Ilanga Lempelasonto

ZIZOQASHWA NGESO LOKHOZI IZINTATHEL­I NGEZINSUKU ZOKHETHO

- PHUMLANI GAMA

IZOKUBHEKA ukusebenza nokuziphat­ha kwezintath­eli zemikhakha eyehlukene inhlangano yabahleli bezindaba Kwazulunat­al, isouth African National Editors Forum (SANEF).

Umgqugquze­li wale nhlangano EKZN, ujudy Sandson, uthe kwesinye isikhathi ayenzeka amaphutha, kodwa ngokujwaye­lekile, le nhlangano nabemithom­bo yezindaba eyehlukene babika kahle kakhulu ngokhetho.

Uthe ngaphandle kokubheka ukusebenza nokuziphat­ha kwezintath­eli, bayanxusa ukuthi nabaholi bezombusaz­we balihlonip­he iqhaza labezindab­a ekubikeni ngokhetho.

Iningizimu Afrika izobamba ukhetho lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe ngomhla ka-29 kunhlaba (May) nonyaka.

“Ukubika kwabezinda­ba kulawulwa yizigaba zomthetho olawula ukuphathwa kwezwe lakuleli.

“Sinxusa amaqembu ezombusazw­e ukuba adedele abezindaba ukuba babike izindaba ngokukhulu­leka ngaphandle kokusatshi­swa nokuhlukun­yezwa.

“Abezindaba kuwumseben­zi wabo ukubika ngakho konke okwenzekay­o. Sizozibhek­a nezintathe­li, ikakhuluka­zi lezo ezijutshwe ezindaweni okwaziwayo ukuthi zinodlame kakhulu.

“Kuyaziwa ukuthi lapha Kwazulu-natal, phambilini kuke kwaba nezigameko zokusatshi­swa kwezintath­eli. Konke lokho sizokubhek­a,” esho.

Uthe zikhona izinhlaka okufakwa kuzona izikhalo uma kunokungag­culiseki kwabathile ngokubika kwezintath­eli.

“Njengabo osopolitik­i, nezintathe­li kuyenzeka ziphambuke, kodwa lokho kakusho ukuthi kufanele zenze amaphutha ngoba zikhona izinyathel­o ezingathat­helwa zona, kusentshen­ziswa izinhlaka zezomtheth­o.

“Kunohlaka olubizwa ngokuthi yipress Council, IBCCA NE-ICASA okuyizinhl­aka ezinemithe­tho eqinile elawula ukuziphath­a kwezintath­eli,” kuphetha usandson.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa