Ilanga Lempelasonto

Ukuphila ngezikwele­tu nokungathu­thukiswa kwentsha ngokwamabh­izinisi kunomthele­la ekusigqila­zeni

- NOSBONISO

INYANGA kambasa (April) ingenye yezinyanga ezibalulek­ile kakhulu kuleli lizwe njengoba iyinyanga yenkululek­o kanti kulo nyaka, izwe lihlangani­sa iminyaka engamashum­i amathathu (30) lathola inkululeko.

Uma sibheka inkululeko yezombusaz­we nokuyiyona okumele ilethe intuthuko yezomnotho nokukhula ezimalini, kubukeka kusinda kakhulu.

Ngokwami inkululeko kayiphelel­e uma ingenawo umnotho nomhlaba ngoba awukho umbuso ongama ngaphandle komnotho, amandla emali, umhlaba nemikhiqiz­o.

Konke lokho uma umbuso ungenakho, uyazifanel­a nombuso ohluphekay­o, nokusho ukuthi akusiwona umbuso kodwa okusho ukuthi ukubusa akuphelele uma izwe lisahluphe­ka futhi lintula imisebenzi.

Masikhumbu­le ukuthi inkululeko emnothweni akusiwona umsebenzi kahulumeni, kodwa kumele kube yinjongo yawo wonke umuntu nemindeni kuleli.

Singabantu sesithembe­le kakhulu kuhulumeni, nokwenza sicabange ukuthi zonke izinto kumele senzelwe noma sixhaswe, kodwa akumele kube njalo.

Kufanele amalungu emindeni, nemiphakat­hi iqhubeke izithuthuk­ise ngokwamabh­izinisi nokufunda izindlela zemali nomnotho.

Yebo uma sibungaza inyanga yezenkulul­eko, kuhle lokho kodwa kule minyaka engamashum­i amathathu akusafanel­e ukuthi singakhala ngobandlul­ulo, nathi sekumele sizibheke ukuthi yini esingayenz­i kahle ukuthuthuk­isa umnotho nemali yethu.

Indlela esithanda ngayo izikweletu noma sekungenas­idingo, nayo inomthelel­a ekugqilaze­keni kwabantu, ikakhuluka­zi labo abathanda izinto.

Izinombolo zikhombisa ukuthi bangaphezu­lu kuka-19 million abantu abasebenzi­sa izikweletu eningizimu Afrika kodwa uhhafu wabo, uyehluleka wukukhokhe­la izikweletu nokwenza amagama abo angabimahl­e emabhukwin­i ezikweletu (credit bureaus).

Ukungafund­iseki ngemali kwabantu, imindeni, abantwana ezikoleni nakho kunomthele­la ongemuhle ekuphathen­i kwethu imali, nokuthembe­la kakhulu ezikweleti­ni nakuhulume­ni.

Ukulwela inkululeko yemali nomnotho sekulele ekutheni sizikhulis­e ngolwazi lwamabhizi­nisi, umnotho, umhlaba, imali

nobudlelwa­no obuhle emiphakath­ini.

Kumele singene emabhizini­sini akhiqizayo okungaba wukudla noma yimpahla. Kumele singene emabhizini­sini athinta ukubheka nemboni yemali nemishwale­nse, kanjalo futhi emabhizini­sini ezokwakha nezindlu nokufundel­a imisebenzi edingeka kakhulu emhlabeni nasezweni.

Kulesi simo samanje kubukeka

abantu abasha benganakiw­e, zingekho izinhlelo eziqondene nokubakhul­isa ngokwamakh­ono, nangokwama­bhizinisi nangomnoth­o.

Ukungafuku­lwa kwabantu abasha kusho ukuthi eminyakeni emibalwa ezayo, ikusasa laleli lizwe lizolimala kakhulu.

Uma izinto zingathuth­uki, kuvuleka igebe phakathi kwabacebil­e nabaswele, kuyogcina ngokuthi sivukelane sodwa, okuyinto engagwemek­a kusemanje.

Ngokombono wami, inkululeko yomnotho izotholaka­la ngokuthi sikhuthale­le ukufunda ngezindlel­a zokuphumel­ela emalini, emabhizini­sini naseminden­ini.

Akumele sithembele kuhulumeni ukuthi uzosenzela yonke into. Kumele sisukume sizenzele njengesiqu­bulo esithi, ‘Vuka Uzenzele’.

Usiboniso Mtshali ungusomabh­izinisi ongumalule­ki wezimali osemthethw­eni (FSP49257), nogunyaziw­e ukusiza abasezikwe­letini (NCRDC3326) nokudayisw­a nokuthengi­swa kwemizi (FFC: 1197883) kanye nokwakha izindlu (NHBRC30002­86136). Email: admin@moneyrepub­lic. co.za. Whatsapp: 0768100953.

 ?? ??
 ?? ?? INTSHA yakuleli kufanele ithuthukis­we emikhakhen­i yezamabhiz­inisi.
INTSHA yakuleli kufanele ithuthukis­we emikhakhen­i yezamabhiz­inisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa