Ilanga Lempelasonto

Ipirates ifunga iyagomela ngeyecaf

Ithembisa ukuqhubeka nengcwenga kuze kusongwe isizini

- SENZO SOKHELA

ABADLALI beorlando Pirates bazibophez­ela ekubuyisel­eni le kilabhu emqhudelwa­neni wecaf Champions League kumnyama kubomvu ngesizini ezayo ukujabulis­a abalandeli bayo asebephuma ngezinkani ukuyoyibuk­a njengoba idlala ingcwenga yebhola muva nje.

Ibucs - esefomini enhle kulezi zinsuku njengoba sezibheke entanjeni - iqhathwe neroyal AM kowedstv Premiershi­p kusasa ngesonto ngo-15h00 eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Ibucs iya kulo mdlalo nje, ilwela ukuqeda ikwi-top 2 ukuze idlale icaf Champions League. Nokho kufanele isebenze kanzima njengoba amakilabhu esembangwe­ni nawo ngendawo yesibili ebhincene kabi okubalwa kuwona istellenbo­sch FC nesekhukhu­ne United futhi elenyusile igiya.

Udeon Hotto (osesithomb­eni) odlala ophondweni lwesokunxe­le emuva kwibucs, uthembisa ukuthi ngeke babaphoxe abalandeli babo njengoba sezibheke entanjeni.

“Ngikholwa wukuthi sesiwubamb­ile umgqigqo manje. Noma kanjani ngeke sisagudluk­a kuwona. Ibhola elilokhu libonakala silidlala lizobonaka­la kuyoze kuphele isizini, ngeke sisalehlis­a igiya, kunalokho sizolenyus­a kakhulu. Sidinga ukuqoqa amaphuzu ukuze sifake ikilabhu emidlalwen­i yaseafrika. “Sifuna ukubuyela emidlalwen­i yase-afrika ngesizini ezayo. Noma kanjani sizokwenza lokho. Abalandeli bethu bazosibona kulo mqhudelwan­o kumnyama kubomvu,” esho.

Abalandeli abazohambe­la lo mdlalo bazozibeka ethubeni lokunqoba u-r200 000 emncintisw­aneni obizwa ngokuthi Amafandayz lapho kusuke kufanele bakorele izilomo ze-tv iphenathi ngesikhath­i sekhefu.

Okumele bakwenze wukubhalis­a uma bengena ngaphakath­i enkundleni umdlalo ungakaqali ukuzibeka ethubeni lokutonyul­wa kwamagama abo.

Eharry Gwala Stadium:

Royal AM vs

Orlando Pirates 15h00.

E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town City vs Golden Arrows 17h30.

 ?? ?? Isiyonke imidlalo yedstv Premiershi­p ngalempela­sonto: NAMUHLA NGOMGQIBEL­O: Emoses Mabhida Stadium:
Amazulu FC vs Chippa United 15h00.
Epeter Mokaba Stadium: Kaizer Chiefs vs Supersport United 17h30.
Edanie Craven Stadium:
Stellenbos­ch FC vs Polokwane City 20h00.
KUSASA NGESONTO:*
NGOMSOMBUL­UKO:
Eloftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs TS Galaxy 19h30.
Isiyonke imidlalo yedstv Premiershi­p ngalempela­sonto: NAMUHLA NGOMGQIBEL­O: Emoses Mabhida Stadium: Amazulu FC vs Chippa United 15h00. Epeter Mokaba Stadium: Kaizer Chiefs vs Supersport United 17h30. Edanie Craven Stadium: Stellenbos­ch FC vs Polokwane City 20h00. KUSASA NGESONTO:* NGOMSOMBUL­UKO: Eloftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs TS Galaxy 19h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa