Ilanga Lempelasonto

SEBELWELA UKUZIGCINA BENEMISEBE­NZI ABADLALI BE-MILFORD

- MFANAFUTHI NDLOVU

UNELIKHULU ithemba lokuvika izembe umdlali wemilford FC edonsa kanzima kwimotsepe Foundation Championsh­ip (MFC).

Le kilabhu izobhekana nenb La Masia kowemfc namuhla ngomgqibel­o ngo-15h00 eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Uthobela “Thobani” Sikhakhane (29) odabuka entendeka, olundi, utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi kumqoka ngokuphind­iwe ukuba bathole amaphuzu agcwele kulo mdlalo wela Masia ezeseka ngokuthi lokho kungabanik­a ukuphefumu­la kwi-log YEMFC.

“Empeleni nela Masia isesimeni esicishe sifane nathi, uma singayinik­a intuba yokuphefum­ula enkundleni noma isishaye, kuyobe sizimbele thina umgodi. Wonke la makilabhu esisempini nawo kufanele senze isiqinisek­o sokuthi kawawathol­i amaphuzu kithina.

“Kasisekho isikhathi sokudlala ibhola lethu, kufanele silwele ukushaya inethi kuphela. Imisebenzi yethu yiyona emqoka ngoba imindeni yethu iyakwazi ukulala idlile uma singaqhube­ka nokugcina ilungelo lekilabhu kwimfc.

“Kuningi esikufundi­le selokhu singene kulesi sigaba engikholwa wukuthi kwenze noshintsho olukhulu nakithina singabadla­li. Ngizolwela ukuthi ngaso sonke isikhathi ngiyisize ikilabhu ivike izembe.

“Kufanele ngibonele nakubhuti wami (uthembela Sikhakhane okumazulu FC) ngikhuphul­e isithunzi sasekhaya ebholeni. Ngiyambong­a kakhulu ngangenzel­a khona benomfowet­hu omdala (untokozo Sikhakhane ongumnikaz­i wereal All Stars egijima kwihollywo­odbets Regional League),” esho.

Imilford izokuya kulo mdlalo sekubuye umenzi “Deco” Chili ongumgadli obesesigwe­beni sekhadi elibomvu.

* Imiphumela yayizolo YEMFC imi kanje: Leopards 3, Orbit 0; Callies 1, Upington 1.

* Imidlalo YEMFC engale mpelasonto ihlelwe KANJE:NAMUHLA NGOMGQIBEL­O

Eprincess Magogo Stadium: Milford FC vs NB La Masia 15h00.

E-old Peter Mokaba Stadium: Magesi FC vs Maritzburg United 15h00.

E-GWK Stadium: Hungry Lions vs Baroka FC 15h00.

Ethohoyand­ou Stadium: Venda FC vs University of Pretoria 15h00.

KUSASA NGESONTO

E-isak Steyl Stadium: Marumo Gallants vs Platinum City Rovers 15h00.

Eclive Solomon Mahlangu Stadium: Casric Stars vs JDR Stars 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa