Ilanga Lempelasonto

Makwenziwe isibonelo ngabazixeb­ulela umkhoma emalini yabakhokhi bentela

-

IZINSOLO zenkohlaka­lo ezijwayele ukugubuzel­a isikhwama sikahulume­ni sokusiza abafundi abafunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, inational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), zenza umuntu azibuze ukuthi, engabe kwakhala nyonini ezikhulwin­i zikahulume­ni eziphathis­wa inkece yomphakath­i. Sikusho lokhu ngoba cishe zonke izinhlaka zombuso ezengamela noma ezaba imali yabakhokhi bentela, zijwayele ukulandelw­a yiphunga lenkohlaka­lo. Ukukha nje phezulu, singabala lapha i-unemployme­nt Insurance Fund nenational Lotteries Commission (NLC).

Izikhulu ZENLC nababengam­alungu ebhodi yabaqondis­i bayo, bakhonjwa indlela eminyakeni edlule, emuva kokutholak­ala kokuthi babexebula umkhoma kule nhlangano, omsebenzi wayo kuwukuxhas­a ngenkece izinhlaka zomphakath­i.

Uma sibuyela KWINSFAS, ngolwesine ungqongqos­he wemfundo ephakeme udkt Bonginkosi Nzimande uhlakaze ibhodi labaqondis­i balesi sikhwama wasifaka ngaphansi komlawuli. Ukwenze lokhu emuva kokuba ngalo ulwesine, usihlalo webhodi LENSFAS umnu Ernest Khosa, obekade emisiwe emsebenzin­i ngenxa yezinsolo zenkohlaka­lo, esulile kulesi sikhundla.

Kulindelek­e ukuba unzimande achazele izwe esigcawini sabezindab­a ngesonto (kusasa), ukuthi kungani ethathe isinyathel­o sokuxosha abaqondisi. Noma engakachaz­i umphepheth­e, sekuwumlan­do ukuthi lesi sikhwama, njalo ngonyaka esabelwa amabhiliyo­ni amarandi emali yomphakath­i, selokhu sasungulwa silandelwa yiphunga lenkohlaka­lo nokungapha­thwa ngendlela kwemali yabakhokhi bentela.

Enye yezinkinga ezinkulu zalesi sikhwama, wukuhlulek­a kwaso ukuhlonza abafundi okufanele bahlomule kusona, sibuye sikhokhele abantu okungafane­le bahlomule kusona.

Okulahlisa ithemba ngokwebiwa kwemali yizikhulu nabangani bazo ezinhlaken­i zombuso, wukuthi sekuphele iminyaka eminingi uhulumeni wenza izithembis­o zokuthi uzowuqeda lo mkhuba, nokuthi abawenzayo bazoboshwa, bajeziswe, kodwa lokhu kakwenzeki. Empeleni izikhulu eziboshwa, zijeziswe ngamacala azo kuleli lizwe lethu, zisuke zineshobol­o ngoba iningi lamasela liyazichan­asela nje, kalenziwa lutho.

Noma singenalo ithemba lokuthi ubusela buyoke buqedwe emazingeni kahulumeni, ngeke sithule, singakhuth­azi ukuthi abenzi bobubi kumele bajeziswe, kwenziwe ngabo izibonelo.

Nakulolu daba LWENSFAS, sethemba ukuthi unzimande uzomemezel­a ukuthi zinyathelo zini umnyango wakhe osuzithath­ile ukukhalima ubusela, nokuthi bazokwenzi­wa njani abasolwa ngokuzitap­ela emalini yethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa