Zidedelwe ngebheyili izikhulu zikamasipala wakwanongoma
Umkhandlu uziyalele ukuba zibhale izincwadi, zichaze ngokubandakanyeka kwazo emacaleni ezibhekene nawo
ZIYALELWE ukuba zibhale izincwadi ezichaza ukuthi zithinteka kanjani emacaleni eziboshelwe wona izikhulu zikamasipala wakwanongoma ezidedelwe ngebheyili yinkantolo yemantshi yendawo ngolwesithathu.
Umnu Mthandeni Zungu, oyimenenja yalo mkhandlu udedelwe ngebheyili ka-r20 000, umnu Njabulo Dludla oyisikhulu sezokuphathwa kwemali (Chief Financial Officer) ungaphandle ngebheyili ka-r10 000 kanti nomnu Khulekani Manqele oyimenenja yezokuthenga kulo mkhandlu (SCM) naye ukhishwe ngebheyili ka-r10 000.
Lezi zikhulu ziboshwe nomnu Isiah Zungu ongumfowabo wemenenja yomkhandlu, nomkakhe unkz Sibahle Mgabhi ongumnikazi wemanyanyaza Trading okuvela ukuthi kwafakwa kuyona imali engaphezulu kuka-r800 000, okusolwa ukuthi yakhwabaniswa yilezi zikhulu zikhokhela imisebenzi engenziwanga.
Abasolwa baboshelwe amacala okubalwa kuwona elenkohlakalo, elokushushumbisa imali, elokweba, elokwephula umthetho wokuphathwa kwemali yomkhandlu nelokwephula umthetho olawula ukuziphatha kwezisebenzi zikamasipala.
Naye unkz Mgabhi udedelwe ngebheyili ka-r10 000.
U-isiah ongumsolwa wesibili wasihoxisa isicelo sebheyili ngemuva kokuba abaphenyi becala bemfake kwabanye abasolwa abayisikhombisa ababoshelwa izinsolo zokuba nesandla ekufeni
kosopolitiki nabantu abasondelene nabo Kwanongoma.
Ngemuva kokuboshwa kwalezi zikhulu, umkhandlu wanquma ukuba zibanjwe ngabathile izikhala zazo ngokwelulekwa wumnyango owengamele omasipala Kwazulu-natal.
Imeya umnu Mshangane Ndabandaba itshele ILANGA Lempelasonto ukuthi nakuba zidedelwe izisebenzi zalo mkhandlu kodwa kazivumelekile ukungena emasangweni awo ngoba isigungu samakhansela sithathe isinqumo
sokuba kwenziwe uphenyo lwangaphakathi maqondana nezinsolo eziyanyaniswa nalezi zikhulu.
“Ngolwesine umkhandlu uthathe isinqumo sokuba kuyalelwe lezi zikhulu ukuba zibhale izincwadi, zichaze ukuthi zithinteka kanjani kulezi zinsolo eziboshelwe zona.
“Ngemuva kokuba sekufike izincwadi zazo, kuzoqashwa umphenyi ozimele ukuba ezokwenza uphenyo, emuva kwalokho kuthathwe izinyathelo ezifanele,” kusho undabandaba.