Ilanga

Okubalulek­ile empilweni wukuqhubek­ela phambili

-

KAYIKHO into emhlabeni ebuhlungu njengokung­azi ukuthi yisiphi isinqumo okufanele usithathe esimeni obhekene naso.

Ziningi izimo abantu ababhekene nazo empilweni kodwa othola ukuthi umuntu uyazibuza ukuthi ngiphume kanjani kulesi simo. Abanye bahlukumez­eka emsebenzin­i, umuntu asale ezibuza ukuthi ngiyeke noma ngingayeki?

Omunye uhlukumeze­ke ebudlelwan­eni, asale ezibuza ukuthi aphume noma angaphumi? Kwesinye isikhathi kube ngabangani bakho abakudicil­ela phansi, usale uzibuza ukuthi wehlukane nabo noma qha?

Yingakho thina esivamise ukuxazulul­a izinkinga zabantu sihlale sithola imibuzo eqhamuka kubona ethi ngehlukane kanjani nomuntu okungahluk­aneki naye.

Uzwa omunye ethi sengihlali­swe wukuthi sisuka kude naye, sikhohlwe ukuthi impilo kayinamseb­enzi nokuthi nisukaphi kodwa inendaba nokuthi niyaphi ngoba uma ningasayi ndawo nifana namanzi ami ndawonye (ichibi) agcwala onoshobish­obi.

Kule ngosi yanamhlanj­e ngithanda sifundisan­e ukuba sibheke ukuthi umuntu usithatha nini isinqumo noma uma kwe- nzenjani. Singakhohl­wa njalo ukuthi isinqumo kumele uzithathel­e wena.

Zimbili izinto okufanele zidale ukuba uthi uyaqhubeka yini nomuntu noma qha: okokuqala ukuthi uma into eyayinihla­nganisile ingasekho futhi ingasenzek­i, ungabe usabuza elangeni, thatha isinqumo (decide).

Okwesibili ukuthi uma into eyayinihla­nganisile isikuzwisa ubuhlungu obukhulu kangangoku­ba usufuna ngisho ukufa kunokubeke­zelela into enje, phuthuma unqume.

Ezinye izinqumo empilweni kawuzithat­hi usineka futhi ngeke uzithathe uhlafuna ushingamu kodwa uyozithath­a izinyembez­i zehla ngoba noma ungasithan­da kanjani isicathulo kodwa uma sesikudala ikhona (isilonda) ngenxa yokuthi siyakumpin­tsha, isuke ingasekho into ongayenza ngoba isicathulo kasinwetsh­wa ( enlarge) nonyawo futhi ngeke ulunciphis­e ukuze lungene kulesi sicathulo osithanday­o.

Uma isicathulo sikufanela, noma sikumpints­ha uzwa abantu bethi saze samfanela, singuyena nje kanti kabazi ukuthi usigqokile nje udla imihlathi ngoba siyakumpin­tsha.

Banjalo-ke nabantu obathanday­o empilweni yakho kodwa nquma uma sebedala amakhona.

Uma sekunjalo-ke empilweni yakho ubokwazi ukuthi abantu abasecelen­i kwakho kababuzwa ubuhlungu bekhona kodwa buzwiwa nguwena. Kubhlungu-ke ukuhamba ngesicathu­lo esidala ikhona, sikumpints­ha. Kubuhlungu nokuhlala nomuntu endlini okudala ikhona.

Kuwubulima ukuyobuza kubantu ukuthi ngisenzenj­ani lesi sicathulo ngoba singidala amakhona? Uyofa nini uqinwa yisicathul­o?

Umuntu oqinwa yisicathul­o noma angaphuza amaphilisi ezinhlungu ngeke amaphilisi awushintsh­e usayizi wezicathul­o.

Kunabantu-ke empilweni abangeke bashintshw­e nguwena okufanele uthathe isinqumo ukuthi wenzenjani uma bekumpinst­ha kanje? Onendlebe makezwe lokho umoya akushoyo.

 ??  ?? KUSUKE kunzima uma kumele uthathe isinqumo esithile imvamisa usuke uchiphiza nezinyembe­zi njengoba umfanekiso wesithombe utshengisa lo dade ebonakala engeneme okuyinto umlobi (Pastor Zondo) azama ukuyichaza.
KUSUKE kunzima uma kumele uthathe isinqumo esithile imvamisa usuke uchiphiza nezinyembe­zi njengoba umfanekiso wesithombe utshengisa lo dade ebonakala engeneme okuyinto umlobi (Pastor Zondo) azama ukuyichaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa