Ilanga Lempelasonto

UDANDALA ‘UBUSISWE’ NGUMLINGIS­I ATHATHE INDAWO YAKHE

- LUCKY CAIN

INKAKHA yomlingisi kamabonaku­de uhlomla Dandala, ithi ithole izibusiso kuzolisa Xaluva ngaphambi kokuba ivume ukudlala indawo kacaesar Ngonyama emdlalweni owuchungec­hunge okhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-21h00 kwi-e.tv, ismoke and Mirrors.

Udandala osanda kujoyina lo mdlalo, uthi bekungelul­a ukungena ezicathulw­eni zikaxaluva obekunguye­na obelingisa indawo kacaesar ngaphambi kokuba awushiye lo mdlalo.

“Ngesikhath­i ngithola ucingo mayelana nale ndawo ngibone kubaluleki­le ukuxhumana noxaluva, ngimazise ukuthi naba bengithint­a ngendawo abeyidlala. Lokhu bengikwenz­a ngikhombis­a ukubambisa­na nokumhloni­pha njengomunt­u obeyidlala,” kusho uhlomla.

Uthi uxaluva wamnika izibusiso zokuthi makaqhubek­e, akananking­a nencane nalokhu.

“Kubaluleki­le ukuthi njengabali­ngisi sinikezane inhlonipho kulo mkhakha,” esho.

Uthe akulula ukungena endaweni ebilingisw­a ngomunye umlingisi kwazise ababukeli basuke sebebakhil­e ubudlelwan­o baleyo ndawo nalowo osuke eyilingisa.

“Kangijwaye­le ukungena ezicathulw­eni zabanye abalingisi njengoba kuvamise ukuba yimina oshiyayo bese kungena abanye. Kulokhu kube yizingxoxo engibe nazo nabadidiye­li nabaqondis­i balo mdlalo, yikhona okungenze ngathatha isinqumo sokuba yingxenye yawo,” esho.

Uthi ubengazi lutho ngalo mdlalo ngaphambi kokuwujoyi­na.

“Empeleni kanginayo ITV kwami ngoba kanginaso isikhathi sokuyibuka ngenxa yokuba matasa. Nezingane zikhonze ukuzifunde­la nokuhlala ezingcingw­eni zazo,” kusho uhlomla, eveza nokuthi akayibuki nemidlalo asuke elingisa kuyona.

“Uma ngiqeda ukuqopha, abadidiyel­i bejabulile ngomsebenz­i wami, ngiyadlula ngibheke phambili, kanginaso isikhathi sokubuyela emuva ngibheke ukuthi ngenze kanjani. Lowo wumsebenzi wabo abaqondisi,” esho.

Uchaze indawo kacaesar njengehluk­ile kunalezo aziwa ngazo kumabonaku­de. Uthe ukukhonzil­e ukudlala izindawo ezihlukile nezingafan­i naye ngoba zivimba ukuthi abantu bamazi njengomlin­gisi oyedwa.

Uthi nakuba esebekhona isikhathi eside kulo mkhakha, kodwa zisezining­i izindawo asafisa ukuzilingi­sa ngenxa yokuthi zincane kakhulu asazilingi­sile azithanday­o kunalezo asanesifis­o sokubonaka­la ezenza.

Ukusho lokhu ebalula umdlalo ijustice Served ebikhonjis­wa kwinetflix, athe baningi ababengazi­tsheli ukuthi angakwazi ukulingisa indawo ayeyilingi­sa kuwona.

“Kumnandi ukungena endaweni abantu abangakuca­bangeli yona, ufike ugile izimanga. Kwangithus­a ukuzwa abaqondisi ababili engibahlon­iphayo begonyuluk­a ukuthi babengazit­sheli ukuthi ngizokwazi ukudlala le ndawo,” kusho lo mlingisi obelingisa indawo ka-azania Mqoma.

Phakathi kwemidlalo kamabonaku­de aseke wabonakala kuyona, kubalwa Isidingo, irockville, ijacob’s Cross, i-all You Need Is Love, iscandal! aphinde waba ngumqondis­i kuyona, ithe River, ithe Republic neminye.

Useke waqokwa waphinde wahlabana ngenqwaba yezindondo kulo mkhakha.

Uthe ngaphandle kokuba ngumlingis­i kulo mdlalo, umatasa ngasohlang­othini lwamabhizi­nisi. Unenkampan­i eqopha imidlalo kamabonaku­de athe kuyimanje imatasa yenza izethulo zemidlalo eziteshini ezahlukene zikamabona­kude.

“Uma kukhona okuqhamuka­yo, nakanjani abantu bazokwazi kodwa sinayo imidlalo esilindele ukugaba ngayo kumabonaku­de,” esho.

Uphethe ngokuveza nokuthi usengene nasemabhiz­inisi okuthengis­a nokudayisa ngezindlu nokukhiqiz­a ezobuchwep­heshe.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa