UKUPHIKWA WULIBOFUZO KUDALE UQHEKEKO 'KWIZELAMANI'
UKHIHLA esikanandi uma echaza ngesimo abhekene naso owesifazane wasezingwenyeni, egingindlovu, othi ukuzama kwakhe ukuthola umazisi kumlahlekisele ngomfowabo abazi ukuthi bayalamana ngemuva kokubuya kwemiphumela yolibofuzo eveze ukuthi kabahlobene.
Unkz Sebenzile Nokuthula Mgudlula (31), uthi bakhule bewu-6 kubo, bayalamana, bazalwa unina noyise oyedwa. Uthi kabakhuliswanga ngabazali babo, uyise walahla ikhaya, wabhungukela egoli, unina waduka nezwe besebancane, kabamazi noma usaphila yini lapho ekhona.
Uthi unina wabashiya besebancane kubo kayise, bakhulela khona, basala bodwa beyizingane nalamana nabo abagcina beshiya ikhaya bayozizamela impilo ngokubamba amatoho ezindaweni ezahlukene.
“Ngisale nomfowethu omdala obewa evuka nami, ngenhlanhla ubenawo umazisi, awushayelwa yizihlobo kudala. Uzamile ukungilekelela ngenze owami njengoba abazali bethu basishiya singenazo ngisho izitifiketi zokuzalwa. Nginezingane ezithathu nazo ezingenazo izitifiketi zokuzalwa, kaziholi ngenxa yokuthi nami kanginawo umazisi,” kusho yena.
Uthi baye emahhovisi omnyango wezasekhaya nomfowabo eyomshayela umazisi, batshelwa ukuthi kuzodingeka ukuba baqale baphoswe imibuzo ngenxa yokuthi kabanazo izimfanelo zabazali babo, eziqinisekisa ukuthi bahlobene ngempela. Uthi babe sebetshelwa ukuthi yize behlobene kodwa kayikho into ekhombisa ukuthi bangabandawonye.
“Kube sekuthiwa masenze ulibofuzo (DNA) ukuze kuzoba yilo oluzofakaza ukuthi sihlobene, kuthe uma sekubuya imiphumela, yakuchitha ukuthi sihlobene nomfowethu,” esho ekhihla isililo.
Uthi ngemuva kokubuya kwemiphumela impilo kayibange isafana, kwaqala uqhekeko phakathi kwakhe nomfowabo.
“Ekhaya sibawu-6, sonke sazi ukuthi sizalwa ngumama nobaba oyedwa. Kangazi ukuthi uma imiphumela yolibofuzo ibuya ithi kasihlobene nomfowethu engikhuliswe nguye, kusho ukuthini lokho. Namanje ngisaphambene ikhanda ngale nto, kangazi ukuthi ngizokwenzenjani.”
“Inkinga engibhekene nayo wukuthi kusafanele ngikhokhe imali yokuthi kwenziwe ulibofuzo okwesibili ngoba ngiyasola ukuthi likhona iphutha elenzeka. Okubuhlungu kakhulu ukuthi le miphumela isingenze ngangaba nawo umazisi, ngaphinde ngalahlekelwa ngumfowethu obewa evuka nami,” kusho yena.
Lempelasonto, liyibonile incwadi yemiphumela yolibofuzo ekhombisa ukuthi laba kabahlobene.
Ukungabi nomazisi kwakhe kwenza angakwazi ukuhola imali kahulumeni ebhekelela abangasebenzi nokuholela izingane zakhe imali yesibonelelo.
Umphathi wehhovisi lezasekhaya edurban Station, umnu Mbongeleni Magagula, uthe kayikho enye indlela abangakwazi ukulekelela ngayo unkz Mgudlula ngaphandle kokuthi enze ulibofuzo nomunye walamana nabo.
“Noma ngabe kuthiwa kabazalwa ngubaba oyedwa kodwa uma bezalwa ngumama oyedwa, ulibofuzo luzobaveza ukuthi bahlobene, kayikho enye indlela,” kusho yena.
ILANGA
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za