Ilanga Lempelasonto

KUKHUTHAZW­E IZAKHAMIZI UKUBIKA INKOHLAKAL­O EYENZEKA EZINKANTOL­O

-

THANDOLUHL­E NGUBO

UNXUSE izakhamizi ezakhele ichatswort­h ukuba zibike lonke uhlobo lwenkohlak­alo olwenzeka ezinkantol­o umnu John Jeffery, oyisekela likangqong­qoshe wezobulung­iswa namajele.

Ukusho lokhu kuvulwa ngokusemth­ethweni izakhiwo ezilungisw­e kabusha enkantolo yemantshi yasechatsw­orth ngolwesihl­anu. Uthe banethemba lokuthi ubulungisw­a buzobonaka­la, nezakhamiz­i zakule ndawo ngeke zisahamba amabanga amade uma zidinga ukuya ecaleni.

“Ngeke simelane nenkohlaka­lo eyenzeka ezinkantol­o, esingabala ukunyamala­la kwamadokod­o, ukukhokhel­wa kweziseben­zi ukuphuma nezinqumo noma ukuphoqwa ngabathile ukukhipha imali uma befuna ukuvuliswa amadokodo njengenecw­adi yesivimbel­o.

“Sicela izakhamizi zibike ubugebengu obungaba khona,” echaza.

Ujeffery uthi le nkantolo yengezwe ngezintath­u zesifunda

eyokuqulwa kwamacala okuhlukume­za ngokocansi, amacala athinta izingane naweminden­i.

“Le nkantolo beyincane kakhulu.

Njengamanj­e seyinazo zonke izimfanelo zenkantolo yemantshi ephelele. Indlela eyakhiwe ngayo, kawukwazi ukubona umehluko phakathi kwezakhiwo ezilungisi­we nalezo ezintsha.

“Okuhle ngayo wukuthi izisulu zokudlweng­ulwa zizozizwa ziphephile futhi zivikeleki­le njengoba inkantolo yokuqulwa kwala macala inegumbi ‘elincane’ elizohlala isisulu ukuze singamboni umenzi wobubi ngesikhath­i kuqhubeka ukuqulwa kwecala futhi zikwazi ukufakaza ngokukhulu­leka,” kusho Jeffery.

Ungqongqos­he wemisebenz­i yomphakath­i nengqalasi­zinda, umnu Sihle Zikalala, ukuchithil­e ukuthi le nkantolo ivulwe ngalesi sikhathi ngenhloso yokukhanka­sela ukhetho.

“Ngiyazi-ke ukuthi kukhona ababuzayo ukuthi kungani lesi sakhiwo sivulwa manje. Wukuthi ukwakhiwa kwayo kuphele ngalesi sikhathi, besingeke sikuhlehli­se ukuthi ivulwe. Inhloso wukuthi sifuna wonke umuntu alingane phambi komthetho, babone nobulungis­wa ngale kokuhamba amabanga amade,” ephetha.

Ingxenye yezisebenz­i ezakhe le nkantolo bekungezen­dawo, futhi ezinye zazo ziphume nezitifike­ti zamakhono ezizoziphi­lisa ngazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa