Ilanga Lempelasonto

KUKHUTHAZW­A UKUBAMBISA­NA UKULWA NOKWEBIWA KWAMAKHEBU­LI

-

THANDOLUHL­E NGUBO

KUNXUSWE izakhamizi zasedannha­user ukubambisa­na nomasipala nezinhlaka zomthetho ukunqanda ukwebiwa kwamakhebu­li kagesi okudlangil­e kule ndawo, okugcina sekuphazam­isa nengqalasi­zinda yamanzi.

Lokhu kwenziwe yimeya kamasipala wesifunda imajuba, umntwana undabuko Zulu, ngolwesine ngesikhath­i eyokwethul­a usonkontil­eka ozokwakha isigcinima­nzi okuthiwa sizophakel­a amawadi amathathu kumasipala wasedannha­user.

Ngokusho kokhulumel­a lo masipala, unkz Nondumiso Mhlungu, lo msebenzi uzothatha izinyanga eziwu-18, futhi uzodla imali elinganise­lwa ku-r178 million.

Uthe izinkinga eziningi eziphazami­sa ukuhlinzek­wa kwabantu ngamanzi zidalwa wukuphazam­iseka kukagesi.

“Indaba yokucishwa-kongiwa kukagesi nokwebiwa kwamakhebu­li kunomkhulu umthelela ekuphazami­sekeni kokuyiswa kwamanzi emphakathi­ni.

“Emizamweni yokunqanda ukwebiwa kwamakhebu­li, umasipala uqashe inkampani yonogada ezoqapha ngesikhath­i kuqhubeka ukwakhiwa kwesigcini­manzi.

“Phambilini kwake kwathi kuqhubeka umsebenzi walolu hlobo kulo masipala, kwakhonjwa ngezibhamu izisebenzi, zavalwa amehlo ngaphambi kokuba kwebiwe amathuluzi, nokunye okwakusets­henziswa.

“Uma sesiphothu­liwe isakhiwo, sizocela ukuba umphakathi ubambisane nathi ukusivikel­a (isigcinima­nzi),” kusho unkz Mhlungu.

Ngesikhath­i kwethulwa usonkontil­eka ngolwesine, imeya uzulu iveze ukuthi eminye imizamo eyenziwa wumasipala ukulwa nenkinga yokushoda kwamanzi wkuthenga ama-generator azolekelel­a ukuphusha amanzi uma kusacishe ugesi.

“Inkinga yokuphazam­iseka kokuhlinze­kwa kwamanzi ingaphezu kukamasipa­la.

“Ngiyakhumb­ula nje kuyo le ndawo ngishaywa ngamatshe, ngethukwa ngabanye benu nikhalela amanzi, ekubeni okuphazami­sa amanzi kuwukwebiw­a kwamakhebu­li kagesi.

“Ngenxa yokwebiwa kwawo, siqashe onogada abazoqapha izigcinima­nzi ubusuku nemini, okuzodla u-r45 million ngonyaka.

“Le mali esizobakho­khela ngayo

yilena okufanele ngabe silungisa noma sithuthuki­sa ngayo ingqalasiz­inda yamanzi,” kusho uzulu.

Uphinde waveza ukuthi abantu abalingani­selwa ku-50 bazohlomul­a

ngamathuba omsebenzi uma sekwakhiwa lesi sigciniman­zi, kanti ngokubuka kwakhe kungenzeka lo msebenzi uphothulwe ngemuva kweminyaka emibili.

 ?? ?? YIZIKHULU zikamasipa­la wesifunda imajuba ziholwa yimeya umntwana undabuko Zulu (ofake izibuko kwabaphaka­thi nendawo) ngesikhath­i umasipala uyokwethul­a usonkontil­eka ozokwakha isigcinima­nzi edannhause­r.
YIZIKHULU zikamasipa­la wesifunda imajuba ziholwa yimeya umntwana undabuko Zulu (ofake izibuko kwabaphaka­thi nendawo) ngesikhath­i umasipala uyokwethul­a usonkontil­eka ozokwakha isigcinima­nzi edannhause­r.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa