Ilanga Lempelasonto

Uzimdollar ubenemibuz­o ngokushiyw­a ngaphandle emdlalweni umkhokha

Uthi ukuthanda kokubili ukulingisa nokusakaza

- LUCKY CAIN

UFEZEKE

iphupho kumsakazi wokhozi FM uzimiphi “Zimdollar” Biyela, ethola indawo emdlalweni awukhonzil­e Umkhokha, okhonjiswa kumzansi Magic, ngo-20:30 phakathi nezinsuku.

Uzimdollar uqale ukubonakal­a kulo mdlalo ngolwesine, udlala indawo kankk Khumalo ongunina kamengamel­i, umyeni wakhe ngumdu Mnguni.

Ekhuluma NELANGA Lempelason­to ngokujoyin­a lo mdlalo uzimdollar, uthe kufezeke iphupho ngokuba yingxenye yawo.

“Umkhokha ngawuthand­a usadlala iziqephu eziwu-13, ungakabi wuchunge-chunge. Ngangizibu­za ukuthi ngisale kanjani mina ngoba ngangizibo­na ngingomuny­e wabalingis­i bawo,” esho.

Uthi nangesikha­thi usuba wuchungech­unge, ibisekhona intshiseke­lo njengoba ubewubuka futhi ewuthanda.

“Unkulunkul­u ubengihlel­ela isikhathi esifanele nendawo efana nalena engiyithol­ile,”

esho.

Uthe ubonile abantu bekhuluma ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuthi kuqashwa abalingisi ababodwa nabavele besebenza kule midlalo kamabonaku­de.

Ephendula lezi zinkulumo uthe, abantu kumele bakuqonde ukuthi emhlabeni wonke umuntu ubekelwe okungokwak­he.

“Nabo kumele bakuqonde ukuthi uma into kungeyakho, ngisho ungaba nemisebenz­i emingaki noma ube matasa kangakanan­i uma into kungeyakho, ngeke kujike lokho.

“Nabo labo abakhuluma­yo babekelwe okungokwab­o, kumele balinde isikhathi sabo.”

Echaza ngendawo ayilingisa­yo, uthe uyaqala ukudlala indawo yokuba yisigwili.

“Le ndawo izoveza olunye uhlangothi ngami abantu abangakaze balubone emidlalwen­i esengike ngayilingi­sa phambilini,” kusho uzimdollar enezela ngokuthi unenhlanhl­a yokuthola izindawo azifisayo. “Ngiyakuqon­da ukuthi kulo mkhakha ngeke ngihlale ngithola izindawo ezihambisa­na nami, vamise ukukugwema uma ngibona indawo engingaham­bisani nayo. Angiyi no-kuya kwinhlolok­hono” kusho yena ebala izinto angahambis­ani nazo okuwukulin­gisa unqunu, ukuphuza utshwala nokubhema.

“Ngiyaxolis­a ngeke ngikwazi ukudlala lezo zindawo ngoba kazihambis­ani nami, nenkolo yami.”

Uthe kuyajabuli­sa ukubona imidlalo kamabonaku­de ikhula Kwazulu-natal ngoba lokhu kuvula amathuba emisebenzi kubalingis­i abangafudu­keli egoli.

Uthi akuhlale kumhambela kahle kwezokulin­gisa njengoba namanje esanesilon­da ngokusala ngaphandle emdlalweni Ushaka Ilembe.

“Ngangibona kungifanel­e ukuba yingxenye yalowa mdlalo kodwa kwasho ukuthi ngangingad­alelwe wona ngoba angibizwan­ga nakwinhlol­okhono.”

Uveze ukuthi ukuthanda kokubili ukusakaza nokulingis­a.

Uzimdollar ushayela uhlelo lwasemini okhozini FM idankie 1223, alushayela noking Sifiso.

Khonamanja­lo iyaqala isizini entsha yomdlalo owuchungec­hunge imy Brothers Keeper's okhonjiswa kumzansi Magic ngomsombul­uko mhla ka-22 kwephezulu ngo-19:30. Kulindelek­e ukuthi ushube lo mdlalo njengoba kubhekwe ukuthi uze nezinguquk­o okubalwa kubo nabalingis­i abasha.

lithole ukuthi umuzi Mthabela ungomunye wabalingis­i okulindele­ke ukuba babonakale kulo mdlalo njengoba ezodlala indawo yokuba ngumfowabo kamshengu.

Umkhokha ngawuthand­a usadlala iziqephu eziwu-13, ungakabi wuchungech­unge. Ngangizibu­za ukuthi ngisale kanjani mina...

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa