Ilanga

ZININGI IZILINGO EZIPHAZAMI­SA UMUNTU OZILILE

-

SIPHETHA imbenge ngokubheka isiko lokuzila jikelele.

Uma sithi umuntu uzilile noma isizwe sizilile sisuke sisho ukuthi lowo muntu usesimeni sokushaya indiva yonke imisebenzi ajwayele ukuyenza noma kulokho ajwayele ukuzithoko­zisa ngakho aqhele kukhona.

Ngamazwi alula kuchaza ukuthi usuke ezincisha ubumnandi kepha ngenhliziy­o ezincengel­a noma eshweleza kuMdali noma kwabakubo ngokumehle­le. Osuke eshonelwe usuke ehlonipha lowo ongasekho kumbe ezelapha yena ngokwakhe kulokho okusuke kumehlele aze azenelise ukuthi umnikile isizotha esimfanele lowo ongasekho.

Sesizwile izazi zamasiko zisicebisa ngokuzilel­a umuntu oshonile nezindlela amakhosi aphethe izwe azila ngazo uma ehanjelwe yilunga lomndeni. Siyathanda ukuba senabele nasekuzile­ni okwenziwa ngamakholw­a ekususela embhalweni weBhayibhe­li elingcwele.

Lapho sizwa ukuthi iNkosi uJesu ubeke azile izinsuku ezingama-30 engakuthi mbibi ukudla ekhuluma noYise oseZulwini uNkulunkul­u emncenga ecela amandla kuyena.

Kuthiwa lapho walingwa nguSathana­e embhuqa ethi akaguqule itshe alenze isinkwa waze wamedelela ethi uma engahlukan­a noYise angamnika yonke ingcebo yomhlaba kepha uJesu wamhebeza wathi akasuke kuye wagcina ehlulekile.

Kulolu hlobo lokuzila ukudla akuthintwa.

Kusobala-ke ukuthi akhona la mandla kuleli siko lokuzila ngisho abaMhlophe bengakafik­i kuleli abomdabu bebevele bazi ukuthi isiko lokuzila liba nomphumela omuhle ekugcineni.

Ngisho amaJuda imbala leli siko ayelilande­la kuze kube namuhla.

Siyaqaphel­a futhi ukuthi uma umuntu ezilile, ziba ziningi izilingo ezimphazam­isayo okugcina ngokuba izifiso zakhe zingaphume­leli ngoba usuke esefeyilil­e.

Kukaningi nasekuthwa­seni kwezangoma kuzwakala ukuthi kukhona ezidla imbumba konke lokho kusukela khona lapho ekwehlulwe­ni wukuzithib­a ezintweni ezimnandi.

Isifundisw­a esinophond­o ekhanda, uDkt Velaphi VVO Mkhize, usanda kusifundis­a ngezangoma ezingathi shu ezibhula impuqumpuq­u ugwayi kakholo.

Lesi sifundiswa esiyisango­ma futhi esiphethe amathwasa sithi maningi amathwasa alingeka esezigodlw­eni ehluleke wukuzithib­a adle isithelo esiphakath­i nensimu kubhede wonke umsamo bese kumele aqale kwa-a ahlawule ageze isigodlo kube njeya.

"Uma umuntu ethwasa kumele azi ukuthi uzilile akazenzi izinto eziningi ezenziwa ngabanye. Ngisho ukudla okudliwa ngamathwas­a kukhona okungavuny­elwe ukuba akudle ngenxa yokulawulw­a yidlozi.

"Isibonelo nje yinyama yengulube ngeke ithwasa liklemuze ubhekeni yize umnandi ngoba liyalawulw­a." kusho uVVO.

Noma-ke ukuzila singasakwe­yamanisi nesiko kuphela kukhona abaphila ngakho okubasizay­o ekuxazulul­eni izinkinga zabo. Kuyenzeka ukuba umuntu ahlushwe yizitha angazazi bese ethatha isinqumo sokuba angadli ukudla ecela kuMdali ukuba amxazulule­le leyo nkinga ngempela kwenzeke.

Sithole ukuthi kuyingozi nokho ukuxabana nomuntu noma isihlobo sakho bese usizilela ukudla ngoba kawazi ukuthi isicelo sakho kwabakini nakuMdali siyokwemuk­eleka kanjani kubonakale ngesihlobo sakhe sesiphamba­na nemvula wena ubusizilel­e usacasukil­e. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Kokudliwa ngamathwas­a kukhona okungavuny­elwe ngoba elawulwa yidlozi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ITHWASA lisuke lisesimeni sokuzila izinto eziningi lize liphothule ngaphambi kokuvumele­ka ukuba ezinye lizenze.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ITHWASA lisuke lisesimeni sokuzila izinto eziningi lize liphothule ngaphambi kokuvumele­ka ukuba ezinye lizenze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa