Ilanga Lempelasonto

Ugelant ugaqele ukumela elakuleli okwesithat­hu kuma-olympics

NOMZWAMAND­LA ZONDI

-

U-ELROY Gelant akakalipho­nsi ithawula ngokumela iningizimu Afrika kumaolympi­c Games azoqala ngontulika­zi (July) asongwe ngoncwaba (August) eparis, efrance.

Ugelant – osubathela iboxer Athletics Club – ungomunye wabathwelw­e ngeqoma ukukhala emuke nesicoco sedurban Internatio­nal Marathon kusasa ngesonto ezosukela esiphingo isongwe ngaphandle kwasemoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Ekuqaleni konyaka lo msubathi uqophe isikhathi esiwu-2:08:56 kwimaratho­n kanti ukuze akwazi ukuya kuma-olympics, kufanele enze u-2:08:10. Idurban Internatio­nal yithuba elihle kugelant lokuzicabe­la indlela ebheke eparis.

Lo msubathi umangaze abantu abaningi ngempelaso­nto edlule ehlomula ngendondo yesiliva kwi-5000m kwi-athletics South Africa Senior Track and Field Championsh­ips emgungundl­ovu.

Ubesanda kwenza okufanayo engena unombolo 2 kwi-absa Run Your City Gqeberha 10K.

Lo msubathi oneminyaka ewu-37 ubudala, wazalelwa egeorge, ewestern Cape, kanti usemele izwe emiqhudelw­aneni eminingi okubalwa kuyo nawo ama-olympics.

Uqale ukumela isifundazw­e sakhe eneminyaka ewu-9, wahlomula ngezindond­o.

Uqede ugrade 12 wayofunda enorth West University (NWU) lapho ephothule khona iziqu zehonours kwilabour Relations nakwihuman Resources.

Ngemuva kweminyaka emibili uthole umsebenzi wokuba yihuman Resource Manager.

I-NWU iphinde yamnika umsebenzi wokufundis­a ihuman Resources ne-industrial Pschology kwizitshud­eni ezenza unyaka wokuqala nowesibili.

Ubeyingxen­ye yethimba elalimele izwe kuma-olympics ngo-2016 erio de Janeiro, ebrazil, nango-2020 etoyko, ejapan. Useke wamela elakuleli kuma-african Champs, kwiworld Indoor nakwiworld University Champs.

Uke waphatha irekhodi lakuleli le-5000m ngesikhath­i esiwu-13:04, manje eselipheth­we ngu-adriaan Wildschutt.

Ingxoxo kagelant NELANGA Lempelason­to (I/L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/L: Ungumuntu onjani?

Gelant: Nginomoya ophansi, ngiyawutha­nda umndeni wami. Kulula ukungejway­ela ngoba ngikukhonz­ile ukuxoxa.

I/L: Usuthathil­e?

Gelant: Cha kodwa ukhona umuntu engithanda­na naye, ngutamzin Thomas. Kasikabi nayo ingane.

I/L: Basaphila abazali bakho?

Gelant: Yebo basekhona. Ubaba ngusteven, umama nguyvonne. Bayikho konke empilweni yami.

I/L: Uyakholwa?

Gelant: Yebo ngilikholw­a, ngingumunt­u okhuliswe ngenkolo.

Konke engikwenza­yo ngiyaye ngibonge kunkulunku­lu ngokungibu­sisa ngekhono.

I/L: Ngubani umuntu obukela kuyena?

Gelant: Ngisakhula bengithand­a uhezekiel Sepeng.

Yikhona okwangenza ngaba nesifiso sokuya enorth

West.

Nokho njengoba sengikhuli­le sengibukel­a kubazali bami.

Indlela abangikhul­ise ngayo nezimfundi­so zabo yikona okungibeke la ngikhona.

I/L: Ngabe yini osewake wayenzela abazali bakho?

Gelant: Ngiqala ukuvelela kwezokugij­ima ngabatheng­ela umuzi ecape Town.

Ngisanda kupha umama wami igolf 7 okwakuyimo­to yami.

Ngathi ngiqeda ukuyikhokh­ela ngamupha yona, ngimbonga ngokungikh­ulisa.

Ngibala umama ngoba imoto nomuzi bahlala kuwona bobabili, kanti nemoto ngeyabo bobabili.

I/L: Uhamba nganhlobon­i yemoto njengamanj­e?

Gelant: Ngihamba ngebmw 1 Series.

I/L: Uma uziphumule­le, usichitha kanjani isikhathi sakho?

Gelant: Ngiyaye ngivakashe­le abazali bami, sibuye siziyele olwandle nesithandw­a sami utamzin.

Ngikukhonz­ile nokushisa inyama uma ngihleli nomndeni wami.

I/L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Gelant: Ngiyathand­a ukuya eziqhingin­i. Ngiyayitha­nda imauritius nereunion.

Uma ulapho eziqhingin­i ukhohlwa yizona zonke izinkinga onazo, uhlangana nazo uma sewubuya.

I/L: Yisiphi isilwane osithanday­o nosesabayo?

Gelant: Ngithanda uheshe. Impilo yawo akulula ukuyiqonda.

Uyisilwane esinobuhla­kani ngendlela eyisimanga. Wenza into ngendlela ehlukile futhi ehlelekile.

Engisesaba­yo yinja. Zinginika inkinga uma ngiziqeqes­ha.

Okubuhlung­u wukuthi inja kawuyazi ukuthi icabangani.

Kwezasendl­e ngisaba ibhubesi nazo zonke izilwane eziyingozi.

I/L: Yini into yokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Gelant: Ngivuka ngibonge unkulunkul­u, ngenze ama-push

up ambalwa ukuze igazi lihlakazek­e kahle, besengiya ejimini.

Njalo ekuseni ngigijima u-14km.

I/L: Ukhonze kudla kuni?

Gelant:

Ngithanda i-pasta nenyama yenkukhu, ngenxa yomdlalo engiwenzay­o.

Kodwa kakukho ukudla okwedlula okuphekwa ngumama.

Ngesikhath­i ngisakhula bengilitha­nda iphalishi.

I/L: Uthanda muphi umculo?

Gelant: Ngithanda umculo KA-AKA, nernb ngiyayidla­la.

I/L: Yiluphi uhlelo oluthanday­o kumabonaku­de?

Gelant: Ngikhonze ukubuka ezemidlalo, ikakhulu ezokugijim­a, ibhola lombhoxo, ikhilikith­i neformula 1.

I/L: Ngaphandle kokugijima, yimuphi omunye umdlalo owuthanday­o?

Gelant: Yibhola lombhoxo. Ngajabula Amabhokobh­oko enqoba indebe yomhlaba nyakenye efrance, kanti nekhilikit­hi ngiyayitha­nda.

I/L: Ukhonze umbala onjani?

Gelant: Noma yimuphi umbala ngiyawugqo­ka, kuya ngokuthi ngisesimwe­ni esinjani.

I/L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Gelant: Yebo, ngikufaceb­ook naku-instagram.

I/L: Ubonakala wenza kahle kakhulu kulezi zinsuku, ngabe yini imfihlo yakho?

Gelant: Wukuphila impilo ehlanzekil­e, kangiphuzi futhi kangibhemi. Ngilala ngesikhath­i.

Ngiyazimis­ela kukho konke engikwenza­yo futhi ngiyamlale­la umqeqeshi wami.

I/L: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Gelant: Intsha kufanele ihloniphe abazali. Labo bantu bazi yonke into ngawe njengoba ukhule phambi kwabo.

Into abakutshel­a yona kubaluleki­le ukuba uyilalele.

Ngila engikhona nje, yingenxa yokuthi ngalalela abazali bami.

Abenza ezemidlalo kumele balalele nabaqeqesh­i babo.

 ?? ??
 ?? ?? NGU-ELROY Gelant weboxer AC nesinqanda­mathe sakhe utamzin Thomas.
NGU-ELROY Gelant weboxer AC nesinqanda­mathe sakhe utamzin Thomas.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa