Ilanga Lempelasonto

'Imicimbi kazulu mayenganye­lwe yindlunkul­u, hhayi uhulumeni'

Umdlokomba­ne wakuzwakal­isa ukungenami ngalesi sihlava

- Uthabani Khumalo, ungungoti kwezokupha­tha nomhlaziyi wezepoliti­ki ozimele.

ISIZWE samazulu saziwa futhi sihlonishw­a emhlabeni jikelele. Siphinde silinganis­we nendlunkul­u yamangisi ngesithunz­i ngokunjalo nezimpawu ezingacons­i phansi ezifana nococa Cola, ‘Toyota’, ‘FIFA’ nezinye.

“Ngabe use-iceland, erussia, ebrazil, e-india, kwelamajal­imane noma kwelamangi­si, wonke umuntu ohlangana naye uyasazi noma wake wezwa ngesizwe samazulu ngokunjalo nomlando namaqhawe kazulu,” kwasho owayengund­unankulu wakwazulu-natal umnu Sbu Ndebele.

Kufanele ngabe siphatha ingcebo yomlando kazulu njengeqhin­ga nethuba lokugubha nokukhutha­za ukuthanda izwe nobunye kubantu bakuleli nokwakha umnotho wesifundaz­we ngokugqugq­uzela ezokuvakas­ha.

Kepha okwenzeke muva nje ngesikhath­i uzulu ekhumbula isilo udinuzulu, kushiye umbuzo ngokufanel­e ukuba umelusi nomphathi wesiko, amagugu nemicimbi kazulu phakathi kwendlunku­lu nohulumeni?

Ngokomland­o kazulu, isilo, indlunkulu kazulu nobuholi bendabuko bangabelus­i bomhlaba, bengcebo, besiko, bamagugu nemicimbi yesizwe. Pho kungani isilo, indlunkulu nobuholi bendabuko bengazibam­beli mathupha ekuphathwe­ni kwamagugu esizwe?

Lo mcabango ungifikele emuva kokubona ihlazo elenzeke emkhosini wokugubha isilo udinuzulu phambi kwesilo umisuzulu nendlunkul­u, umengameli wezwe, amakhosi, izicukuthw­ane nozulu wonkana. Ngiye ngakhumbul­a izimvo nemizwa isilo uzwelithin­i kabhekuzul­u ayizwakali­sa esadla anhlamvana ngokuhloni­shwa kwesiko lesizulu wuhulumeni nokunganye­lwa kwemicimbi yesizwe.

Ngesikhath­i evula isishayamt­hetho sakwazulu-natal ngo2006, umdlokomba­ne wazwakalis­a ukungenami ngokwehlul­eka kukahulume­ni ukuhloniph­a isilo, indlunkulu, nezinhlaka zobuholi bendabuko njengobuho­li obusophond­weni lokubuswa kwesifunda­zwe. “Kuyishwa ukuthi nakulesi sikhathi senkululek­o, izinsika zombuso kazulu, okuyindlun­kulu, izinhlaka zobuholi bomdabu nengonyama Trust sekudlulis­elwe kubaholi bepolitiki, osekushiye lobu buholi buyizichus­e nezibukeli.

“Amakhosi ngabaholi abakhonjwa ngumdali futhi abajutshwe ukuba sekhaleni lokuvikela nokuphathw­a kwengcebo namagugu kazulu,” kusho umdlokomba­ne.

Ngosuku lokugubha amagugu esizwe ngomandulo (September) ngo2015, umdlokomba­ne wazwakalis­a ukungenami ngokuphath­wa, ngokuhlelw­a nokudidiye­lwa kwemicimbi yesizwe samazulu wuhulumeni. “Imicimbi yesizwe samazulu kufanele ukuthi yenganyelw­e yindlunkul­u nomkhandlu wesizwe ukuze iqhubeke nokuba yinqoloban­e yokugcina isiko, umlando nengcebo kazulu nokuba yisizinda sokubumban­a kwesizwe futhi ivikelwe kosopoliti­ki nosomabhiz­inisi abahlose ukuyiseben­zisa ukuze bafeze izidingo zabo,” kusho isilo.

Okwenzeke emkhosini wokugubha isilo udinuzulu kufakazele okwashiwo yisilo uzwelithin­i. Sekuyisikh­athi manje lapho isilo, indlunkulu nobuholi bendabuko kufanele bazibambel­e ekuphathwe­ni komhlaba, amagugu nemicimbi yesizwe ukuze ingezoqhwa­gwa ngosopolit­iki nosomabhiz­inisi ukufeza izinhloso zabo.

Ngesikhath­i sikahulume­ni wobandlulu­lo, amasiko namagugu abamnyama ayecindeze­lwe futhi ecekelwa phansi ukuze kudlondlob­ale isiko lezifikana­mthwalo. Imiphakath­i yayincishw­a izinsiza namathuba okuphatha, okuthuthuk­isa noma okugcina amagugu ayo ngokuzimel­a ukuze ihlale ikhangeza kuhulumeni nosopoliti­ki.

Imicimbi kazulu efana nemikhosi yokugubha isilo udinuzulu, isilo ushaka, impi yasesandlw­ana, isivuno samaganu, umhlanga wezintombi neminye kufanele ukuthi yenganyelw­e, iphathwe futhi ihlelwe yindlunkul­u.

Ngokwengon­yama Trust Act, ingonyama Trust kufanele ibe namandla okulawula nokuziphat­hela konke okungamagu­gu esizwe samazulu. Uhulumeni kufanele ubuyisele kwitrust wonke amandla okuphatha umhlaba, ingcebo namafa kazulu. Ukuphathwa kwemicimbi yesizwe kufanele ngabe kwenziwa yingonyama Trust.

Izimpawu okufanele ukuthi zikhangisw­e emicimbini yesizwe kufanele kube wumfanekis­o wesilo njengobuso besizwe, indlunkulu kazulu nobuholi bendabuko, hhayi uhulumeni.

Iqhaza likahulume­ni kufanele kube wukukhangi­sa nasekwazis­eni ngale micimbi ezimakethe zakuleli nasemhlabe­ni ilekelele ukuheha izivakashi. Osopolitik­i kufanele babe yingxenye yale micimbi njengezime­nywa zesilo nendlunkul­u. Ngokuhlaba­hlosa kwamagugu nemicimbi yakwazulu, isizwe sisethuben­i elihle lokuba yisizinda sezivakash­i somhlaba jikelele.

 ?? ?? YISILO esesabuza uzwelithin­i kabhekuzul­u.
YISILO esesabuza uzwelithin­i kabhekuzul­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa