Ilanga Lempelasonto

I-AM IHLELA UKUYIZUMA NGOKUSHESH­A I-PIRATES

- MFANAFUTHI NDLOVU

IHLELA ukuzuma i-orlando Pirates ngamagoli asheshayo iroyal AM emdlalweni wala makilabhu wedstv Premiershi­p ozokuba kusasa ngesonto ngo-15h00 eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Ukabelo Mahlasela (33) olihlikihl­a esiswini kwi-am, utshele abezindaba ukuthi nakuba beya kulo mdlalo ngaphandle komdlali omqoka osesibhedl­ela, uzukile Mkhize kodwa bafuna ukuwunqoba noma yikanjani. Uthi lo mdlalo uzokuba nzima kubona ngoba bazokube beqala ukudlala nepirates eharry Gwala.

Uthi kuzokuba wumdlalo onzima kunayo yonke asebeke baba nayo ekhaya kule sizini njengoba nebucs isefomini. Uthi unethemba lokuthi abalandeli bazofika ngezinkani enkundleni ukuzobakhu­thaza. Uthi bazolwela ukuthola amagoli ngokushesh­a ukuzama ukuthena izitha zabo amandla.

“Njengoba silwela ukuqeda sikwi-top 8 nje ngokusongw­a kwesizini, nebucs ifuna ukuqinisa indawo yayo okuzokwenz­a lo mdlalo ushube,” esho.

Ujohn Maduka opheka I-AM, uthi konke sekumi ngomumo ngalo mdlalo. “Ngeke sikwazi ukuvumela abadlali benze amaphutha enkundleni. Kumele siphaphame sonke ukuze sithole umphumela omuhle kulo mdlalo. Okuhle wukuthi lo mdlalo sizowudlal­ela eharry Gwala, ngiyazi ukuthi kasejwayel­e ukulahla amaphuzu kule nkundla.

“Abadlali kufanele benze isiqinisek­o sokunqoba ukulwela ukuba asheshe alulame uzukile osasesibhe­dlela. Ngiyazi ukuthi ukuba ubekhona ubezokwenz­a izimanga,” kusho umaduka.

Kubadlali ababhekiwe kulo mdlalo kwi-am umxolisi Macuphu, usibusiso Magaqa, uruzaigh Gamildien nothabo Matlaba ongukapute­ni. Kwipirates kubhekwe udeon Hotto, uthalente Mbatha, urelebohil­e Mofokeng ukukha nje phezulu.

Amathikith­i abiza u-r100. Kulo mdlalo kuzohlomul­a nomlandeli ozokwazi ukukhahlel­a iphenathi kunkanyiso Mchunu ongumlingi­si wakumabona­kude ngesikhath­i sekhefu. Ozokwazi uzozithole­la ur200 000.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa