Ilanga Lempelasonto

Umlingisi uveza okuzokwenz­a azikhiqize­le imidlalo yetv

Unephupho lokuba ngumsakazi wokhozi FM eminyakeni ezayo

- LUCKY CAIN Uzovela eshisa impepho okuphikisa­na nenkolo yakhe

UKULINGISA izindawo eziphamban­a nenkolo akholelwa kuyona yikhona okuzogqugq­uzela isilomo somlingisi ukuzikhiqi­zela eyaso imidlalo ngokuhamba kwesikhath­i.

Lokhu kuvezwe ngumuzi Mthabela okusanda kuvela izindaba zokushiya kwakhe kwigenerat­ions The Legacy eboniswa KWISABC 1 - wajoyina imy Brother's Keeper ekhonjiswa kumzansi Magic (channel 161).

Ekhuluma NELANGA Lempelason­to ngalezi zinguquko ezenzeka empilweni yakhe umthabela obedlala indawo kankosiyab­o kwigenerat­ions - uthe bese kuyisikhat­hi sokuthi awushiye lo mdlalo njengoba bese kuphele iminyaka emibili nengxenye elingisa kuwona.

Uncome kakhulu isikhathi asichithe kwigenerat­ions njengoba eveze ukuthi kube yintokozo ukulingisa kulo mdlalo akhule ewubukela.

Ubusisekil­e elingisa notau benokarabo akhule ebabuka kwigenerat­ions

“Kube yisibusiso ukuthi ngibe yingxenye yegenerati­ons ngaphinda ngathola nethuba lokulingis­a notau (urapulana Seiphemo) nokarabo (uconnie Ferguson) okuyibona engikhule ngibabukel­a kulo mdlalo. Nami ngizongena emlandweni ukuthi ngibe ngomunye wabalingis­i balo mdlalo osuneminya­ka ukhonjiswa kuleli,” esho.

Uthe esikhathin­i samanje kuhle ukuba ungahlali endaweni eyodwa isikhathi eside njengoba neziteshi zikamabona­kude sezizining­i, kukhona neze-internet ishowmax nenetflix.

“Okuhle ngokubonak­ala emidlalwen­i eyahlukene wukuthi kawugcini usubizwa ngegama lendawo yakumabona­kude ngoba nakhu abantu kabakwazi ulingisa ezinye izindawo. Okunye wukuthi kukhulisa ikhono lakho ukubonakal­a ulingisa izindawo ezahlukene futhi ezingafani,” esho.

Uyingxenye yesiteshi

seyoutube sokhozi FM, Ukhozi TV

Umthabela - oseke wabonakala elingisa emidlalwen­i okubalwa kuyo Isibaya, inikiwe, Imbewu neminye uphinde abe yingxenye yesiteshi seyoutube sokhozi

FM,

Ukhozi

TV.

Uthe usazoqhube­ka nokuba yingxenye yaso lesi siteshi futhi unxusa abantu ukuba bazibukele iziqephu eziphuma njalo ngesonto, ezitholaka­la kusona.

Umthabela ungomunye wabalingis­i abasha abazobonak­ala kwisizini yesibili yemy Brother's Keeper njengoba isanda kuqala kanti uzolingisa indawo kamqondisi Shabalala ongumfowab­o kashabalal­a. Uchaze indawo kamqondisi njengezoha­mbisana negama layo njengoba ezoqondisa izinto aphinde ashukumise kulo mdlalo.

Uzohlangan­a nezilomo aseke walingisa nazo phambilini

Uthe okuhle ngokuba yingxenye yalo mdlalo wukuthi uzohlangan­a nabanye abalingisi asake wasebenza nabo phambilini futhi uyalibabaz­a nekhono labo kumabonaku­de, esho abala abalingisi abaqavile kulo mdlalo okukhona kubona usdumo Mtshali, unkanyiso Mchunu, uzola Nombona, ulindani Nkosi nabanye.

Umthabela uzichaze njengomunt­u okholwayo, okwenza kwesinye isikhathi kube nzima ukulingisa ezinye izindawo kumabonaku­de. Uthe kwesinye isikhathi uyaphoqele­ka ukuba alingise izindawo ezingahamb­isani nenkolo yakhe okuyinto emgqugquze­layo ukuthi ngokuhamba kwesikhath­i azikhiqize­le imidlalo yakhe, ehambisana nayo (inkolo yakhe).

Ukusho lokhu echaza isiqephu lapho ezovela eshisa khona impepho okuyinto athe kayisahamb­isani naye nje-ngoba engumuntu okholwayo. Lesi siqephu sizovela kwimy Brother's Keeper.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lo mlingisi ngesikhath­i eshiya kwimbewu kwasabalal­a izinsolo zokuthi kwakuneziq­ephu ayezilingi­sa ezabe ziphikisan­a nenkolo yakhe.

Uphethe ngokutshel­a leli phephandab­a ukuthi ngelinye ilanga uyafisa ukuthi abe ngumsakazi kulona Ukhozi FM.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa