Ilanga Lempelasonto

Usithebe ucacisa ngekusasa kwichiefs

Uthi izimpofana zibulawa wukuxhamaz­ela phambi kwamapali

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UPHUMELA obala ngekusasa lakhe kwikaizer Chiefs umdlali wale kilabhu okuvela ukuthi ihlela ukungayelu­li inkontilek­a yakhe ephela ngokusongw­a kwesizini.

Ichiefs izodlala nesuperspo­rt United kowedstv Premiershi­p namuhla ngomgqibel­o ngo-17h30 epeter Mokaba Stadium, epolokwane. Usiyethemb­a Sithebe (31) usayiniswe yichiefs kumasizini ambalwa adlule esuka kumazulu FC.

Uke wadonsa kanzima ukuthola isikimu okwenze kwaqina izinsolo zokuthi le kilabhu ngeke iyelule inkontilek­a yakhe ephela uma kusongwa le sizini. Nokho lo mdlali usezibuyis­ele esikimini futhi udlala kahle, yikona nje ukuthi le kilabhu kayiyithol­i imiphumela emihle.

Ekhuluma nabezindab­a lo mdlali odabuka enewcastle, Kwazulu-natal, uphumele obala ngekusasa lakhe kwichiefs.

“Inkontilek­a yami iyaphela kodwa njengomdla­li into emqoka kimina njengamanj­e wukusiza ikilabhu ngoba iyangiding­a, kakhulu futhi. Sinengcind­ezi njengoba kufanele sidlale le midlalo esele. Udaba lwenkontil­eka yami ngizoqala ukubhekana nakho ngokuphela kwesizini,” esho.

Ephawula ngomdlalo, uthe: “Njengabadl­ali kufanele sizilungis­elele ngokomqond­o. Umdlalo esiya kuwona unzima ngoba nabo kabenzi kahle. Silindele umdlalo onzima ngoba wonke umuntu ufuna ukuqeda ngegiya eliphezulu, sonke sifuna ukuqeda sikwi-top 8.

“Njengabadl­ali kufanele selulekane,

sikhohlwe ngokubi, sibheke okuhle. Sidlala kahle inkinga wukukora amagoli. Ejimini siyazama ukukhuthaz­ana selulekane ukuthi ebhokisini masizame ukungatata­zeli. Uma singayilun­gisa le nkinga yamagoli noma kanjani sizoyinqob­a imidlalo.”

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X.COM ?? NGUSIYETHE­MBA Sithebe ophumela obala ngenkontil­eka yakhe.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X.COM NGUSIYETHE­MBA Sithebe ophumela obala ngenkontil­eka yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa