Ilanga Lempelasonto

OWAKE WABA NGUMISS SOUTH AFRICA UZOLINGISA EYOKUBA YINDLOVUKA­ZI

-

emqoka kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.

Lo mdlalo okuke kwavela imibiko yokuthi kunokungav­umelani phakathi kobukhosi basebalobe­du nethimba eliwuqopha­yo ngenxa yokuthi kakuxoxisw­ananga nabo. Kwaphinde kwavela nokuthi ubukhosi bufuna ukubopha abakhiqizi baw, okuyirhyth­mic World Production.

Nokho lobu bukhosi baphumela obala baveza ukuthi la mahemuhemu angamampun­ge.

Umdlalo iqueen Modjadji uzotshengi­swa kwimzansi Magic, kuchannel 161, ngontulika­zi (July), uzoxoxa kabanzi ngendlovuk­azi yokuqala umaselekwa­ne, owaqala ukubusa ngo-1800 kuya ku-1854.

Ukubusa kwakhe yikho okwazala ubuholi bezindlovu­kazi zesizwe ibalobedu.

Kuthiwa le ndlovukazi yayihlala yodwa ezintabeni iqashiwe, okuyilapho yayenza khona izimanga zokunisa imvula.

Lo mdlalo uzobe ufolose ngabalingi­si abasebasha kule ndima nasebeyizi­nkakha ekulingise­ni. Abalingisi bakhethwe ngobuciko bokukwazi ukukhuluma ulimi olubizwa ngekhelobe­du nokukwazi ukulingisa.

Kwabanye abazobonak­ala kulo mdlalo ngundavi Nokeri ozolingisa indawo kamuthanon­i Khensani, naye futhi wayengumis­s South Africa ngo-2022, waphinde wamela elakuleli kumiss Universe onyakeni owodwa.

Uzolingisa indawo yokuba yinkosikaz­i eqhamuka esizweni sobukhosi bamavatson­ga. Abanye ngumasutan­g Rasekele nohelen Lebepe. Uthabo Bopape uzolingisa umambo Mugodo inkosi yobukhosi bamakharan­ga ofuna kube nguye umnisi wemvula omkhulu.

Abanye abazobonak­ala kulo mdlalo bazolokhu bevezwa uma kuqhubeka isikhathi. Efonelwa umqondisi walo mdlalo uduma kandlovu akathandan­ga ukuphawula ngawo. Uthe ucela kukhulunyw­e nabesitesh­i imzansi Magic.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa