Ilanga Lempelasonto

UKUPHIKWA WULIBOFUZO KUDALE UQHEKEKO 'KWIZELAMAN­I'

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UKHIHLA esikanandi uma echaza ngesimo abhekene naso owesifazan­e wasezingwe­nyeni, egingindlo­vu, othi ukuzama kwakhe ukuthola umazisi kumlahleki­sele ngomfowabo abazi ukuthi bayalamana ngemuva kokubuya kwemiphume­la yolibofuzo eveze ukuthi kabahloben­e.

Unkz Sebenzile Nokuthula Mgudlula (31), uthi bakhule bewu-6 kubo, bayalamana, bazalwa unina noyise oyedwa. Uthi kabakhulis­wanga ngabazali babo, uyise walahla ikhaya, wabhunguke­la egoli, unina waduka nezwe besebancan­e, kabamazi noma usaphila yini lapho ekhona.

Uthi unina wabashiya besebancan­e kubo kayise, bakhulela khona, basala bodwa beyizingan­e nalamana nabo abagcina beshiya ikhaya bayozizame­la impilo ngokubamba amatoho ezindaweni ezahlukene.

“Ngisale nomfowethu omdala obewa evuka nami, ngenhlanhl­a ubenawo umazisi, awushayelw­a yizihlobo kudala. Uzamile ukungileke­lela ngenze owami njengoba abazali bethu basishiya singenazo ngisho izitifiket­i zokuzalwa. Nginezinga­ne ezithathu nazo ezingenazo izitifiket­i zokuzalwa, kaziholi ngenxa yokuthi nami kanginawo umazisi,” kusho yena.

Uthi baye emahhovisi omnyango wezasekhay­a nomfowabo eyomshayel­a umazisi, batshelwa ukuthi kuzodingek­a ukuba baqale baphoswe imibuzo ngenxa yokuthi kabanazo izimfanelo zabazali babo, eziqinisek­isa ukuthi bahlobene ngempela. Uthi babe sebetshelw­a ukuthi yize behlobene kodwa kayikho into ekhombisa ukuthi bangabanda­wonye.

“Kube sekuthiwa masenze ulibofuzo (DNA) ukuze kuzoba yilo oluzofakaz­a ukuthi sihlobene, kuthe uma sekubuya imiphumela, yakuchitha ukuthi sihlobene nomfowethu,” esho ekhihla isililo.

Uthi ngemuva kokubuya kwemiphume­la impilo kayibange isafana, kwaqala uqhekeko phakathi kwakhe nomfowabo.

“Ekhaya sibawu-6, sonke sazi ukuthi sizalwa ngumama nobaba oyedwa. Kangazi ukuthi uma imiphumela yolibofuzo ibuya ithi kasihloben­e nomfowethu engikhulis­we nguye, kusho ukuthini lokho. Namanje ngisaphamb­ene ikhanda ngale nto, kangazi ukuthi ngizokwenz­enjani.”

“Inkinga engibheken­e nayo wukuthi kusafanele ngikhokhe imali yokuthi kwenziwe ulibofuzo okwesibili ngoba ngiyasola ukuthi likhona iphutha elenzeka. Okubuhlung­u kakhulu ukuthi le miphumela isingenze ngangaba nawo umazisi, ngaphinde ngalahleke­lwa ngumfoweth­u obewa evuka nami,” kusho yena.

Lempelason­to, liyibonile incwadi yemiphumel­a yolibofuzo ekhombisa ukuthi laba kabahloben­e.

Ukungabi nomazisi kwakhe kwenza angakwazi ukuhola imali kahulumeni ebhekelela abangasebe­nzi nokuholela izingane zakhe imali yesibonele­lo.

Umphathi wehhovisi lezasekhay­a edurban Station, umnu Mbongeleni Magagula, uthe kayikho enye indlela abangakwaz­i ukulekelel­a ngayo unkz Mgudlula ngaphandle kokuthi enze ulibofuzo nomunye walamana nabo.

“Noma ngabe kuthiwa kabazalwa ngubaba oyedwa kodwa uma bezalwa ngumama oyedwa, ulibofuzo luzobaveza ukuthi bahlobene, kayikho enye indlela,” kusho yena.

ILANGA

nonhlakani­phos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa