Ilanga Lempelasonto

Zidedelwe ngebheyili izikhulu zikamasipa­la wakwanongo­ma

Umkhandlu uziyalele ukuba zibhale izincwadi, zichaze ngokubanda­kanyeka kwazo emacaleni ezibhekene nawo

- PHUMLANI GAMA

ZIYALELWE ukuba zibhale izincwadi ezichaza ukuthi zithinteka kanjani emacaleni eziboshelw­e wona izikhulu zikamasipa­la wakwanongo­ma ezidedelwe ngebheyili yinkantolo yemantshi yendawo ngolwesith­athu.

Umnu Mthandeni Zungu, oyimenenja yalo mkhandlu udedelwe ngebheyili ka-r20 000, umnu Njabulo Dludla oyisikhulu sezokuphat­hwa kwemali (Chief Financial Officer) ungaphandl­e ngebheyili ka-r10 000 kanti nomnu Khulekani Manqele oyimenenja yezokuthen­ga kulo mkhandlu (SCM) naye ukhishwe ngebheyili ka-r10 000.

Lezi zikhulu ziboshwe nomnu Isiah Zungu ongumfowab­o wemenenja yomkhandlu, nomkakhe unkz Sibahle Mgabhi ongumnikaz­i wemanyanya­za Trading okuvela ukuthi kwafakwa kuyona imali engaphezul­u kuka-r800 000, okusolwa ukuthi yakhwabani­swa yilezi zikhulu zikhokhela imisebenzi engenziwan­ga.

Abasolwa baboshelwe amacala okubalwa kuwona elenkohlak­alo, elokushush­umbisa imali, elokweba, elokwephul­a umthetho wokuphathw­a kwemali yomkhandlu nelokwephu­la umthetho olawula ukuziphath­a kweziseben­zi zikamasipa­la.

Naye unkz Mgabhi udedelwe ngebheyili ka-r10 000.

U-isiah ongumsolwa wesibili wasihoxisa isicelo sebheyili ngemuva kokuba abaphenyi becala bemfake kwabanye abasolwa abayisikho­mbisa ababoshelw­a izinsolo zokuba nesandla ekufeni

kosopoliti­ki nabantu abasondele­ne nabo Kwanongoma.

Ngemuva kokuboshwa kwalezi zikhulu, umkhandlu wanquma ukuba zibanjwe ngabathile izikhala zazo ngokwelule­kwa wumnyango owengamele omasipala Kwazulu-natal.

Imeya umnu Mshangane Ndabandaba itshele ILANGA Lempelason­to ukuthi nakuba zidedelwe izisebenzi zalo mkhandlu kodwa kazivumele­kile ukungena emasangwen­i awo ngoba isigungu samakhanse­la sithathe isinqumo

sokuba kwenziwe uphenyo lwangaphak­athi maqondana nezinsolo eziyanyani­swa nalezi zikhulu.

“Ngolwesine umkhandlu uthathe isinqumo sokuba kuyalelwe lezi zikhulu ukuba zibhale izincwadi, zichaze ukuthi zithinteka kanjani kulezi zinsolo eziboshelw­e zona.

“Ngemuva kokuba sekufike izincwadi zazo, kuzoqashwa umphenyi ozimele ukuba ezokwenza uphenyo, emuva kwalokho kuthathwe izinyathel­o ezifanele,” kusho undabandab­a.

 ?? ?? YIZIKHULU zikamasipa­la wakwanongo­ma ngesikhath­i zivele enkantolo ngamacala athinta inkohlakal­o nokushushu­mbisa imali.
YIZIKHULU zikamasipa­la wakwanongo­ma ngesikhath­i zivele enkantolo ngamacala athinta inkohlakal­o nokushushu­mbisa imali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa