I-SALGA EKZN IKHALA NGABALAWULI BOMASIPALA 'ABANGAKHISHWA'
UMUNWE ukhonjwe kungqongqoshe wezamanzi umnu Senzo Mchunu ngembangela yokwanda kokungakhokhelwa kwamanzi komasipala bakwazulu-natal.
Usihlalo wesouth African Local Government Association (Salga) esifundazweni, umnu Thami Ntuli, ekhuluma esithangamini sabezindaba ngolwesine ethekwini, uthe izinkinga eziningi zemali komasipala wukuthi bacwila ezikweletini okufanele ngabe ziyagwemeka.
Ukhale nangeminyango kahulumeni engawakhokheli amanzi ewahlinzekwa womasipala.
Uthe enye inselelo wukuthi umnyango namabhodi aqokelwe ukwengamela izinto ezithinta amanzi bagcina ngokunquma inani lemali okufanele kuthengiswe ngalo amanzi, bangabe besabeseka omasipala ukuwathengisa.
“Omasipala abaningi lapha esifundazweni badonsa kanzima emalini ngenxa yokuthi kuneminyango kahulumeni engawakhokheli amanzi.
“Omasipala basebenzise izinsiza zabo ukuhlinzeka ngamanzi.
“Iminyango ehamba phambili ngokungawakhokheli amanzi ngowezemfundo, ngowemisebenzi yomphakathi nowezempilo,” kusho untuli.
Uqhube wathi kuyabakhathaza nokwanda kwesibalo somasipala abafakwe ngaphansi kwabalawuli.
Uthe iningi labalawuli lidla uhulumeni imali eningi, kanti balethwa kuthiwe bazohlala izinyanga ezimbalwa, bengabe besakhishwa.
“Ngikhuluma nje kwabanye omasipala kunabalawuli osekuphele iminyaka engaphezulu kweyisikhombisa bengashintshwa.
“Komunye umasipala kunomlawuli ohola imali engaphezulu kuka-r100 000, okungacaci ukuthi kwalandelwa miphi imigudu ukuze anikwe imali engaka.
“Siwuhlaka olubhekelele omasipala Kwazulu-natal, kaseneme ngalesi simo ngoba sikhuthuza uhulumeni imali eningi kakhulu.
“Kuyashaqisa ukuzwa ukuthi ukufakwa kwabalawuli komasipala kudla uhulumeni imali engaphezulu kuka-r3
“Ngeke sithule sibona ukuthi okuningi kuyonakala komasipala esifundazweni,” kusho untuli.