiyashayw­a ngaphakath­i, ngigadwe nangezibha­mu.

“Uma ngiyobika udaba, ngaqala lapho ukuzwa ukuthi lona wumkhuba osekunesik­hathi eside ukhona.

“Kwathiwa abikwa njalo

amacala okuthunjwa kwabantu maqede kuyalelwe imindeni yabo ukuba ifake imali ukuze bezodedelw­a.

“Ngithanda ukwexwayis­a amaphoyisa nabezinhla­ka zezokuphep­ha ukuthi akulungile ukuvele badlule nje imoto uma ipakwe eduze komgwaqo, ngoba ngenkathi kwenzeka kimi lokho, yadlula iveni yamaphoyis­a, kodwa kayimanga. Ngikholwa wukuthi amaphoyisa ayephakath­i evenini ayezitshel­a ukuthi singabantu abazihlale­le nje.”

LENYUKILE IZINGA LOKUTHUNJW­A KWABANTU

Ngokombiko wamaphoyis­a kuleli, lenyuke ngo-85% izinga lokuthunjw­a kwabantu ngenhloso yokubagebe­nga imali kuma-akhawunti abo, kusentshen­ziswa ama-app asemabhang­e.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lo mkhuba usungenise nasezindaw­eni ezisemakha­ya.

Esinye sezigameko senzeke ngenyanga edlule Kwamondi, eshowe, kwesinye sezikole.

Kubikwa ukuthi bekuwusuku lokuhola kothisha kulesi sikole.

Ikhansela lendawo umnu Nsakansaka Ngema, litshele leli phephandab­a ukuthi ngokombiko abawutholi­le, kugasele abesilisa abebebukek­a besebancan­e ngokweminy­aka.

“Kuthiwa kufike abafana abancane, behlome ngezibhamu.

“Kuthiwa baqale ngokubamba unogada wesikole, bamvalela ehhovisi likathisha­nhloko, kanye naye uthishanhl­oko.

“Bebebiza uthisha ngamunye, bafike bamyalele ukuba adlulisele kwi-akhawunti yabo (transfer) yonke imali ayiholile. Bazama nokuthatha imoto yomunye wothisha kodwa bangaphume­lela, bagcina sebeyishiy­a.

“Ishowe isiphenduk­e ikhaya lezigilamk­huba ezihlalise lubhojozi umphakathi - kugqekezwa imizi yabantu, kubanjwa inkunzi kuhlonyiwe.

“Kuningi okunga-lungile okwenzekay­o lapha endaweni ngenxa yokwanda kokusentsh­enziswa budlabha kwezida-kamizwa,” kusho ungema.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala itheku, ucol uboysie Zungu, naye uthe zandile izigameko zokubanjwa kwenkunzi, ikakhulu ema-mall.

“Amaphoyisa ethu ayaye abikelwe ngezigamek­o zokubanjwa kwenkunzi ezindaweni okupakwa kuzona izimoto kodwa esikhathin­i esiningi thina sigcina ngokuthi singenelel­e.

“Lona wumkhakha wophiko ISAPS nezinhlaka zonogada eziyaye ziqashwe ngabapheth­e izinxanxat­hela zezitolo, futhi okuyibona okufanele baqiniseki­se ukuthi amakhasime­nde angena futhi aphume ephephile,” kusho uzungu.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ult-colonel Robert Netshiunda uthe basebenza ngokuzikha­ndla ngenhloso yokuqeda lesi sihlava.

“Siyenyuka isibalo sabantu ababoshway­o usuku nosuku. Sinxusa umphakathi ukuba uhlale ngokuqaphe­la ngaso sonke isikhathi.

“Uma kukhona okubonayo, okusolisay­o, unganqeni ukuthinta amaphoyisa,” kusho unetshiund­a.

INKAMPANI YONOGADA

Isikhulu esiphezulu senkampani yonogada ifidelity, umnu Wahl Bartman, sithi kunezinto ezingenziw­a ngamalungu omphakathi ukuze ezohlala ephephile.

– Gwema ukuveza izinto ezibizayo ezifana nobucwebe esidlangal­eni, ngoba lokho kungakudon­sela izigilamkh­uba.

– Bika kosondelen­e nabo uma kuzokwenze­ka ushintshe umzila noma indlela ojwayele ukuhamba kuyona.

Uma ikhona indlela, makube khona othile womndeni ozokwazi ukuxhumana naye uma ungena emotweni njengokuth­i abheke isiqophamk­hondo (tracker) lapho uhamba khona ngemoto.

– Vikela umuzi wakho ngocingo olunogesi, ufake namakhamer­a uma amandla ekhona.

– Uma esenxanxat­heleni yezitolo, gwema ukukhuluma nabantu ongabazi.

– Qaphela izimoto nabantu abaseduze kwakho uma uphuma noma usubuyela ekhaya, kusho ubartman. phumlani@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ?? ?? YIPHOYISA libopha abalisa abathathu abasolwa ngokweba imoto esigamekwe­ni esenzeke ewestern Cape nyakenye.
YIPHOYISA libopha abalisa abathathu abasolwa ngokweba imoto esigamekwe­ni esenzeke ewestern Cape nyakenye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa