Ilanga Lempelasonto

Ifuna kuphenywe ngemoto okuthiwa iyayiseben­zisa inyosi

Isiqashwe esikhundle­ni esimqoka wumasipala izululand

- JOHN HLONGWA

IFISA kujutshwe uphenyo olunzulu, oluzopheny­a ngemoto okuthiwa iyayiseben­zisa inyosi yesilo umisuzulu kazwelithi­ni, umnu Buzetsheni Mkhuliseni Mdletshe (65) wakwaceza, egazini, olundi.

Kusukela umdletshe ekhonjwe indlela yihhovisi likandunan­kulu wakwazulu-natal, unkk Nomusa Dube-ncube, kube kuningi ukuqagulis­ana ngakho.

Izolo ngolwesihl­anu umdletshe utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi ukhathazek­ile ngenkulumo eshiwo ngundunank­ulu ohlelweni lwezindaba emsakazwen­i ukhozi FM ngolwesith­athu, lapho eveze ukuthi kunemoto ayisebenzi­sayo kahulumeni.

Undunankul­u ubecacisa ukuthi kalikho igazi elibi phakathi kukamdlets­he nehhovisi likandunan­kulu.

“Ukuhoxiswa kwenkontil­eka yokusebenz­a nohulumeni kakuzange kungiphath­e kabi, kodwa osekungihl­ukumeza kakhulu yile nkulumo eshiwo ngundunank­ulu ohlelweni lwezindaba okhozini, uma ethi kunemoto engiyisebe­nzisayo.

“Kayikho imoto engiyisebe­nzisayo mina. Kungenzeka ukuthi undunankul­u uzitshela ukuthi wayinika mina kanti cha, kakunjalo. Ngiyafisa kuphenywe ngalokho ukuze kuzwakale ukuthi ikuphi le moto akhuluma ngayo.

“Bangephuca imoto yabo ngolwezi (November) 2020, bathi kangisenal­o ilungelo lokuyishay­ela nokuyisebe­nzisa. Ngicela kulungiswe lokhu,” kusho umdletshe ngomoya ophansi.

Odabeni lwakhe kuphinde kwafakazel­eka isisho sesizulu esithi, “ukuwa kwenndlu wukuvuka kwenye” njengoba kuthe kungakaphe­li izinsuku ekhonjwe indlela yihhovisi likandunan­kulu, waqashwa wumasipala izululand. “Kuyiqiniso, ikhona incwadi engiyithol­ile yenkontile­ka eyizinyang­a eziyisithu­pha ecacisa ukuthi sengizoseb­enzisana nomasipala izululand. “Ngijabule kakhulu ngethuba lesibili elivelile. Okungijabu­lisa kakhulu kulona wukuthi ngizoseben­za nentsha njengoba bethe ikhono enginalo masizame indlela yokuthi ledlulele ebantwini abasha ukuze baqonde kangcono ngamasiko,” kusho umdletshe.

Uphinde waveza ukuthi akaphathek­ile kabi ngokuxoshw­a kwakhe ngoba uhulumeni encwadini yokumxosha, ucacisile ukuthi kawunamali.

Oyisikhulu esiphezulu kumasipala izululand, unkz Sindi Linda, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi yibo abakhiphe isitatimen­de ngokuqashw­a kukamdlets­he.

Ngokwalesi sitatimend­e, umdletshe uqashwe njengeseni­or Arts & Culture Co-ordinator uzosebenze­la esikhungwe­ni Indonsa Arts and Craft Centre, lapho kuzobe kulindelek­e aqeqeshe intsha kwezamasik­o.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwehhovisi lindunanku­lu kayiphumel­elanga, ucingo lukamnu Bongi Gwala belukhala lungabanjw­a, kuze kwashaya isikhathi

sokuloba.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? YINYOSI umnu Buzetsheni Mdletshe othi imoto okuthiwa uhamba ngayo kahulumeni wephucwa yona ngo-2020, akayazi lena okukhuluny­wa ngayo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA YINYOSI umnu Buzetsheni Mdletshe othi imoto okuthiwa uhamba ngayo kahulumeni wephucwa yona ngo-2020, akayazi lena okukhuluny­wa ngayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa