Ilanga Lempelasonto

UMOTAUNG UQINISEKIS­A EYOMQEQESH­I OMUSHA EZIMPOFANE­NI

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUVELA amagama abaqeqeshi abanohlonz­o ohlwini lwabagaqel­e isikhundla esiqhoqhob­elwe ngucavin Johnson kwikaizer Chiefs ebhinjelwa yizinto kulezi zinsuku.

Kumagama ahamba phambili ngelikaben­nie Mccarthy okwimanche­ster United, okubikwa ukuthi abaphathi bayo bamanqika ukwelula inkontilek­a yakhe kule kilabhu eyintandok­azi emhlabeni.

Abanye abavelayo ngupitso “Jingles” Mosimane okwi-abha Club yasesaudi Arabia, naye izinto ezingamham­beli kahle selokhu ethathe izintambo.

Kawasali namagama ojose Peseiro waseportug­al, unasreddin­e Nabi wasetunisi­a, uraul Caneda wasespain, uvanderlei Luxemburgo no-alexander Gallo basebrazil Brazil, nomanqoba Mngqithi okwimamelo­di Sundowns.

Ngemuva kwenkonzo yesikhumbu­zo sikaluke Fleurs, ukaizer Jnr Motaung oyisportin­g Director , futhi oyindodana kakaizer Motaung, uveze kwabezinda­ba ukuthi noma kanjani le kilabhu izokuba nomqeqeshi omusha ngokuqala kwesizini.

Uthe kakukhatha­lekile ukuthi usukaphi futhi uhola malini kwazise bafuna ukuyibumba kabusha njengoba ingenzi kahle kuyona yonke imidlalo.

“Sizimisele ngokuguqul­a izinto ngesizini ezayo. Siqale ngesizini edlule ukubheka umqeqeshi, kepha hhayi yena yedwa, sifuna ithimba lonke labaqeqesh­i.

“Kasifuni ukuxhamaze­la ngesinqumo,” kusho umotaung.

Uqhube wathi inombolo yejezi likafleurs (26) ngeke isasetshen­ziswa kule kilabhu ukuhloniph­a lo mdlali odlule emhlabeni kabuhlungu ngesandla sabasolwa abavelile izolo ngolwesihl­anu ekuseni enkantolo enkulu yaseroodep­oort.

Utheo Fleurs, onguyise kaluke, uthe ubenesifis­o sokubona abasolwa njengoba ethi bafana nabantu abamephuce iqatha emlonyeni, kwazise lo mdlali ubewusizo olukhulu emndenini.

Uthe ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko, naye ubeyotheng­a egalaji lokwetha uphethilol­i ecape Town, wabona ngendlela okuthule ngayo endlini ukuthi kukhona okushaya amanzi.

Uthi kuthe izingane zimazisa ngokwenzek­ile wazizwa ephelelwa ngamandla.

 ?? ?? mfanafuthi­n@ilanganews. co.za
mfanafuthi­n@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa