Ilanga Lempelasonto

Mayicacisw­e eyesikhund­la sikamengam­eli uma kunqoba umbimbi lwamaqembu

-

MHLELI: Ngiyavumel­ana nabo bonke ababuka ukhetho esiya kulo njengolubu­cayi kakhulu uma beluqhatha­nisa nolwango-1994.

Ukuba bucayi kokhetho kudalwe wumphumela okhalisa abanye ngomsebenz­i kahulumeni wentando yeningi kule minyaka ewu-30 ubusa izwe.

Ukhetho esiya kulona lubucayi ngendlela yokuthi sekuze kwasukuma IDA, I-IFP, i-actionsa namanye amaqembu akha umbimbi ngenhloso yokuba ahlanganis­e amavoti awo ukuze kugudluke I-ANC emandleni, ebese la maqembu abuse uhulumeni ngokubambi­sana.

Leli gxathu elithathwe yilawa maqembu asilindele ukuba lisidalele izinxushun­xushu kuhulumeni obambisene, uma kwenzeka la maqembu enqoba ukhetho ngokuhlang­anyela, inqobo nje uma abaholi bawo bengezoban­ga izikhundla.

Bekumele amaqembu ombimbi azame ngayo yonke indlela ukuthi uma enqoba ukhetho, kungabi khona izinxushun­xushu.

Yingalesi sizathu ngibona kumele ingashaywa indiva eyokuqokwa kukamengam­eli wezwe kuhulumeni wombimbi. Bekumele amaqembu ombimbi abacacisel­e abavoti ngezinhlel­o zokuphatha uma enqoba, ukuze kungabi khona ukuphikisa­na okuzobambe­zela ukuhanjisw­a kwezidingo kubantu.

Ngikhumbul­a impendulo yomholi weda, umnu John Steenhuise­n, uma ebuzwa ngololu daba; waphendula ngobukhulu ubuhlakani, wathi akukho angakukhul­uma engakabona­kali amavoti.

Impendulo yalo mholi yalandela eye-ifp ngomholi wayo umnu Velenkosin­i Hlabisa, nayo eyaba nobuhlakan­i ngokuthi yize bekhona ombimbini, kodwa bangenele ukhetho ngokuzimel­a.

Izimpendul­o zalawa maqembu zingivezel­a ngokusobal­a ukuthi yize amaqembu abambisene engakaphum­eli obala avumelane kwelokuqok­a umengameli, kodwa kuyazichaz­a futhi kulindelek­ile ukuthi iqembu okuzoqokwa kulo umengameli kube yilelo elithole amavoti amaningi kunamanye. Uma kuwukuthi izimpendul­o

zala maqembu zichaza lokhu, bekumele akucacise lokhu, avumelane ukuze singabambe­zeleki uma enqoba ukhetho, sekubangwa isikhundla sikamengam­eli.

Sibaluleki­le kakhulu isikhundla sikamengam­eli. Kuyaxaka ukuthi udaba lwaso luzitshelw­ani, ngoba uma kungathiwa iningi lalawa maqembu livumelana NE-IFP neda kolwezinom­bolo zamavoti, kungabuye kuvumbuke elinye lawo nendlela ehlukile futhi engemukele­kile kwamanye yokutomula umengameli, ziqale zisuka izinkinga zikahulume­ni wombimbi.

Uthi umbuzo; kuyokwenze­kani uma kuphetha ngombango wesikhundl­a sikamengam­eli wezwe emaqenjini ombimbi emuva kokhetho?

Cebolenkos­i Maphumulo enanda

 ?? ?? NGUMNU John Steenhuise­n weda, ngumnu Herman Mashaba we-actionsa nomnu Velenkosin­i Hlabisa WE-IFP.
NGUMNU John Steenhuise­n weda, ngumnu Herman Mashaba we-actionsa nomnu Velenkosin­i Hlabisa WE-IFP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa