Ilanga Lempelasonto

Kugujwa iminyaka ewu-30 yenkululek­o ngezitori zabafela inkululeko

- THANDI ZONDI

IKHOMISHAN­A yezamafili­mu Kwazulu-natal, izobungaza iminyaka ewu-30 iningizimu Afrika yathola inkululeko ngombukiso wamafilimu osihloko sithi, Truth Be Told. Lo mbukiso uzokuba sebat Centre, ethekwini, ngolwesine oluzayo lomhla ka-9 kunhlaba (May) kusuka ngo-10 ekuseni.

Kuzobe kutshengis­wa izindaba zabantu abalahleke­lwa ngabathand­iweyo ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi eminyakeni engaphezul­u kwewu-20 edlule, ikhomishan­a yamaqiniso yenza isiphakami­so sokuthi kuphenywe amacala angaphezu kuka-300 abantu ababulawa ngesikhath­i sobandlulu­lo.

Ifilimu itruth Be Told ixoxa ngezindaba zekhomisha­na yamaqiniso kepha iqoke ukusebenzi­sa ezakwazulu-natal, okungesika­phila Portia Ndwandwe, ubheki Mlangeni, untombi Kubheka notopsy Madaka okungazang­e kuvele iqiniso ngabo futhi akekho owaboshwa ngokubulaw­a kwabo wuhulumeni wobandlulu­lo.

Kwesinye sezitori kuxoxa ingane yomunye wabafi kepha esikhulile manje, ixoxa ngokuthi ihlukumeze­ke kangakanan­i, ithwele lobu bunzima ikhula.

Umkhiqizi wale filimu umnu Enver Samuels, uthi: “Bekubalule­kile ukuthi njengoba sigubha iminyaka ewu-30 yenkululek­o, itruth Be Told yethulwe. Uyamazi uphila Portia Ndwandwe?

Untombi Kubheka yena? Mancane amathuba alokho.

“Uyazi ukuthi kungani ungabazi? Yingakho-ke ngibone kubaluleki­le ukuthi ngibhale le documentar­y. Siyawazi amagama afana nomandela, otambo nosisulu kodwa kasiwazi amanye amagama abantu ababeyizis­hoshovu zenkululek­o esiyithoko­zelayo manje.”

Umnu Victor Senna wekwazulun­atal Film Commission engabaxhas­i, uthi: “Njengekzn Film, siyazeseka

izitori zakulesi sifundazwe ezixoxa kabanzi ngamaqhawe namaqhawek­azi aso futhi abambe iqhaza elikhulu emlandweni waso.

“Njengoba izwe ligubha iminyaka ewu-30 lakhululek­a, kubaluleki­le ukuthi sitshengis­e izitori ezifana nalezi, ngoba zisitsheng­isa lapho siphuma khona singabantu baseningiz­imu Afrika nemindeni yasekzn.

“Ngakho-ke ngigqugquz­ela wonke umuntu ukuba asondele neno ukuzobukel­a.”

 ?? ?? NGUTHABANG Mabuza oyindodana kaphila Portia Ndwandwe owayeyisis­hoshovu sobandlulu­lo.
NGUTHABANG Mabuza oyindodana kaphila Portia Ndwandwe owayeyisis­hoshovu sobandlulu­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa