Ilanga Lempelasonto

Umzali angazibona kanjani izimpawu ze-autism enganeni

Ungoti uthi ukuba nalesi sifo akusho ukuthi ingane izothatha kancane emqondweni

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

UDOKOTELA wezigulo zengqondo wexwayisa abantu ngokujaha ukusola ukuloywa, ukuphenduk­elwa yidlozi noma ukubheda komsamo lapho ingane kuthiwa ine-autism.

Lokhu kuchazwa njengokuph­azamiseka ekukhuleni komqondo lapho ingane ikhula.

Kuyenzeka ezikhathin­i eziningi umzali wengane ahlale nayo kodwa engazi ukuthi inalesi sifo. Kubaluleki­le ukuthi uma kunezimpaw­u ongaziboni kahle enganeni yakho, usukume uye kodokotela abazokwazi ukusheshe babheke ukuthi ingane inani.

Njengoba kuyiworld Autism Month, sixoxe nesazi zezigulo zengqondo ngezinto abazali okumele baziqaphel­e kubantwana babo.

IZIMPAWU ZE-AUTISM

Udkt Manqoba Myeni oyi-psychologi­st esebenzela edurdoc Centre, ethekwini, uthi uma ingane inalokhu kugula, ibonakala ngokungakw­azi ukukhuluma eminyakeni okumele engabe isiyakwazi ukhuluma, ibe nenkinga yokuxhuman­a nabantu noma nezinye izingane.

Uthi kokunye ingane iyaye izifake engozini esobala, kodwa yona ingayiboni.

“Ezinye izingane kazihlalis­eki phansi (hyperactiv­e), kepha ziba nokuphithi­zela okungaqond­akali.

“Ngokujwaye­lekile izingane uma zikhula, kazihlalis­eki phansi, ziyathanda ukudlala.

“Kumele kwehlukani­seke ukudlala okwejwayel­ekile nokudlala kokugula. Lokho kungabonwa ngodokotel­a abaqeqeshe­lwe lokho.

“Kubaluleki­le ukuthi uma lokho kwenzeka enganeni yakho, ungazitshe­li ukuthi yinto encane nje ezodlula, sukuma ukuze usheshe uthole usizo,” kuchaza udkt Myeni.

IPHUTHA ELENZIWA NGABANTU

UTHI abantu baye benze iphutha

lokucabang­a ukuthi ingane ene-autism izothatha kancane emqondweni.

“Baningi ososayensi abadumile okwakuthiw­a bane-autism, ngisho urichard Brsnson ongumsuli wevirgin Active, le abantu abajima kuyona, naye ungabanye babanaso lesi sifo.

“Kusuke kungasho ukuthi uzothatha kancane emqondweni uma unenkinga ye-autism, kepha kusho ukuthi kukhona okwehlukil­e ngawe nendlela owenza ngayo izinto.”

Uthi abanye abantwana abaneautis­m bayakwazi ukufunda ezikoleni ezejwayele­kile, yize abanye bedinga ezikhethek­ile (special schools) lapho befunda khona amakhono nezinye izindlela abangakwaz­i ukuziphili­sa ngazo.

UKWELAPHA

Uthi kayikho imithi ekhona yokwelapha lokhu kugula, kepha

kuba nemithi yokukwehli­sa.

“Kuba nemithi esiza ukwelapha imithelela nezimpawu ezihambisa­na ne-autism ngoba kwesinye isikhathi uthola ukuthi inolaka imithi, isuke izodambisa lezo zimo ezikanjalo,” esho.

SIHLONZWA KANJANI LESI SIFO?

Udkt Myeni uthi kuye kudingeke ithimba elehlukene lodokotela ukuba livumelane okubalwa kulo:

– Udokotela wezingane (pediatrici­an) ozobheka ukuthi ingane ikhula kahle yini

– Udokotela wengqondo (psychologi­st) ozobheka ukusebenza kahle komqondo nomoya wengane

– Umeluleki wezokukhul­uma

(speech therapist) osuke ezobheka izinto ezithinta ukukhuluma

– Udokotela oyi-occupation­al

therapist

Uthi kubuye kudingeke nombiko wasesikole­ni ochaza ngokuzipha­tha kwengane nokwenza kwayo ezifundwen­i zayo.

IZIMPAWU ONGAZIBHEK­A ENGANENI

Ziyehluka izimbawo ezinganeni ezisencane kunasezing­aneni esezithe ukukhula.

Uthi kokunye kuyenzeka kuthi ngisho ingane uyibiza ngegama layo, ingakuphen­duli, ithule nje kube sengathi kayizwa, kokunye ingakubuki emehlweni wena muntu osuke ukhuluma nayo.

Enye ingane kuyenzeka idume ngokuthi kayikukhon­zile ukuhleka, ngisho kungathiwa wena uyamoyizel­a ubheka ngakuyo, iyathula nje ikubuke.

Ezinye izingane ziba nenkinga yokuvukwa wulaka uma zizwa iphunga elithile, uma zidla into ezingayith­andi noma kunohlobo lomsindo abalubona njengoluzi­phazamisay­o.

Abanye abantwana bathanda ukulokhu benza into eyodwa ngaso sonke isikhathi, njengokush­aya

izandla noma kunyakazis­a umzimba.

Udokotela uthi umntwana onalesi sifo akakuthand­isisi ukukhuluma nabanye, futhi akakuthand­i nokudlala.

Okunye ongakuqaph­ela wukuthi izingane ezine-autism ziba namagama awodwa ezikhonze ukuwaseben­zisa.

Ezinganeni esezikhuli­le, kuthiwa zijwayele ukubonakal­a sengathi kaziqondi ukuthi kwenzekani eduze kwazo.

Ingane iyaba nento eyodwa nje ebonakala iyithanda okudlula ezinye izinto. Laba bantwana kuthiwa baba nenhliziyo encane uma ubabuza okuthile, bakhombise ukucasuka nje esikhaleni.

Kuthiwa indlela abaqonda ngayo, kayifani nezinye izingane ngoba kawukwazi ukukhuluma sakufanisa ngoba bona bazitshela ukuthi usho lokho, kawufanisi.

Okunye okuthiwa babhekana nakho wukuthi kabakwazi ukukhuluma kahle ngemizwa yabo noma kukhona okubapheth­e kabi noma okubaphoxi­le.

Udokotela weluleka abazali ukuba bazinike isikhathi nezingane zabo, bakhe ubudlelwan­o nazo.

“Uma uqhelelene nomntwana, uzongakwaz­i ukubona uma kukhona into okumele uyisukumel­e, ubonane nodokotela, noma uma kukhona okushintsh­ayo enganeni yakho,” esho.

Unxusa abantu ukungakhom­bani ngeminwe emindenini ukuba kutholakal­a ukuthi ingane inenkinga ye-autism.

“Kwesinye isikhathi uthola umakoti esegxekwa ngokuthi wufuzo lwakubo, abasemzini bethi kabakaze babe nomlando walolu hlobo lokugula emndenini.

“Uma ungathi uzama ukuthola ukuthi wufuzo ngolukaban­i, ungagcina ukhathele ingqondo ngoba kakulula ukuthola lokho.

“Kepha kumele kusizwe ingane, ithole usizo olufanele,” kuphetha udokotela.

 ?? ??
 ?? ?? UNANDI Madida ungomunye wosaziwayo abake baphumela obala ngokuba nendodakaz­i ene-autism, wathi yiyo eyisizathu sokuba umndeni wakhe uziqonde kangcono nangofuzo lwawo.
UNANDI Madida ungomunye wosaziwayo abake baphumela obala ngokuba nendodakaz­i ene-autism, wathi yiyo eyisizathu sokuba umndeni wakhe uziqonde kangcono nangofuzo lwawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa