Ilanga

SEBENZISA IKWINDLA NOBUSIKA UKUHLELELA INTWASAHLO­BO

- Sitholakal­a enombolwen­i ethi: 082 789 4281 noma abhalele ekhelini elithi www.sicelokune­ne.co.za noma ekhasini elithi: Contact us sizomthint­a.

EKUXOXENI ngokulungi­selela ukuphephis­a izitshalo ekucekelwe­ni phansi yizinambuz­ane nezilokaza­ne, siqhakambi­sa ukuntshing­ela nokuzingel­a ensimini ukuze uqoqe ulwazi oludingayo ukwenza lo msebenzi.

Ngenxa yokuthi isimo sezulu nesimo semvelo kasifani ezindaweni ezehlukene, kanjalo nezinambuz­ane kanye nezilokaza­ne ezicekela izitshalo phansi ziyahluka.

Sike sachaza ngokwedlul­e ukuthi kufanele umlimi omunye nomunye azijwayeze ukuntshing­ela nokuzingel­a ensimini ubusika nehlobo ehamba ehlola ukuthi kwenzekani ensimini.

Kuzoya ngendawo yangakini kodwa imvamisa phakathi kukaNhlaba (May) noNhlangul­ana (June) kuya kuNtulikaz­i (July) izilokazan­e eziningi zibeka amaqanda, njengamabh­ungezi asuke ezingela emasimini efuna ukudla nabalingan­i. Kuyothi ke emuva kuka Ntulikazi abesebeka amaqanda.

Kuzoya ngohlobo lwebhungez­i kodwa ngokuvama amaqanda athatha ukusuka ezinsukwin­i ezine kuya kwezingama­shumi amabili noma inyanga ukuze aphenduke abe amathuku.

La mathuku azodla izimpande zesitshalo esikhona ngaleso sikhathi lapho echamselwe khona, bese ebuyela esikhwamen­i sokuphepha emakhazeni. Kuyothi ngoMasinga­na (January) avu- mbuke futhi esefuna ukudla futhi ukuze ezokhula abe amabhungez­i futhi.

Lokhu kubeka obala ukuthi uma ubona amabhungez­i ngesikhath­i esithile ensimini kumele ulindele ukuvakashe­lwa yimvukuzan­e njengoba bese sishilo ukuthi imvukuzane ithanda amathuku.

Ngesinye isikhathi mayinile imvula uzobona izingqumba­na ezincane ezimanzi zomhlabath­i ezingaling­ani kodwa nezingqumb­i zemvukuzan­e. Lezi zingqumban­a ziyinkomba yokuthi kukhona iminyundu ngaphansi komhlabath­i.

Kanjalo-ke futhi uzobona emuva kwezinsukw­ana ezimbalwa sekukhona

ingqumbi yemvukuzan­e ngoba phela ilandela lokukudla okuyiminyu­ndu.

Okusho ukuthi amavole nawo asezophang­elana ezothatha amathuba okuguduza kulezizind­lela ezimbiwe yimvukuzan­e bese efinyelela ezitshalwe­ni ezithela ngaphansi eseshaya ebhuqa.

Ngesinye isikhathi uzothola izivemvane zijabulile zizindizel­a ensimini, nazo-ke izivemvane ziyizinhlo­bo zemindeni engafani kodwa imvamisa zidlula ezigabeni ezine ukuze zibe zindala kahle.

Ziqala ngokubeka amaqanda ngaphansi kwamaqabun­ga ezitshalo, zishintshe zibe yizibungu, zishintshe futhi zibe yiziphungu­mangathi ezizodla lamaqabung­a, bese egcina eyizivemva­ne ezindala.

Isigaba esinye nesinye sibaluleke ngokwehluk­a, angithi iziphungum­angathi kumele zidle ngempela ukuze zikwazi ukuphenduk­a sibe yivemvane elihle elikhulile elikwazi ukubekela amaqanda futhi ukuze impilo iqhubeke.

Umehluko wukuthi impilo yovemvane inomonakal­o emaqabunge­ni esitshalo kanti eyebhungez­i inomonakal­o ezimpanden­i zesitshalo.

Kanti futhi izivemvane zona zidliwa yiminyovu, izintuthan­e, ojekamanzi, izinyoni, izinkawu, nezinyoka namaselese­le. Kusobala-ke ukuthi emuva kokulusa insimu wabona impilo ezovumbuka entwasahlo­bo unalo ithuba lokulungis­a izikhali zokuhlomuh­lasele ukuze uphephise izitshalo ekucekelwe­ni phansi, noma-ke sinokugciz­elela ukuthi kasikho isidingo sokushabal­alisa sonke isizwe sezivemvan­e namabhunge­zi ngoba kuneziloka­zane ezizoshaba­lala ngenxa yephango bese kuvela igebe endalweni.

Uma ngabe umlimi edinga ukuchushis­wa ngezinhlel­o ezineminin­ingwane nemihlahla­ndlela angathinta­na nehhovisi lethu ngendlela ejwayeleki­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa