UMENYEZELWE OZOKWETHULA OLWE-RHOD
LUCKY CAIN
SELIDUMELA emasumpeni ngohlelo lukamabonakude lwabesifazane basethekwini olubizwa ngereal Housewives of Durban njengoba ngolwesine kumenyezelwe ozoba ngumethuli wolokugcina oluzoba ngomhla ka-15 kunhlaba (May).
Umablerh (osesithombeni) ukhuza ibuya ukuzoba ngumethuli wohlelo lokugcina njengoba nangonyaka owedlule kwaba nguyena owethula olwamanqamu. Ngokusho kwabakwashowmax okuyisiteshi se-internet okukhonjiswa kusona lolu hlelo ireal Housewives, ibe nedumela kakhulu kulo nyaka njengoba iphithizelise izinkundla zokuxhumana ngesikhathi ikhuza ibuya.
Kule sizini kubonakale izintokazi ezintsha ezijoyine lolu hlelo, okungu-ameigh Thompson, nguangel Ndhlela nozama Ngcobo.
Lezi zintokazi zijoyine ebezivele zikhona esezizakhele udumo kulona lolu hlelo okubalwa kuzo usorisha Naidoo, ujojo Robinson, umaria Valaskatzis, unonku Williams noslee Ndlovu.
Kulindeleke ukuba uhlelo lwamanqamu oluzoba yiziqephu ezimbili, ngomhla ka-15 nomhla ka-22 kunhlaba lushube njengoba kuzobe kuphuma amaqiniso kwazise lolu hlelo lugabe ngokuhlebana nokuqhudelana kulaba besifazane ababukeka bephila impilo yabadla izambane likapondo.
Umablerh uthe uyazi ukuthi ababukeli balolu hlelo bazimisela kangakanani ngosuku lwamanqamu ngakho akazimisele ukuthi ashaye udaka. Umablerh akalona ivukana ekwethuleni izinhlelo zalolu hlobo njengoba eseke wethula olwamanqamu lwereal Housewives of Gqeberha nereal Housewives of Johannesburg.
Uthe uzizwa ethobekile ngokuthola leli thuba futhi kanti uyajabula ngokuqopha umlando ngokuba ngowokuqala wase-afrika ukuba ngumethuli walezi zinhlelo ephindelela.
Uthembise ukuthi ngeke ashiye lutho lulenga njengoba konke kuzohlala obala kulesi siqephu. Kuzokhumbuleka ukuthi lolu hlelo luke lwaba nabanye besifazane asebezakhele udumo okubalwa kubo u-ayanda Ncwane, unonkanyiso Conco, Annie Mthembu nabanye.