OWAKE WABA NGUMISS SOUTH AFRICA UZOLINGISA EYOKUBA YINDLOVUKAZI
emqoka kulo mdlalo obhekwe ngabomvu.
Lo mdlalo okuke kwavela imibiko yokuthi kunokungavumelani phakathi kobukhosi basebalobedu nethimba eliwuqophayo ngenxa yokuthi kakuxoxiswananga nabo. Kwaphinde kwavela nokuthi ubukhosi bufuna ukubopha abakhiqizi baw, okuyirhythmic World Production.
Nokho lobu bukhosi baphumela obala baveza ukuthi la mahemuhemu angamampunge.
Umdlalo iqueen Modjadji uzotshengiswa kwimzansi Magic, kuchannel 161, ngontulikazi (July), uzoxoxa kabanzi ngendlovukazi yokuqala umaselekwane, owaqala ukubusa ngo-1800 kuya ku-1854.
Ukubusa kwakhe yikho okwazala ubuholi bezindlovukazi zesizwe ibalobedu.
Kuthiwa le ndlovukazi yayihlala yodwa ezintabeni iqashiwe, okuyilapho yayenza khona izimanga zokunisa imvula.
Lo mdlalo uzobe ufolose ngabalingisi abasebasha kule ndima nasebeyizinkakha ekulingiseni. Abalingisi bakhethwe ngobuciko bokukwazi ukukhuluma ulimi olubizwa ngekhelobedu nokukwazi ukulingisa.
Kwabanye abazobonakala kulo mdlalo ngundavi Nokeri ozolingisa indawo kamuthanoni Khensani, naye futhi wayengumiss South Africa ngo-2022, waphinde wamela elakuleli kumiss Universe onyakeni owodwa.
Uzolingisa indawo yokuba yinkosikazi eqhamuka esizweni sobukhosi bamavatsonga. Abanye ngumasutang Rasekele nohelen Lebepe. Uthabo Bopape uzolingisa umambo Mugodo inkosi yobukhosi bamakharanga ofuna kube nguye umnisi wemvula omkhulu.
Abanye abazobonakala kulo mdlalo bazolokhu bevezwa uma kuqhubeka isikhathi. Efonelwa umqondisi walo mdlalo uduma kandlovu akathandanga ukuphawula ngawo. Uthe ucela kukhulunywe nabesiteshi imzansi Magic.