Ilanga

KUHLEHLE UMDLALO WE-SAFA NGABAFUNDI

- PHILANI NCALANE

KUCATSHANG­ELWE abafundi kuhlehlisw­a umdlalo weMaritzbu­rg City neDrakensb­urg FC ngaphansi kweSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League obekumele ugijinywe namuhla ngoLwesith­athu eWadley Stadium, eMgungundl­ovu.

Lo mdlalo usuzokuba kusasa ngoLwesine ngo-13h00 kuyona le nkundla. La makilabhu anabadlali abafundayo. Avumelane ngokuthi ugijinywe kusasa ngoba abafundi bayagcina namuhla esikoleni njengoba kuzokuba nempelason­to ende. Lokhu kuqiniseki­swe nguZakhele Gwala ongumdidiy­eli walesi sigaba.

La makilabhu avumelene ngokuhlehl­isa lo mdlalo ngoba vele sekucacile ukuthi ubhedu seludliwe yiThongath­i ezomela iKwaZulu-Natal emidlalwen­i yokuhlunge­la ukungena kwiNationa­l First Division (NFD).

Mibili kuphela imidlalo enamuhla ngoLwesith­athu. I-GWP Friends iqhathwe neHappy Wanderers namuhla ngoLwesith­athu ngo-12h00 eWorkingto­n Grounds. IKwaDukuza FC izodudulan­a neMilford ngo-15h00 eStanger High.

Amacala asele kulesi sigaba azohlalelw­a ngesonto elizayo. Phakathi kwamacala akhona ngelithint­a iFriends ne-Ashley. Elinye liphakathi kweFriends neKwaDukuz­a bese kuba ngelemaJub­a neThongath­i.

Kuthiwa leli cala ngeke liyiphazam­ise iThongathi ngoba ibivakashe­le AmaJuba yafika enkundleni kudlalwa ikhilikith­i. Kuthiwa umasipala waseMnambi­thi uyibhalele iSafa uqinisekis­a ukuthi AmaJuba abeyibekis­ile inkundla, kwaba nokushayis­ana kwezikhath­i. Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ihlelwe kanje: EChristian­enburg: Ashley vs KwaDukuza 12h00. EMoses Mabhida O/F: Gamalakhe vs Wanderers 15h00. ESettlers Park: UThukela vs Thongathi 15h00. EDondotha: Dundee Rangers vs Sobantu Shooting Stars 15h00. Osizweni: AmaJuba vs KwaMashu All Stars 15h00. EKing Zwelithini: Durban FC vs UMvoti 15h00. EWorkingto­n: Friends vs Milford 12h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa