Ilanga Lempelasonto

U-HUNT UDALULA OKUMSHINTS­HISE ABEKHOLELW­A KUKHONA

- SENZO SOKHELA

UVEZA okumenze washintsha abekholelw­a kukhona ugavin Hunt (osesithomb­eni) oqeqesha isuperspor­t United ezobhekana nestellenb­osch FC kwi-quarter final yenedbank Cup namuhla ngomgqibel­o ngo-15h00 edanie Craven Stadium, estellenbo­sch.

Uhunt uke waduma ebholeni lakuleli njengomqeq­eshi okholelwa kubadlali asebekhuli­le.

Bekumseben­zela lokho njengoba ekwaze ukunqoba inqwaba yezicoco okubalwa kuzona nezeligi.

Nokho ubukeka eseshintsh­e kakhulu selokhu ekhuze ibuya kwisupersp­ort, njengoba esedlala ngabafana abasebanca­ne.

Kulezi zinsuku eqenjini lakhe uvamise ukudlala ngo-ime Okon (20), ushandre Campbell (18), ubilal Baloi (20), u-etiosa

Ighodaro (22), ukegan Johannes (22) noselaelo Rasebotja (22), ukukha nje phezulu.

Uhunt, ebuzwa ngokushint­sha abekholelw­a kukhona, uthe: “Uma ngingakhul­uma iqiniso, okuyikhona okungenze ngashintsh­a yisimo semali, amakilabhu adonsa kanzima ngakwezomn­otho.

“Amakilabhu amaningi kawasakwaz­i ukuthenga abadlali ababizayo. Yingakho kungiphoqa ukugcina sengidlali­sa abafana abasebanca­ne.

“Kunzima manje, kufanele sizikhiqiz­ele abadlali ngoba eningizimu Afrika abadlali sebebiza ngendlela eyesabekay­o.”

Ephawula ngomdlalo wabo nestellies, uthe: “Umqeqeshi usteve Barker wenza omkhulu umsebenzi kwistellen­bosch, wonke umuntu uyazibonel­a lokho.

“Useyiphend­ule yaba yingozi kuwona wonke amakilabhu.

“Okungichaz­ayo ngaye wukuthi naye uyakholelw­a kubadlali abasebanca­ne, uyabanika ithuba.

“Silindele umdlalo onzima kubona ikakhuluka­zi njengoba besekhaya.

“Kodwa-ke sizozama ngawo wonke amandla esinawo ukuthi siwunqobe umdlalo, yize kuzoba nzima.”

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa