Abaculi mabafunde ukuhlonipha abalandeli abasuke bekhokhile emicimbini
MHLELI: Kunento eyangiphatha kabuhlungu nomndeni wami eyenzeka ngoncibijane yokuthi unyaka okhozini FM wehlukaniswe ngukhuzani “indlamlenze” Mpungose ngengoma engangingakaze ngiyizwe futhi namanje engingafuni ngisho ukuyazi ukuthi sithini isihloko sayo.
Lokhu kwakudalwa wukuthi mina nendlu yami sasilindele ukuthi ozonqoba uzophuma phakathi kweparis kamthandeni “igcokama Elisha” Manqele nolwah Ndlunkulu kumbe ekadj Thukzin ethi, iplan.
Kamuva ngabona ezinkundleni zokuxhumana ababesekhaleni lomkhankaso kakhuzani bezeseka ngokuthi kabasoze bakuvuma ukuchanyelwa emakhanda yigcokama.
Nakuba ngabagxeka ngenhliziyo laba balandeli bakakhuzani ngale nto abayenza yokusephuca ubumnandi kodwa namuhla sengihambisana nabo. Le nsizwa yakwamanqele impela sengimdibi munye nalaba abangayifiseli into enhle kulo mkhakha womculo ngenxa yokuziphatha kwayo okungathandeki kimina.
Isenzo sayo sangomgqibelo emcimbini imother of All Maskandi Festival obusepeople's Park, emoses Mabhida Stadium, ethekwini, singenze ngabona ukuthi iwucuphuchuku, unontandakubukwa ongakhathalele ukugcina igama lakhe lilihle emphakathini, ikakhulukazi kulabo abangenendaba naye nokhuzani.
Sasimagange nesasihamba nabo ukumuzwa eshaya bukhoma iparis emuva kokuchazwa ngulwah owayicula ehamba yedwa ngesikhathi eqashwe kwi-all White Picnic ebise-icc muva nje, kodwa ukungafiki kwakhe ngesikhathi ayebekelwe sona kwasenza sabona ukuthi ufuna ukwenza lokhu asedume ngakho, kokona imicimbi yabantu.
Kwaba sengathi siyabhula kulo mcimbi nalabo ebengihamba nabo ngoba savumelana ngokuthi njengoba sekuqala umcimbi we-top 30 nje, igcokama lizoqhamuka selifuna ukunakwa lodwa. Nangempela lenza ngqo lokhu esasikubhekile.
Omunye esasihamba naye waze walifanisa neqembu lezepolitiki lamabherethi abomvu 'ngokuhlala liphazamisa inkulumo kamengameli ebhekiswe esizweni'.
Lokhu okwenziwe yigcokama kuwukungabahloniphi abalandeli abasebenzisa imali yabo abayizuza kanzima ukuthenga amathikithi. Umuntu owayefuna ukubuka izimenywa kuphela kulo mcimbi, besehamba uma sekuqala i-top 30 ngoba ephuthuma emsebenzini noma kwezinye izindawo, walimala ngesenzo salo mculi sokufika ngesikhathi esithandwa nguyena.
Impela uma ingawuyeki lo mkhuba wayo le nsizwa, ngiyacela ukuthi nokhuzani aqhubeke nokuyivuzisa igazi emakhaleni ngokuyehlula ngaso sonke isikhathi uma beqhathwe ndawonye evotini, ayikhombise ukuthi ubudlova kabusebenzi, kusebenza isisoka kubantu abavota besebenzisa imiqondo.
Nami nje isenzo salo mculi singiphonse ezingalweni zikakhuzani, esengizohlala ngihamba naye uma beqhathwe ndawonye yize engeyena umculi oyimfivilithi yami njengoba ngizithandela kakhulu umculo wokholo, yize-ke ngingawexwayi nokamaskandi othandwa kakhulu ngabangani bami.