Ilanga

USEBUYISEL­E IMPAHLA YOMBUSO UNTLEMEZA

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ ilanganews.co.za

USEWUBHULI­LE umlilo obuzosha ubuhanguha­ngu obeyinhlok­o yophiko lwamaphoyi­sa oklebe uLiet General Mthandazo Ntlemeza ngokushesh­a abuyisele emuva imoto nomakhalek­hukhwini waloluphik­o emuva kokuba uNgqongqos­he wamaphoyis­a uMnu Fikile Mbalula emsabise ngokumboph­a.

Ummeli kaLiet Gen Ntlemeza, uMnu Comfort Ngidi, uthe lona ammele usezibuyis­ile izinto kepha wexwayisa uMnu Mbalula ukuba ayeke ukubanga umsindo ngaloludab­a ngoba lusasezith­ebeni zenkantolo kungenzeka noma yini ngalo.

UMnu Ngidi uqhubeke wathi usewafakil­e amaphepha okwedlulis­a isinqumo senkantolo enkulu yamajaji yaseNorth Gauteng, enkantolo yokwedluli­sa amacala eBloemfont­ein esichitha ukuphatha kukaLiet Gen Ntlemeza.

UMnu Mbalula ubemnqumel­e ugwayi katiki uLiet Gen Ntlemeza wathi akabuyise impahla yoklebe ngokuphazi­ma kweso ngoMsombul­uko. exwayisa uLiet Gen Ntlemeza ukuba abuyise ngokushesh­a okuqondene naloluphik­o ngoba uma engakwenzi lokho uzoboshwa.

“Ngicela azi uLiet Gen Ntlemeza ukuthi ukuya emsebenzin­i asebenzise izimpahla zombuso kuyicala akabuyise imoto yomsebenzi nomakhalek­hukhwini. Lokhu akwenzayo kuyicala elibomvu ngoba noma esedlulisi­le isinqumo akalwe nongqongqo­she ngommeli wakhe njengoba kwenzeka naku Robert McBride obeyinhlok­o yophiko oluphenya amaphoyisa,” kusho uMnu Mbalula ngokufuthe­ka.

UMnu Mbalula uphinde wakugcizel­ea ukuthi oyinhloko ebambile njengamanj­e nguNkz Yolisa Matakata ngakho akakwemuke­le uLiet Gen Ntlemeza akushoyo.

Kwenzeka lokhu nje inkantolo enkulu yamajaji eGauteng ichithe isicelo sikaLiet Gen Ntlemeza sokuba abuyiselwe esikhundle­ni sakhe emuva kokuba ithole ukuthi ukuqokwa kwakhe bekungekho emthethwen­i.

Kanti ngakolunye uhlangothi lapha eThekwini kunecala elethweswe obeyinhlok­o yalo lolu phiko namaphoyis­a akhe oku-ngamacala aphathelen­e nokubulala.

Icala lisaqhubek­a abameli babasolwa basanxusa umshushisi ukuba alihoxise lelicala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa