KUKHUTHAZWA UKUBAMBISANA UKULWA NOKWEBIWA KWAMAKHEBULI
THANDOLUHLE NGUBO
KUNXUSWE izakhamizi zasedannhauser ukubambisana nomasipala nezinhlaka zomthetho ukunqanda ukwebiwa kwamakhebuli kagesi okudlangile kule ndawo, okugcina sekuphazamisa nengqalasizinda yamanzi.
Lokhu kwenziwe yimeya kamasipala wesifunda imajuba, umntwana undabuko Zulu, ngolwesine ngesikhathi eyokwethula usonkontileka ozokwakha isigcinimanzi okuthiwa sizophakela amawadi amathathu kumasipala wasedannhauser.
Ngokusho kokhulumela lo masipala, unkz Nondumiso Mhlungu, lo msebenzi uzothatha izinyanga eziwu-18, futhi uzodla imali elinganiselwa ku-r178 million.
Uthe izinkinga eziningi eziphazamisa ukuhlinzekwa kwabantu ngamanzi zidalwa wukuphazamiseka kukagesi.
“Indaba yokucishwa-kongiwa kukagesi nokwebiwa kwamakhebuli kunomkhulu umthelela ekuphazamisekeni kokuyiswa kwamanzi emphakathini.
“Emizamweni yokunqanda ukwebiwa kwamakhebuli, umasipala uqashe inkampani yonogada ezoqapha ngesikhathi kuqhubeka ukwakhiwa kwesigcinimanzi.
“Phambilini kwake kwathi kuqhubeka umsebenzi walolu hlobo kulo masipala, kwakhonjwa ngezibhamu izisebenzi, zavalwa amehlo ngaphambi kokuba kwebiwe amathuluzi, nokunye okwakusetshenziswa.
“Uma sesiphothuliwe isakhiwo, sizocela ukuba umphakathi ubambisane nathi ukusivikela (isigcinimanzi),” kusho unkz Mhlungu.
Ngesikhathi kwethulwa usonkontileka ngolwesine, imeya uzulu iveze ukuthi eminye imizamo eyenziwa wumasipala ukulwa nenkinga yokushoda kwamanzi wkuthenga ama-generator azolekelela ukuphusha amanzi uma kusacishe ugesi.
“Inkinga yokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi ingaphezu kukamasipala.
“Ngiyakhumbula nje kuyo le ndawo ngishaywa ngamatshe, ngethukwa ngabanye benu nikhalela amanzi, ekubeni okuphazamisa amanzi kuwukwebiwa kwamakhebuli kagesi.
“Ngenxa yokwebiwa kwawo, siqashe onogada abazoqapha izigcinimanzi ubusuku nemini, okuzodla u-r45 million ngonyaka.
“Le mali esizobakhokhela ngayo
yilena okufanele ngabe silungisa noma sithuthukisa ngayo ingqalasizinda yamanzi,” kusho uzulu.
Uphinde waveza ukuthi abantu abalinganiselwa ku-50 bazohlomula
ngamathuba omsebenzi uma sekwakhiwa lesi sigcinimanzi, kanti ngokubuka kwakhe kungenzeka lo msebenzi uphothulwe ngemuva kweminyaka emibili.