UDANDALA ‘UBUSISWE’ NGUMLINGISI ATHATHE INDAWO YAKHE
INKAKHA yomlingisi kamabonakude uhlomla Dandala, ithi ithole izibusiso kuzolisa Xaluva ngaphambi kokuba ivume ukudlala indawo kacaesar Ngonyama emdlalweni owuchungechunge okhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-21h00 kwi-e.tv, ismoke and Mirrors.
Udandala osanda kujoyina lo mdlalo, uthi bekungelula ukungena ezicathulweni zikaxaluva obekunguyena obelingisa indawo kacaesar ngaphambi kokuba awushiye lo mdlalo.
“Ngesikhathi ngithola ucingo mayelana nale ndawo ngibone kubalulekile ukuxhumana noxaluva, ngimazise ukuthi naba bengithinta ngendawo abeyidlala. Lokhu bengikwenza ngikhombisa ukubambisana nokumhlonipha njengomuntu obeyidlala,” kusho uhlomla.
Uthi uxaluva wamnika izibusiso zokuthi makaqhubeke, akanankinga nencane nalokhu.
“Kubalulekile ukuthi njengabalingisi sinikezane inhlonipho kulo mkhakha,” esho.
Uthe akulula ukungena endaweni ebilingiswa ngomunye umlingisi kwazise ababukeli basuke sebebakhile ubudlelwano baleyo ndawo nalowo osuke eyilingisa.
“Kangijwayele ukungena ezicathulweni zabanye abalingisi njengoba kuvamise ukuba yimina oshiyayo bese kungena abanye. Kulokhu kube yizingxoxo engibe nazo nabadidiyeli nabaqondisi balo mdlalo, yikhona okungenze ngathatha isinqumo sokuba yingxenye yawo,” esho.
Uthi ubengazi lutho ngalo mdlalo ngaphambi kokuwujoyina.
“Empeleni kanginayo ITV kwami ngoba kanginaso isikhathi sokuyibuka ngenxa yokuba matasa. Nezingane zikhonze ukuzifundela nokuhlala ezingcingweni zazo,” kusho uhlomla, eveza nokuthi akayibuki nemidlalo asuke elingisa kuyona.
“Uma ngiqeda ukuqopha, abadidiyeli bejabulile ngomsebenzi wami, ngiyadlula ngibheke phambili, kanginaso isikhathi sokubuyela emuva ngibheke ukuthi ngenze kanjani. Lowo wumsebenzi wabo abaqondisi,” esho.
Uchaze indawo kacaesar njengehlukile kunalezo aziwa ngazo kumabonakude. Uthe ukukhonzile ukudlala izindawo ezihlukile nezingafani naye ngoba zivimba ukuthi abantu bamazi njengomlingisi oyedwa.
Uthi nakuba esebekhona isikhathi eside kulo mkhakha, kodwa ziseziningi izindawo asafisa ukuzilingisa ngenxa yokuthi zincane kakhulu asazilingisile azithandayo kunalezo asanesifiso sokubonakala ezenza.
Ukusho lokhu ebalula umdlalo ijustice Served ebikhonjiswa kwinetflix, athe baningi ababengazitsheli ukuthi angakwazi ukulingisa indawo ayeyilingisa kuwona.
“Kumnandi ukungena endaweni abantu abangakucabangeli yona, ufike ugile izimanga. Kwangithusa ukuzwa abaqondisi ababili engibahloniphayo begonyuluka ukuthi babengazitsheli ukuthi ngizokwazi ukudlala le ndawo,” kusho lo mlingisi obelingisa indawo ka-azania Mqoma.
Phakathi kwemidlalo kamabonakude aseke wabonakala kuyona, kubalwa Isidingo, irockville, ijacob’s Cross, i-all You Need Is Love, iscandal! aphinde waba ngumqondisi kuyona, ithe River, ithe Republic neminye.
Useke waqokwa waphinde wahlabana ngenqwaba yezindondo kulo mkhakha.
Uthe ngaphandle kokuba ngumlingisi kulo mdlalo, umatasa ngasohlangothini lwamabhizinisi. Unenkampani eqopha imidlalo kamabonakude athe kuyimanje imatasa yenza izethulo zemidlalo eziteshini ezahlukene zikamabonakude.
“Uma kukhona okuqhamukayo, nakanjani abantu bazokwazi kodwa sinayo imidlalo esilindele ukugaba ngayo kumabonakude,” esho.
Uphethe ngokuveza nokuthi usengene nasemabhizinisi okuthengisa nokudayisa ngezindlu nokukhiqiza ezobuchwepheshe.