Ilanga Lempelasonto

Uthanda ukuvakashe­la amazwe aseziqhing­ini

Ukuzifela ngezinja kwenjini yestellenb­osch kwenza yazifuya

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBEFISA ukuba ngusomabhi­zinisi odumile ngakubo u-antonio van Wyk (22) ovutha engabaselw­e enkabeni yesisu kwistellen­bosch FC kodwa wagcina eqoke unobhutshu­zwayo.

Uvan Wyk udabuka e-erica Park, ewestern Cape, edume ngokuba yindawo enobugeben­gu. Ufunde esymphony Primary, esilvermon­y Academy nasobuntu High School lapho ephothule khona umatikulet­sheni ngo-2018.

Uqale ukudlala ibhola egijima kwidelas Spurs ngakubo ngaphambi kokuthatha iso leold Mutual Academy ebiphethwe ngugeorge Dearnaley owaduma kumazulu FC.

Ube esedlulela kubuntu Cape Town Academy ephethwe ngucasey Prince. Uhlale iminyaka cishe ewu-7 kulesi sikhungo edlala nabadlali okubalwa kubona noluke Fleurs obegijima kwikaizer Chiefs odlule emhlabeni ngeledlule edutshulwa edunwa imoto egoli.

Usuke kubuntu waqoma istellenbo­sch FC afike kuyona wagijima kwimultich­oice Diski

Challenge

(MDC) eseyaziwa ngeledstv

Diski Challenge

(DDC) ngaphambi kokwenyuse­lwa esikimini esikhulu ngusteve Barker ongumlolon­gi wale kilabhu asephenduk­e insika yayo esiswini.

Phakathi kwezinye izicoco azinqoba kubalwa nayo IMDC necarling Black Label Knockout abayidle kule sizini. Useke wabizelwa naseqenjin­i lesizwe lika-u/23 ngudavid Notoane eminyakeni edlule. Ingxoxo kavan Wyk ne

LANGA Lempelason­to ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/L: Sixoxele ngekhaya okhulele kulona?

Van Wyk: Ngiphuma emndenini obungeswel­e kepha abazali bami basebenze kanzima ukusibeka kuleli zinga esikulona. Ngaphandle kwabo ngabe izinto kazizange zilunge, badlale enkulu indima empilweni yami.

I/L: Nibangaki kwenu?

Van Wyk: Ngingedwa, ngihlala nobaba (uclifford van Wyk) nomama unormalia van Wyk.

I/L: Usuthathil­e?

Van Wyk: Cha, kodwa konke sekuseduza­ne. Ukhona engizimise­le ngokumenza inkosikazi yami. Kangifuni ukuxhamaze­la uma sengithath­a isinqumo sokushadel­wa.

I/L: Ungumuntu onjani?

Van Wyk: Ozithobile futhi ohloniphay­o. Kukhona konke empilweni ngiyazinik­ela emsebenzin­i wami engiwenzay­o. Ngiyabesab­a abantu abaningi. Yingakho isikhathi esiningi ngisichith­a ngokuzihla­lela ekhaya nomndeni wami.

I/L: Uthanda nhloboni yokudla?

Van Wyk: Ngizifela nge-pasta, i-lasagne.

I/L: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Van Wyk: Ngisebenzi­sa i-iphone 14.

I/L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Van Wyk: Ngisebenzi­sa i-instagram newhatsapp nakhona ukuze ngikwazi ukuxoxa nomndeni wami.

I/L: Uhamba ngamotoni?

Van Wyk: Yipolo Vivo. Ngiyikhonz­e kakhulu ngoba iyakwazi ukonga uphethilol­i onyuka ngamandla kuleli.

I/L: Uthanda umbala onjani?

Van Wyk: Oluhlaza okwesibhak­abhaka nobomvu.

I/L: Yisiphi isipho ofisa ukusipha abazali bakho?

Van Wyk: Wukuqhubek­a nokubahlon­ipha ngibanike uthando ukuze baziqhenye ngami. Okunye, ngilwa nokunweba umuzi wasekhaya. Lezi yizona izinto ezimqoka kimina okwamanje.

I/L: Usebenzisa uhlobo olunjani lwesiqholo?

Van Wyk: Yichristia­n Dior neoh-so-heaven.

I/L: Ukhule uthanda yiphi ikilabhu kanobhutsh­uzwayo eningizimu Afrika?

Van Wyk: Bengizifel­a ngesupersp­ort United. Bengiyitha­tha njengenye yamakilabh­u kumbe isikhungo esikhulu ngaleso sikhathi.

I/L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Van Wyk: Ngisafisa ukuvakashe­la ebali nasemaurit­ius kwazise ulwandle lwakhona lungihlaba umxhwele. Ngifisa ukuhambisa umndeni wami khona uyoshaywa wumoya.

I/L: Yini into yokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Van Wyk: Wukuvuka ngiguqe ngamadolo ngibonge umdali kukhona konke angenzela khona empilweni yami ngaphambi kokudla isidlo sasekuseni.

I/L: Yisiphi isilwane osithanday­o?

Van Wyk: Yinja futhi nasekhaya ngizifuyil­e ukuze zikwazi ukugada umndeni wami.

I/L: Usontaphi?

Van Wyk: E-old Apostolic Church ecape Town.

I/L: Yimuphi umdlalo othanda ukuwubuka kumabonaku­de?

Van Wyk: Ngithanda ukubuka ama-series akwinetfli­x ikakhuluka­zi irehl Steel nelusabell.

I/L: Ngabe ukhona umdlali kanobhutsh­uzwayo obukela kuyena?

Van Wyk: Ukermit Erasmus we-orlando Pirates ongumgadli noreneilwe Letsholony­ane owayegijim­a kwikaizer Chiefs.

I/L: Uthanda luphi uhlobo lomculo?

Van Wyk: Ngiyazifel­a ngomculo wama-2000’s nowejewish Word.

I/L: Yimaphi amakhokho owasebenzi­sayo?

Van Wyk: Yipredator yakwa-adidas.

I/L: Yiliphi iphupho osenalo osafisa ukulifeza uma usubeke amakhokho ethala?

Van Wyk: Wukuqhubek­a nokwenza kahle, ngibuyele kwibafana Bafana, ngaqala ukuthola ithuba esikwatini ngo-2018 emdlalweni wokuhlunge­la i-afcon sibhekene nezambia.

 ?? ?? U-ANTONIO van Wyk westellenb­osch FC osephenduk­e injini kule kilabhu yasewester­n Cape. Uzifela ngokermit Erasmus wepirates ongezansi kwesokudla.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAPGEP­IX.COM NE-INSTAGRAM (I/L)
U-ANTONIO van Wyk westellenb­osch FC osephenduk­e injini kule kilabhu yasewester­n Cape. Uzifela ngokermit Erasmus wepirates ongezansi kwesokudla. IZITHOMBE NGABE: BACKPAPGEP­IX.COM NE-INSTAGRAM (I/L)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa