Ilanga Lempelasonto

Wayeqinisi­le umafukuzel­a ngokuthi, isitha somuntu nguye uqobo

- Thulani Mahlobo Ethekwini

MHLELI: Kangibhali lo mbono ngoba nakhu kukhona umholi kumbe inhlangano ethile yezombusaz­we engihlose ukuyinyund­ela.

Ngedlulisa ukukhathaz­eka kwami ngalokho engikubuka kuwukucaba­nga okufushane kwabanye abantu bakuleli abakukhomb­isa njengoba sibheke okhethweni lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe olumhla ka-29 kunhlaba (May) nonyaka.

Kunabantu obezwa bekhuluma ukuthi bakholwa yiyo yonke 'imbudane' abayizwa ngosopolit­iki.

Ngizokha nje phezulu komengamel­i ababili esibanikwe wukhongolo­se ukuhola elakuleli kule minyaka ewu-15 edlule, okungumnu Jacob Zuma nomnu Cyril Ramaphosa, ngokwahluk­ana.

Bobabili basishaye ngemfe iphindiwe izikhawu eziningi, besethembi­sa ukulwa nobubha obuhlasele ikakhuluka­zi abaphofu kodwa lutho ukubona imiphumela yezethembi­so.

Kunalokho umnotho wezwe ushone phansi ngendlela exakile ngaphansi kobuholi bawo womabili la madoda. Uyawabona futhi ukuthi kawadeli ukuzicebis­a njengoba namanje esalambele ukuphatha lesi sikhundla esimqoka kunazo zonke kuleli.

Ngazi kahle ukuthi unobhalaji­kelele WE-ANC umnu Fikile Mbalula wayekhulun­yiswa yinhliziyo ebuhlungu ngesikhath­i egonyuluka ngokuthi kudala 'babemvikel­a uzuma emahlazwen­i kubalwa nelithinta ukusetshen­ziswa budlabha kwemali yabakhokhi bentela ngenkandla­gate'.

Lokhu umbalula ukuveze esidlangal­eni ngoba nakhu uzuma esephenduk­e imbangi enkulu kakhongolo­se ngeqembu aliholayo umkhonto wesizwe Party (MK).

Ngazi kahle ukuthi nephala Phala karamaphos­a iyovuka ime ngezinyawo mzukwana izwe lawela kunoma iyiphi imbangi yakhe.

Okungikhat­hazayo-ke ngabavoti wukuthi izinto ezenzeka phambi kwabo sengathi kabazinaki, bafana nowesifaza­ne okuthi esebudlelw­aneni obumuhluku­mezayo kodwa aqhubeke nabo yize enalo ithuba lokuphuma kubona.

Ngiyafisa sengathi elakuleli lingaba okungenani namaqembu amathathu ezombusazw­e, nawo izakhamizi zihlale ngokuwashi­ntsha emandleni ukuze akhuphule amasokisi uma esaphethe.

Njengoba izinto zisame ngalolu hlobo nje kuleli, ngibona inhlupheko isazonyuka kakhulu kunakuqala.

Okubi nje wukuthi ukwenyuka kwayo kusuke kuzohambis­ana nobugebeng­u obunamandl­a obubhebhez­elwa yindlala, obuvele obubhiliti­le emiphakath­ini esiphila kuyona kule mihla.

Sengathi ingqondo yomuntu omnyama ingaswabul­uka eminyakeni ezayo ukuze bakwazi ukuthatha izinqumo ezizobakhi­pha ebugqilini, hhayi ezizobacin­dezela kuze kulamule ukufa.

Udkt John Langalibal­ele Dube, umafukuzel­a Onjengezul­u washesha ukuyibona inkinga ekhungethe isidalwa esingumunt­u okwenza wathi, 'isitha somuntu nguye uqobo lwakhe'.

 ?? ?? UMFUNDI WELANGA Lempelason­to ukhala ngomengame­li ababili okungumnu Jacob Zuma nomnu Cyril Ramaphosa athi bashaye iningizimu Afrika ngemfe iphindiwe izikhawu eziningi, bethembisa ukulwa nobubha obuhlasele kodwa lutho ukubona imiphumela yezethembi­so.
UMFUNDI WELANGA Lempelason­to ukhala ngomengame­li ababili okungumnu Jacob Zuma nomnu Cyril Ramaphosa athi bashaye iningizimu Afrika ngemfe iphindiwe izikhawu eziningi, bethembisa ukulwa nobubha obuhlasele kodwa lutho ukubona imiphumela yezethembi­so.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa