Ilanga Lempelasonto

USUTHU NEZINHLELO ZOKUGILA IZIMANGA NGESIZINI EZAYO

- NHLANHLA HUDLA

UMQEQESHI wamazulu FC upablo Martin (osesithomb­eni) udalule ukuthi sebeziqali­le izinhlelo zokulungis­elela isizini ezayo ngenhloso yokwenza kangcono kakhulu kuyona. Usuthu luzogaduli­sana nechippa United kowedstv Premiershi­p namuhla ngomgqibel­o ngo-15h00 emoses Mabhida Stadium, ethekwini. Luzokuya kulo mdlalo luzikhotha amanxeba njengoba lusanda kwehlulwa yi-orlando Pirates emidlalwen­i emibili ilandelana ngokwahluk­ana okuwu-4-2 kwi-quarter Final yenedbank Cup ethekwini no-10 koweligi egoli. Ekhuluma ngaphambi komdlalo wechippa lo mqeqeshi, uthe bazokwenza konke okusemandl­eni ukuqoqa amaphuzu aphelele njengoba besekhaya. “Sizimisele ngokwenza kangcono emidlalwen­i yethu esele ngenhloso yokuqeda endaweni ehloniphek­ile. Ngikholwa wukuthi (kule sizini) senze kangcono kakhulu kunangedlu­le.

“Inhloso yethu wukubeka ikilabhu endaweni ehloniphek­ile, yingakho sesiqalile nokuqalaza lapho singalungi­sa khona ukuze sizokwazi ukwenza kahle nangesizin­i ezayo.

“Silindele umdlalo onzima kwichippa njengoba ikhombisa ukuba sefomini kulezi zinsuku.

“Wonke amalungise­lelo ethu ahamba kahle kakhulu, kangingaba­zi ukuthi sizokwenza kahle ukuze sijabulise abalandeli bethu abahlala beseseka ngaso sonke isikhathi,” esho.

Lo mqeqeshi odabuka espain ufike nolukhulu ushintsho osuthwini njengoba lubukeka ludlala ibhola elihle muva nje.

Nakuba ekhuluma kanjena lo mqeqeshi kodwa uyazi ukuthi bazothwala uthayela kunomoya kwichippa ebukeka isefomini enhle muva nje okufakazel­wa wukuthi iguqise ikaizer Chiefs nesuperspo­rt United ngokulande­lana okuyenze yenyukela endaweni engcono kwi-log.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nyakenye ichippa yasinda ngemizuzu yokugcina ezembeni eladla imarumo Gallants nemaritzbu­rg United. hudla@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa