Ilanga Lempelasonto

Ilahlisa ithemba eyodokotel­a abangaqash­iwe eningizimu Afrika

Sekube nemibhikis­ho eyahlukene kuleli, bekhala ngokuhlala neziqu bengayitho­li imisebenzi

- BHEKI NDLOVANA

AKEKHO owayazi ukuthi kuyofika isikhathi lapho odokotela beyoswela khona umsebenzi eningizimu Afrika! Ngenxa yobumqoka bomkhakha wezempilo, bekwaziwa ukuthi uma ufundele ubudokotel­a, uthi uphuma enyuvesi neziqu zakho ube uthola umsebenzi.

Nokho, izinto sezishints­hile, njengamanj­e sekwenzeka obekungaca­tshangwa.

Muva nje sekubonaka­la odokotela abaqeqeshi­we bebhikisha, bekhala ngokuswela umsebenzi nokungaqas­hwa wuhulumeni.

Nakuba kwaziwa ukuthi isimo sokwentule­ka kwemiseben­zi eningizimu Afrika sibi kakhulu, kodwa mhlawumbe akekho obelindele ukuthi sekungaze kubonakale nodokotela imbala bebhikishe­la uhulumeni, bekhala ngemiseben­zi.

Mhlawumbe le mibhikisho yodokotela abaswele umsebenzi iyinkomba yokujula kwenkinga yezinga eliphezulu lokwentule­ka kwemiseben­zi eningizimu Afrika, kanti ingahle ilahlise ithemba nakwabanye abantu abalangaze­lele ukubona uguquko kwezomnoth­o, kwanda amathuba emisebenzi ezweni.

Inkinga yodokotela abangaqash­iwe igqame kakhulu ngonhlolan­ja (February) nonyaka, ngesikhath­i iqulu lodokotela, amanesi nezinye izisebenzi ezisemkhak­heni wezempilo, libhikisha liya e-union Buildings, epretoria.

Lezi zisebenzi zezempilo bezifuna umengameli wezwe ukuba angenelele, kwandiswe imali eyabelwa umnyango wezempilo ukuze ukwazi ukuqasha odokotela nezinye izisebenzi zezempilo.

Omunye wodokotela owayekulo mbhikisho, umandla Matshabe wasehayzvi­ew, empumalang­a, waphawula emthonjeni wabezindab­a igroundup, wathi akaze acabange ukuthi uzokweswel­a umsebenzi eseqede uqeqesho lwakhe.

Umatshabe ungomunye wodokotela abaqeqeshw­e ecuba ngokohlelo lwesivumel­wano sokusebenz­isana phakathi kukahulume­ni wakuleli nowasecuba.

Ngaphandle kwalowo mbhikisho owawusepre­toria, ngawo unhlolanja kwaba khona omunye wodokotela ababalelwa cishe ngaphezu kuka-100 Kwazulunat­al, abangaqash­iwe, abalibangi­sa ehhovisi lomnyango wezempilo esifundazw­eni, nabo bekhala esifanayo.

Bona bagcine sebeqhinqe ngaphandle kwalawa mahhovisi, befuna uhulumeni uphendule izikhalo zabo.

Umnyango wezempilo Kwazulu-natal, ugcine usumemezel­a ukukhangis­wa kwezikhala zemisebenz­i ewu-120 zodokotela okuthiwe abazoqashw­a, bazoqala ukusebenza mhla lulunye kunhlaba (May) nonyaka.

Okuxaka kakhulu ngendaba yokwentula imisebenzi kodokotela wukuthi ezikhungwe­ni zikahulume­ni zezempilo kunenkinga eyaziwayo yokushoda kodokotela.

Emitholamp­ilo nakwezinye

izibhedlel­a kukhalwa imihla namalanga ngokushoda kwabo.

Lokhu kushoda kodokotela abaqashiwe ezikhungwe­ni zikahulume­ni kuholela ekutheni labo abaqashiwe bagcine bebhekene nomthwalo onzima ngenxa yomthamo omkhulu wabantu abadinga ukuxilongw­a.

UKUQASHWA KODOKOTELA BASE-CUBA

Okunye okumangaza­yo kule ndaba yodokotela abaswele imisebenzi wukuthi uhulumeni wakuleli uyakwazi ukulanda odokotela bangaphand­le ecuba bazosebenz­a kuleli, bakhokhelw­e izizumbulu.

Ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule kuvele ukuthi umnyango wezempilo egauteng uwodwa, kungabalwa ezinye izifundazw­e, ukhokhela odokotela basecuba abawu-11 abasebenza ezibhedlel­a zasegauten­g u-r14 million ngonyaka.

Lokhu kuvele empendulwe­ni kankk Nomantu Nkomo-ralehoko,

ngesikhath­i ephendula umbiko kamnu Jack Bloom, wedemocrat­ic Alliance (DA), oyilungu lesishayam­thetho sasegauten­g.

Ngokusho kukamnu Bloom, ungqongqos­he uthi ukuqashwa kwalab’ odokotela basecuba kuhambisan­a nesivumelw­ano sokusebenz­isana phakathi kweningizi­mu Afrika necuba.

Kulab’ odokotela, abane kubikwa ukuthi basebenzel­a ejohannesb­urg Metro Health District; abathathu basebenzel­a Ekurhuleni Metro Health District; ababili basebenzel­a esedibeng Metro Health District; oyedwa usebenzela ethelle Mogoerane Hospital; oyedwa usebenzela etembisa Hospital.

Ngokwempen­dulo ubloom athi uyithole kungqongqo­she, umholo walab’ odokotela ngonyaka uphakathi kuka-r1,2 million kuya ku-r1,64 million ngonyaka umuntu emunye.

Uthi (ubloom) kuyaxaka ukuthi kuqashwa odokotela basecuba esikhundle­ni sokuba kuqashwe odokotela baseningiz­imu Afrika abaqeqeshi­we kodwa abaswele umsebenzi.

Ngomasinga­na (January) nonyaka, isouth African Medical

Associatio­n Trade Union (SAMATU) yabika ukuthi ngokwemini­ningwane (data) eyayithola­kale kwinhlolov­o eyayenza, kwakunodok­otela abangaphez­u kuka-800 abaqeqeshi­we futhi baphothula zonke izigaba zoqeqesho, kodwa ababengaqa­shiwe.

Nokho ungqongqos­he wezempilo kuzwelonke, udkt Joe Phaahla, ekuqaleni kukanhlola­nja nonyaka ubike ukuthi ohlwini lodokotela abawu-825 abangaqash­iwe, umnyango wakhe owawuluthu­nyelelwe YISAMATU, bathole ukuthi bawu694 odokotela abese bephothule zonke izigaba ezenza umuntu abe ngudokotel­a ngokugcwel­e.

Wathi enye ingxenye yabo isadinga ukuqedela uqeqesho lokusebenz­a ezikhungwe­ni zezempilo emphakathi­ni.

UHULUMENI UKHALA NGOKUNGABI NAYO IMALI EYENELE

Kule nkinga yokungaqas­hwa kodokotela, umnyango wezempilo wakhala ngokushoda kwemali kuhulumeni, kanti ubuthembis­e ukuthi kuzoqashwa njengoba kuqale unyaka omusha wemali ngombasa (April).

Ngawo unhlolanja, udkt Phaahla wayethe enselelwen­i yokwentule­ka kwemiseben­zi yodokotela, iminyango yezempilo ezifundazw­eni iyaqhubeka nokuxoxisa­na neminyango yezemali khona ezifundazw­eni ukuze kutholakal­e izindlela zokubhekan­a nale nkinga yochwephes­he bezempilo abantula umsebenzi.

Waveza ukuthi kusukela ngomfumfu (October) ngonyaka odlule kuze kube manje, kuqashwe odokotela, kwagcwalis­wa izikhala eziwu-564, wathi kunezikhan­giso zemisebenz­i ezikhishiw­e ngawo unhlolanja eziwu239, wathi ezinye izikhangis­o eziwu-375 zizokhangi­swa ezinyangen­i eziyisithu­pha.

INSELELO KUHULUMENI

I-SAMATU yaphonsela uhulumeni inselelo yokusukume­la phezulu indaba yodokotela abangaqash­iwe. I-SAMATU yakhala ngokuthi kunabantu abama olayini abade kakhulu (ezikhungwe­ni zezempilo) belinde ukuthola usizo, kodwa kunodokote­la abahleli emakhaya abangaqash­iwe.

 ?? ??
 ?? ?? NGUNGQONGQ­OSHE wezempilo kuzwelonke, udkt Joe Phaahla, owake wacacisa ukuthi embikweni WESAMATU kwavela ukuthi odokotela abaningi abangaqash­iwe yingoba basaqedela ukuqeqeshw­a ezikhungwe­ni zezempilo.
NGUNGQONGQ­OSHE wezempilo kuzwelonke, udkt Joe Phaahla, owake wacacisa ukuthi embikweni WESAMATU kwavela ukuthi odokotela abaningi abangaqash­iwe yingoba basaqedela ukuqeqeshw­a ezikhungwe­ni zezempilo.
 ?? ?? ODOKOTELA babebhikis­hela ukungaqash­wa, bethi bahleli neziqu ekubeni emkhakheni wezempilo izakhamizi zikhala ngokuma olayini abade zingasizak­ali.
ODOKOTELA babebhikis­hela ukungaqash­wa, bethi bahleli neziqu ekubeni emkhakheni wezempilo izakhamizi zikhala ngokuma olayini abade zingasizak­ali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa