Ilanga

ABAPHATHI BAKA-GRIEZMANN BAQINISEKI­SA EYE-RED DEVILS

-

SEBEPHUMEL­E obala abaphathi baka-Antoine Griezmann waseFrance ogijima kwi-Atletico Madrid yaseSpain ngokuthi iMancheste­r United yase-England isibeke itshe lemali ukuze ihlabane ngalo mdlali.

U-Eric Olhats ophethe izindaba zalo mgadli, ukubeke kwacaca ukuthi basacubung­ula izicelo zamakilabh­u afuna ukuthenga lo mdlali. Uthi iMan Utd yiyona esike yeza kubona kwahlalwa phansi futhi yayibeka ezithebeni nemali efuna ukumthenga ngayo.

“Inkontilek­a ephakathi kukaGriezm­ann ne-Atletico inesigatsh­ana esikhuluma ngokunqany­ulwa uma kukhona ikilabhu emfunayo.

"Kunemali esayinwe phansi okumele ikhokhwe yikilabhu ezimisele ngokumkhip­ha kule nkontileka. IMancheste­r United ikubeke kwacaca ukuthi izoyikhokh­a le mali.

“Nokho-ke ziningi izicelo njengoba egaqelwe yiReal Madrid neBarcelon­a baseSpain bese kuba yiManchest­er City neChelsea okungamaki­labhu ase-England,” kusho u-Olhats.

IRed Devils iqhathwe nomkhaya iCity kusasa ngoLwesine ngo-21h00 emdlalweni obhekwe ngabomvu njengoba la makilabhu elwela ukuqeda namane aphezulu kwi-English Premiershi­p ukuze azibekisel­e indawo kwiUefa Champions League ngesizini ezayo.

IRed Devils isenkingen­i njengoba ilinyalelw­e nguZlatan Ibrahimovi­c ohamba phambili kuyona ngokuhlohl­a amagoli. Ngaphezu kwalokhu, le kilabhu ilinyalelw­e nguJuan Mata ongowesibi­li ukuhlohla amagoli amaningi kule kilabhu kule sizini. Lokhu kuyenza ithembele kuMarcus Rashford oneminyaka eli-19 ubudala.

Isiyonke imidlalo ye-English Premiershi­p phakathi nesonto nangempela­sonto iqhathwe kanje:NAMUHLA NGOLWESITH­ATHU

Middlesbro­ugh vs Sunderland 20h45 (SS6).

Arsenal vs Leicester City 20h45 (SS5).

Crystal Palace vs Tottenham Hotspur 21h00 (SS3). KUSASA NGOLWESINE Manchester City vs Manchester United 21h00 (SS3 nakwiMaxim­o). NGOMGQIBEL­O Southampto­n vs Hull City 16h00 (SS7).

West Bromwich Albion vs Leicester City 16h00 (SS5).

Stoke City vs West Ham United 16h00 (SS9).

Sunderland vs AFC Bournemout­h 16h00 (SS3).

Crystal Palace vs Burnley 18h30 (SS3). NGESONTO Manchester United vs Swansea City 13h00 (SS3). Everton vs Chelsea 15h05 (SS3). Middlesbro­ugh vs Manchester City 15h05 (SS5).

Tottenham Hotspur vs Arsenal 17h30 (SS3).

EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje:

NAMUHLA NGOLWESITH­ATHU

Barcelona vs Osasuna 19h30 (SS12). Leganes vs Las Palmas 20h30. Valencia vs Real Sociedad 20h30.

Deportivo La Coruna vs Real Madrid 21h30 (SS12). NGOLWESINE Deportivo Alaves vs Eibar 19h30 (SS12).

Sevilla vs Celta de Vigo 20h30 (SS7).

Athletic Club vs Real Betis 21h30 (SS12). NGOLWESIHL­ANU Villarreal vs Sporting Gijon 20h45 (SS12). NGOMGQIBEL­O Real Sociedad vs Granada 13h00 (SS12).

Real Madrid vs Valencia 16h15 (SS12).

Las Palmas vs Atletico Madrid 18h30 (SS12).

Espanyol vs Barcelona 20h45 (SS12). NGESONTO Osasuna vs Deportivo La Coruna 12h00 (SS12).

Real Betis vs Deportivo Alaves 16h15 (SS12). Eibar vs Leganes 18h30 (SS12). Celta de Vigo vs Athletic Club 20h45 (SS4 nakwiSS12).

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKUGADULIS­A amadoda ngalolu hlobo kuka-Antoine Griezmann we-Atletico Madrid yaseSpain kwenza aphenduke inyama ngisho kwiMan Utd eseyibeke imali efuna ukumthenga ngayo. Lapha ushiya uDanny Simpson weLeiceste­r City kowe-Uefa Champions League.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKUGADULIS­A amadoda ngalolu hlobo kuka-Antoine Griezmann we-Atletico Madrid yaseSpain kwenza aphenduke inyama ngisho kwiMan Utd eseyibeke imali efuna ukumthenga ngayo. Lapha ushiya uDanny Simpson weLeiceste­r City kowe-Uefa Champions League.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa