Ilanga Lempelasonto

UMNYANGO NEZINHLELO ZOKUGCWALI­SA EZOTHISHA

- THANDOLUHL­E NGUBO

IZINHLAKA zemfundo eyisisekel­o zicacise ngombiko kangqongqo­she wemfundo eyisisekel­o, unkk Angie Motshekga (osesithomb­eni), othi zingaphezu kuka-31 000 ezweni lonke izikhala zothisha ezingagcwa­lisiwe.

Lokhu kuvele ngolwesine embikweni oyimpendul­o kangqongqo­she abephendul­a kuyo amalungu eqembu eliphikisa­yo, idemocrati­c Alliance (DA), ngezinking­a ezikhunget­he umnyango wakhe.

Umotshekga uthi ziwu-31 400 izikhala zothisha ezingagcwa­lisiwe, kanti ikwazulu-natal ihamba phambili njengoba ziwu-7 044 ezingagcwe­le, ilandelwa yieastern Cape ngeziwu-6 111.

Kulowo mbiko uthi kodwa kalikho ikilasi elingenaye uthisha. Uthi umnyango usezinhlel­weni zokugcwali­sa lezo zikhala ngendlela efanele, wathi izikole zinelungel­o lokuqoka okufanele abambe okwesikhas­hana.

Okhulumela umnyango wezemfundo eyisisekel­o umnu Elijah Mhlanga, uhambe emazwini kangqongqo­she ethi: “Okwenza sithi izikhala eziwu-31 000 ‘kazinamunt­u’ yingoba abakuzona kabaqashiw­e ngokugcwel­e. Uhlelo luhlukene izigaba ezimbili; esokuqala yi-post level one, lapho nesikole sinelungel­o lokuziqoke­la obonakala efanele ukugcwalis­a isikhala, silandela imigudu yokubikele umnyango.

“Esesibili ngesokukhu­shulwa ezikhundle­ni kothisha (promotiona­l level), lapho kusuke kuqashwa izinhloko zomnyango (HODS) nothishanh­loko namasekela abo, okuyizo-ke ezithatha isikhathi eside ngoba ukuvalwa kwezikhala zabo kumele kukhangisw­e, bese kuhlungwa abafake izicelo, okuwuhlelo olungathat­ha isikhathi esilingani­selwa ezinyangen­i ezintathu kuya kweziyisit­hupha,” esho.

Umhlanga uthi ngesikhath­i kubhalwa le mpendulo, izikhala ezazingagc­walisiwe zazingaphe­zu kuka-31 000 kodwa kungenzeka ukuthi sezinciphi­le noma sezingaphe­zulu kwaleli nani.

“Kungenzeka isibalo sehlile noma senyukile kuleli nani njengoba luqhubeka uhlelo lokugcwali­swa kwazo njengoba sinothisha abathatha imihlalaph­ansi, nokunye,” ephetha.

Umqondisi wenyunyana yothisha ithe National

Profession­al Teachers’ Organisa-tion of South Africa (NAPTOSA), umnu Basil Manuel, usike elijikayo kulolu daba, ethi kuwumseben­zi weminyango yezemfundo ezifundazw­eni ukugcwalis­a izikhala zothisha. Uthi uma umnyango ungalusuku­meli lolu daba, kungenzeka izwe lilahlekel­we ngothisha abaseqophe­lweni.

“Ukucacisa nje embikweni kangqongqo­she, akuchazi ukuthi lezi zikhala eziwu-31 400 kazinamunt­u obambe kuzona, kodwa eziningi zinothisha abasebenza ngezinkont­ileka noma lokho kungayilun­gisi inkinga.

“Sizolahlek­elwa ngothisha abasezinge­ni uma bengaqashw­a ngokugcwel­e njengoba sibabona sebeqala ukuyofundi­sa kwamanye amazwe. Esikufisay­o nezinye izinyunyan­a wukuthi othisha baqashwe ngokugcwel­e, lowo-ke wumsebenzi womnyango wezemfundo ezifundazw­eni,” esho.

Umanuel uthi ngokujwaye­lekile iziphakami­so zokuqashwa ngokugcwel­e kothisha abasebenza ngezinkont­ileka, abangekho ezikhundle­ni, zenziwa yizikole abafundisa kuzo.

Uthe ophenyweni abalwenzil­e beyinyunya­na, bathole ukuthi izikole ziyazenza iziphakami­so, kodwa kube wumnyango ezifundazw­eni nasezifund­eni ongalandel­eli ngokuqashw­a kwabo ngokugcwel­e.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa