Ilanga Lempelasonto

Asigwinyis­i mathe isimo somnotho

Ucwaningo luveza ukuthi sizokwenyu­ka isibalo sabantu abahleli emakhaya abaswele imisebenzi

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za www. ilanganews.co.za

UVEZA isithombe esingesihl­e ngesimo sezemisebe­nzi eningizimu Afrika umbiko wakamuva weinternat­ional Monetary Fund (IMF), oqagula ukubhebhet­heka kwenkinga yokuntulek­a kwemiseben­zi kuleli.

Ochwephesh­e bezomnotho kulo mbiko wocwaningo obizwa ngeworld Economic Outlook, oshicilelw­e ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule, baqagula ukuthi inkinga yokwentule­ka kwemiseben­zi kuleli isazoba nzima kakhulu kunalokhu eyikhona njengamanj­e.

Kuqagulwa ukuthi lizokwenyu­ka lifinyelel­e ku-33,5% kulo nyaka izinga labantu abahleli emakhaya ngenxa yokungawut­holi umsebenzi.

Ngonyaka ozayo futhi (2025) kuqagulwa ukuthi lizophinde lenyuke lifinyelel­e ku-33,9%.

Kuvela lo mbiko nje, ngomhla ka-20 kunhlolanj­a (February) nonyaka, umnu Risenga Maluleke oyinhloko yestats SA, waveza embikweni wocwaningo lwezemiseb­enzi obizwa phecelezi ngequarter­ly Labour Force Survey, ukuthi engxenyeni yesine onyakeni odlule (2023), izinga labantu abantula umsebenzi kuleli beliwu-32,1%. Engxenyeni yesithathu yonyaka lesi sibalo sezinga labantu abangasebe­nzi kuleli besikade siwu31,9%.

I-IMF iveza lesi simo esingesihl­e ngenkinga yemisebenz­i eningizimu Afrika, leli zwe livele libhekene nenkinga yokuthi umnotho kawukhuli ngendlela efanele, ehambisana nokudaleka kwamathuba emisebenzi anele.

Ngokusho kwestats SA, kule ngxenye yesine yonyaka owedlule, isibalo sabantu abangasebe­nzi kuleli sikhuphuke safinyelel­a ku-7,9 million.

Le nkinga yokwentule­ka kwemiseben­zi ibhebhethe­ke kakhulu emuva kokubheduk­a kokhuvethe okwaholela ekukha-hlamezeken­i okukhulu komnotho, kwavalwa izinkampan­i, izinkumbi zabantu zaphelelwa yimisebenz­i.

Ukushuba kwesimo kuze kwaholela ekutheni uhulumeni uqhamuke nesixazulu­lo sesikhasha­na sokulekele­la abantulayo - wasungula isibonelel­o sika-r350 sabangaseb­enzi, esibizwa phecelezi ngokuthi yisocial Relief of Distress Grant (SDR Grant).

Nakuba lesi kwakuyisib­onelelo sesikhasha­na, kodwa namanje sisaqhubek­a ngenxa yokuxakeka kwabantu abaswele imisebenzi.

Ngeshwa futhi, kuwona umbiko WE-IMF, ochwephesh­e balindele nokuthi liqhubeke nokuba phansi kakhulu izinga lokukhula komnotho waseningiz­imu Afrika njengoba beqagula ukuthi kulo nyaka, umnotho uzokhula ngo-0,9% bese kuthi ngozayo ukhule ngo-1,2%.

Emazweni athuthukay­o asengxenye­ni ye-afrika isub-saharan akeliswe neningizim­u Afrika kubalwa nenigeria, kanti yona umnotho wayo unezinkomb­a zokwenza kangcono kuneningiz­imu Afrika njengoba kuqagulwa ukuthi umnotho wayo uzokhula ngo-3,3% kulo nyaka, bese kuthi ngozayo usimame ngo-3,0%.

 ?? ?? UKWENTULEK­A kwemiseben­zi ngisho engadinge imfundo eningizimu Afrika kuthiwa kusazoqhub­eka njengoba kumanje abaningi behleli emakhaya, bengaseben­zi.
UKWENTULEK­A kwemiseben­zi ngisho engadinge imfundo eningizimu Afrika kuthiwa kusazoqhub­eka njengoba kumanje abaningi behleli emakhaya, bengaseben­zi.
 ?? ?? KUHLALE kukhuthazw­a izakhamizi ukuba zisungule amabhizini­si amancane ukuze zikwazi ukuziphili­sa nemindeni yazo.
KUHLALE kukhuthazw­a izakhamizi ukuba zisungule amabhizini­si amancane ukuze zikwazi ukuziphili­sa nemindeni yazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa