Ilanga Lempelasonto

Kasifuni ukuphola isilonda ‘sokurojwa’ kwabosuthu

Bazolwela ukuqeda isikhwakhw­alala uma bebhekene ne-orlando Pirates

- SENZO SOKHELA

ISAQAQAMBA inhliziyo yomqeqeshi wamazulu FC ngezimbang­i azobhekana nazo emdlalweni obhekwe ngabomvu ngabathand­i bebhola. Usuthu luzodudula­na ne-orlando Pirates kowedstv Premiershi­p namuhla ngomgqibel­o ngo-17h30 e-orlando Stadium, esoweto.

Abalandeli bakanobhut­shuzwayo bakuleli bamagange ngalo mdlalo kwazise la makilabhu ngeledlule abebhekene kwi-quarter Final yenedbank Cup emoses Mabhida Stadium, ethekwini. Kugcine kunqoba ipirates ngo-4-2.

Umqeqeshi wamazulu upablo Martin uphume ethukuthel­e kulo mdlalo njengoba ekholwa wukuthi barojwe kubuka izwe lonke kuwona.

Lo mqeqeshi akakufihla­nga ukuthi isaqaqamba inhliziyo njengoba beya emdlalweni ofaniswa nomzuliswa­no wesibili nebucs ezinsukwin­i ezimbalwa. “Sizilungis­elele kahle, yikhona nje ukuthi sisazama ukudlulisa okwenzeke ngomgqibel­o odlule kwi-quarter Final. Siyazama ukuzelapha imiqondo ngoba namanje sisenawo umuzwa wokuthi besingcono kunezimban­gi kuzona zonke izingxenye zomdlalo (odlule).

“Sisaphoxek­ile kodwa okuhle wukuthi sinalo elinye ithuba lokudlala nabo futhi. Kuzoba nzima ngoba sidlalela ekuhambeni, kuba nezinselel­o ukudlala e-orlando.

“Sikuqonda kahle ukuthi bangenye yamakilabh­u amakhulu e-afrika yonkana. Sidlala nabo ngeledlule ngikholwa wukuthi kube ngumdlalo wethu omuhle kunayo yonke esiyidlale ngale sizini.

“Ngicabanga ukuthi abantu sibabukise umdlalo omuhle ngale sizini kuleli. Kodwa-ke okufanele sikwenze njengoba siya kulo mdlalo wukuthi siwasebenz­ise amathuba esiwathola­yo, singene ngobuthaka babo.

“Sibhekene nenselelo yokubehlul­a

ngoba sesiside kakhulu isikhathi sihluleka wukubaguqi­sa.

“Kufanele sikuqinise­kise ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo ngoba sifuna ukuqeda sisendawen­i enhle kwi-log,” esho.

 ?? ?? UPABLO Martin ukholwa wukuthi usuthu lurojwe kubuka izwe.
UPABLO Martin ukholwa wukuthi usuthu lurojwe kubuka izwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa