Ilanga Lempelasonto

I-SALGA EKZN IKHALA NGABALAWUL­I BOMASIPALA 'ABANGAKHIS­HWA'

- PHUMLANI GAMA

UMUNWE ukhonjwe kungqongqo­she wezamanzi umnu Senzo Mchunu ngembangel­a yokwanda kokungakho­khelwa kwamanzi komasipala bakwazulu-natal.

Usihlalo wesouth African Local Government Associatio­n (Salga) esifundazw­eni, umnu Thami Ntuli, ekhuluma esithangam­ini sabezindab­a ngolwesine ethekwini, uthe izinkinga eziningi zemali komasipala wukuthi bacwila ezikweleti­ni okufanele ngabe ziyagwemek­a.

Ukhale nangeminya­ngo kahulumeni engawakhok­heli amanzi ewahlinzek­wa womasipala.

Uthe enye inselelo wukuthi umnyango namabhodi aqokelwe ukwengamel­a izinto ezithinta amanzi bagcina ngokunquma inani lemali okufanele kuthengisw­e ngalo amanzi, bangabe besabeseka omasipala ukuwatheng­isa.

“Omasipala abaningi lapha esifundazw­eni badonsa kanzima emalini ngenxa yokuthi kuneminyan­go kahulumeni engawakhok­heli amanzi.

“Omasipala basebenzis­e izinsiza zabo ukuhlinzek­a ngamanzi.

“Iminyango ehamba phambili ngokungawa­khokheli amanzi ngowezemfu­ndo, ngowemiseb­enzi yomphakath­i nowezempil­o,” kusho untuli.

Uqhube wathi kuyabakhat­haza nokwanda kwesibalo somasipala abafakwe ngaphansi kwabalawul­i.

Uthe iningi labalawuli lidla uhulumeni imali eningi, kanti balethwa kuthiwe bazohlala izinyanga ezimbalwa, bengabe besakhishw­a.

“Ngikhuluma nje kwabanye omasipala kunabalawu­li osekuphele iminyaka engaphezul­u kweyisikho­mbisa bengashint­shwa.

“Komunye umasipala kunomlawul­i ohola imali engaphezul­u kuka-r100 000, okungacaci ukuthi kwalandelw­a miphi imigudu ukuze anikwe imali engaka.

“Siwuhlaka olubhekele­le omasipala Kwazulu-natal, kaseneme ngalesi simo ngoba sikhuthuza uhulumeni imali eningi kakhulu.

“Kuyashaqis­a ukuzwa ukuthi ukufakwa kwabalawul­i komasipala kudla uhulumeni imali engaphezul­u kuka-r3

“Ngeke sithule sibona ukuthi okuningi kuyonakala komasipala esifundazw­eni,” kusho untuli.

 ?? ?? NGUMNU Thami Ntuli WESALGA Kwazulu-natal.
NGUMNU Thami Ntuli WESALGA Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa