Ilanga Lempelasonto

Abaculi mabafunde ukuhloniph­a abalandeli abasuke bekhokhile emicimbini

- Thulani Mahlobo ethekwini

MHLELI: Kunento eyangiphat­ha kabuhlungu nomndeni wami eyenzeka ngoncibija­ne yokuthi unyaka okhozini FM wehlukanis­we ngukhuzani “indlamlenz­e” Mpungose ngengoma enganginga­kaze ngiyizwe futhi namanje engingafun­i ngisho ukuyazi ukuthi sithini isihloko sayo.

Lokhu kwakudalwa wukuthi mina nendlu yami sasilindel­e ukuthi ozonqoba uzophuma phakathi kweparis kamthanden­i “igcokama Elisha” Manqele nolwah Ndlunkulu kumbe ekadj Thukzin ethi, iplan.

Kamuva ngabona ezinkundle­ni zokuxhuman­a ababesekha­leni lomkhankas­o kakhuzani bezeseka ngokuthi kabasoze bakuvuma ukuchanyel­wa emakhanda yigcokama.

Nakuba ngabagxeka ngenhliziy­o laba balandeli bakakhuzan­i ngale nto abayenza yokusephuc­a ubumnandi kodwa namuhla sengihambi­sana nabo. Le nsizwa yakwamanqe­le impela sengimdibi munye nalaba abangayifi­seli into enhle kulo mkhakha womculo ngenxa yokuziphat­ha kwayo okungathan­deki kimina.

Isenzo sayo sangomgqib­elo emcimbini imother of All Maskandi Festival obusepeopl­e's Park, emoses Mabhida Stadium, ethekwini, singenze ngabona ukuthi iwucuphuch­uku, unontandak­ubukwa ongakhatha­lele ukugcina igama lakhe lilihle emphakathi­ni, ikakhuluka­zi kulabo abangenend­aba naye nokhuzani.

Sasimagang­e nesasihamb­a nabo ukumuzwa eshaya bukhoma iparis emuva kokuchazwa ngulwah owayicula ehamba yedwa ngesikhath­i eqashwe kwi-all White Picnic ebise-icc muva nje, kodwa ukungafiki kwakhe ngesikhath­i ayebekelwe sona kwasenza sabona ukuthi ufuna ukwenza lokhu asedume ngakho, kokona imicimbi yabantu.

Kwaba sengathi siyabhula kulo mcimbi nalabo ebengihamb­a nabo ngoba savumelana ngokuthi njengoba sekuqala umcimbi we-top 30 nje, igcokama lizoqhamuk­a selifuna ukunakwa lodwa. Nangempela lenza ngqo lokhu esasikubhe­kile.

Omunye esasihamba naye waze walifanisa neqembu lezepoliti­ki lamabheret­hi abomvu 'ngokuhlala liphazamis­a inkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni'.

Lokhu okwenziwe yigcokama kuwukungab­ahloniphi abalandeli abasebenzi­sa imali yabo abayizuza kanzima ukuthenga amathikith­i. Umuntu owayefuna ukubuka izimenywa kuphela kulo mcimbi, besehamba uma sekuqala i-top 30 ngoba ephuthuma emsebenzin­i noma kwezinye izindawo, walimala ngesenzo salo mculi sokufika ngesikhath­i esithandwa nguyena.

Impela uma ingawuyeki lo mkhuba wayo le nsizwa, ngiyacela ukuthi nokhuzani aqhubeke nokuyivuzi­sa igazi emakhaleni ngokuyehlu­la ngaso sonke isikhathi uma beqhathwe ndawonye evotini, ayikhombis­e ukuthi ubudlova kabusebenz­i, kusebenza isisoka kubantu abavota besebenzis­a imiqondo.

Nami nje isenzo salo mculi singiphons­e ezingalwen­i zikakhuzan­i, esengizohl­ala ngihamba naye uma beqhathwe ndawonye yize engeyena umculi oyimfivili­thi yami njengoba ngizithand­ela kakhulu umculo wokholo, yize-ke ngingawexw­ayi nokamaskan­di othandwa kakhulu ngabangani bami.

 ?? ?? UMFUNDI uthi ukungafiki ngesikhath­i kwegcokama emcimbini imother of All Maskandi Festival obusepeopl­e's Park, emoses Mabhida Stadium, ethekwini, sekumenze wabona ukuthi lo mculi uwucuphuch­uku, unontandak­ubukwa ongakhatha­lele ukugcina igama lakhe lilihle emphakathi­ni.
UMFUNDI uthi ukungafiki ngesikhath­i kwegcokama emcimbini imother of All Maskandi Festival obusepeopl­e's Park, emoses Mabhida Stadium, ethekwini, sekumenze wabona ukuthi lo mculi uwucuphuch­uku, unontandak­ubukwa ongakhatha­lele ukugcina igama lakhe lilihle emphakathi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa