Amvulele amathuba aphesheya amasu okulwa nezingozi zomgwaqo
Uthi nezakhamizi zizosizakala ngokongeka kukaphethiloli njengoba imoto iziphehlela ugesi ehamba ngawo
KUYISIFISO sakhe ukulwisana nezingozi zomgwaqo kuleli umfundi wasemandla Mthethwa School of Excellence, ejozini, owakhe umfanekiso wenhliziyo yemoto ezishayelayo, afisa yethulwe eningizimu Africa.
Usiqiniseko Mpontshane (19), wasendumo, ejozini ngaphansi kwesifunda umkhanyakude, owenza ugrade 12 kulo nyaka, wakhe imoto ezishayelayo, iziphehlele yona amandla kagesi.
Lesi sakhiwo simvulele ithuba lokuyomela leli lizwe mhla zimbili kunhlaba (May) phesheya kwezilwandle, ebali, e-indonesia.
Uthi lo msebenzi wesikole uqale ukuwenza ngo-2021, wadlulela ezigabeni ezahlukene kusukela esiyingini, isifundazwe nakuzwelonke, ewethula emqhudelwaneni wabafundi abawu-200, abebeqokiwe kuzwelonke ngokwemisebenzi yabo yecoding and Rebotics, ebafikise kuleso sigaba.
Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi unyaka nonyaka ubewuthuthukisa umsebenzi wakhe, efaka obekungekho emotweni onyakeni olandelayo ukuze ihambisane nesikhathi.
Uthi ubeqhudelana nabanye abafundi ngaphansi kohlelo lwakwa-eskom Expo, obelufuna ososayensi abasebancane abazobheka izinkinga ezikhona eningizimu Afrika, kuhambisane nesisombululo esizoxazulula leyo nkinga abayitholile.
“Ngibone ukuthi ezweni lakithi kunezinkinga eziningi, kunezingozi
ezidalwa ngabantu ngenxa yezinkinga zemindeni, yingcindezi abanayo, wubudedengu nokunye.
“Ngaqhamuka neqhinga lemoto ezozishayela yona, wena okwakho wukuyitshela ukuthi uya kuphi, bese ikuthatha iyokubeka lapho. Le moto inamakhamera, iyakwazi ukubona imoto eseduzane kwayo, umuntu, ngisho nesilwane.
“Kayikho ingozi eyenzayo, ihamba ngejubane ekalelwe lona, elibekwe emgwaqweni, kayikhathali ngoba kwesinye isikhathi izingozi zenzeka ngenxa yabantu abashayela ngisho sebekhathele,” esho.
Usiqiniseko uthe le moto izokwenza impilo ibe ngcono uma yemukeliwe kuleli njengoba eyokwethula ukusebenza kwayo phesheya kwezilwandle. Ulwazi olunzulu ngokuhlanganisa le moto, uthi uzifundele lona kwezobuchwepheshe nokulekelelwa ngothisha bakhe.
“Abantu bazoqoqeka, nabaxakekile empilweni ngenxa yokwenyuka kwezindleko zika-petrol, bazosizakala ngoba kawufakwa kule moto. Amandla ehamba ngawo iziphehlela yona,” esho.
Uthi ngesikhathi eqala lo msebenzi eminyakeni emine edlule, imoto ibihamba ngamandla e-solar esebenza ngelanga. Uthi wakushintsha lokho ngoba kwezinye izikhathi uma likhithikile kuba nzima ukusebenza kwe-solar.
“U-petrol uyabiza kakhulu, unyuka njalo, le moto izolekelela iphinde yenze impilo ibe ngcono. Uma izohamba ngogesi ojwayelekile, kungaba yinkinga ngenxa kagesi ocishwa ngezikhathi ezihleliwe ngenhloso yokuwonga (load-shedding), yingakho ukusebenza kwayo kwehluke kakhulu.
“Ngaso sonke isikhathi uma uyipaka imoto, ngaphambi kokuba isuke kufuneka ikunikeze i-code entsha, hhayi lena obuhamba ngayo ngesikhathi uyipaka,” esho.
Uthi unothando lokuba ngusosayensi ohlonishwayo kuleli ngokwamasu akhe, njengoba ehlonzwe ukuya e-indonesia, ngozibandlela (December) wonyaka odlule, emncintiswaneni ophothulwe egoli, waklonyeliswa ngomfundaze ohambisana nelaptop.
“Nginethemba lokuthi umsebenzi wami uzophumelela phesheya,” esho.
Uthi bane abafundi abaqokiwe azohamba nabo, nguyena yedwa owakwazulu-natal, abanye ngabakwezinye izifundazwe, yize umsebenzi wabo ugxile kwezinye izinkinga hhayi ezokuthutha.
Uthishanhloko wesikole unkk Jabulile Mngomezulu, uthe kubajabulisile ukuthi isikole sakhe sikhiqize umfundi oqhamuke nenkinga ebhekene nezwe, ehambisana nakubona kuyisisombululo.
“Siyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi wezingane okukhombisa ukuthi othisha esinabo, bawenza kahle umsebenzi wabo uma kuzokhuthazeka abantwana ngokulekelela izwe ngamasu abo,” esho. mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za