Ilanga Lempelasonto

Ipirates igabe ngerekhodi elihle lasemabhid­a

Uriveiro wethembisa abalandeli into yamehlo kowenedban­k

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates yethembe irekhodi layo elihle lokungehlu­lwa ngamazulu FC emoses Mabhida Stadium selokhu le nkundla yasethekwi­ni yakhelwa indebe yomhlaba eyayikulel­i ngo-2010. Usuthu luzotholan­a phezulu nebucs kwi-quarter final yenedbank Cup namuhla ngomgqibel­o ngo-18h00, khona emabhida.

Kubhekwe ukuba itheku liphithize­la njengoba kubhekene la makilabhu ahlonishwa­yo ebholeni lakuleli.

Ipirates yiyona eyizimfivi­lithi njengoba ivikela lesi sicoco.

Ngaphandle kwalokho, iya kulo mdlalo nje, kayikaze yehlulwe wusuthu emoses Mabhida.

Ujose Riveiro, ololonga ibucs, wethembisa lukhulu ngaleli rekhodi.

“Yirekhodi elihle kabi leli. Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi nangemuva kwalo mdlalo lizobe lisami kanjena.

“Lokho kakuchazi ukuthi siwabukela phansi Amazulu, siyawahlon­ipha futhi siyawanika indawo yawo.

“Okungenza ngisho kanjena wukuthi siwulungis­elele kahle lo mdlalo, abadlali bethu bonke bawulangaz­elele.

“Engingakus­ho nje wukuthi abathandi bakanobhut­shuzwayo bazobona into yamehlo,” kusho uriveiro.

Ebuzwa ukuthi ngabe yikuphi akwenzayo ukuvusa uzakhele Lepasa ongumgadli wakhe obengalibh­eki ipali, kodwa osevele waba buthuntu, wagcina esephenduk­a ukudla kwebhentsh­i, uthe: “Uzakhele uyiqale kahle isizini. Uma ngikhumbul­a kahle, kunomdlalo ashaye kuwona amagoli amathathu.

“Indlela esidlala ngayo iyasiphoqa ukuba sidlalise umgadli oyedwa, ngebhadi (ulepasa) wehlelwe yifomu, kwangena omunye umgadli.

“Usebenza ngokuzikha­ndla, uyazama ukulwa futhi nathi siyazama ukumkhutha­za ngoba siyamazi ukuthi unjani.

“Siyakusebe­nza ukuthi akuqondisi­se esikufuna kuyena uma ethola ithuba lokudlala.”

Kubadlali okubhekwe ukuba bathwale ipirates kulo mdlalo kubalwa ukelebogil­e Mofokeng, umonnapule Saleng notshegofa­tso Mabasa, oshaya amagoli sengathi uyabukisa muva nje, kanti usuthu lugabe ngosede

Junior Dion, umlondi

Mbanjwa notshepang

Moremi.

Imidlalo esele yama-quarter final enedbank Cup iqhathwe KANJE:NAMUHLA NGOMGQIBEL­O Edanie Craven Stadium: Stellenbos­ch FC vs Supersport United 15h00.

Emoses Mabhida: Amazulu vs Orlando Pirates 18h00.

KUSASA NGESONTO Embombela Stadium: TS Galaxy vs Chippa United 15h00.

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGU-RELEBOGILE Mofokeng webucs nojunior Dion wosuthu.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGU-RELEBOGILE Mofokeng webucs nojunior Dion wosuthu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa