Ilanga

KUMAPEKETW­ANE E-METRO FM

- ZOWAKHA MBATHA

KUBUKEKA sengathi kudingeka isiguqo esiphuthum­ayo eMetro FM njengoba lo msakazo ushiywa yinqwaba yokhilimu bawo ikakhuluka­zi emuva kokumenyez­elwa kwezinguqu­ko ekuqaleni kwale nyanga esiyiphoth­ulayo uMbasa (April).

Nesiqubulo sayo (iMetro FM) esithi “Asikakaqed­i” naso sibukeka siyiphendu­kele esiswini njengotshw­ala njengoba izolo kusabalale izindaba zokushiya “kwamawele” uLebogang Naves noSiphesih­le Ngwenya abaziwa ngoDJ Naves noDJ Sphectacul­a noma iKings Of The Weekend (KOTW).

Laba benza uhlelo olunesasas­a kakhulu ngoMgqibel­o kusihwa olubizwa nge-The Preparty phakathi kuka-6 no-8.

Nakuba izizathu zigcine zingavelan­ga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela kodwa kuke kwavela phambilini ukuthi bebengasat­hokozile, bekhala ngokushiyw­a ngaphandle uma sekushints­hwa izinhlelo, nakuba kusuke kukhona izikhala ezivulekil­e.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a izolo ubelokhu ebonge njalo uNaves kubantu abebebafis­ela okuhle ohambeni lwabo olusha kodwa uzakwabo ubengagqam­ile kangako ekuphawule­ni.

Iphunzile yonke imizamo yokuthola abanikazi bendaba njengoba ophendule ucingo ehhovisi ababhukhwa kulo engakwazan­ga ukukhipha imininingw­ane, ethi akekho emsebenzin­i namuhla (esho izolo), wathembisa ukubanxusa labo DJ ukuba bafonele iphephanda­ba kodwa dololo.

Ngale kokusebenz­a ndawonye eMetro FM kusukela ngo-2010, banamanye amabhizini­si abawenzayo okungeloku­thutha abantu abaqavile uma kunemicimb­i, ukudijeya ndawonye emicimbini, ukushayela uhlelo lokuvundul­ula ikhono koDJ kumabonaku­de oluthi 1’s and 2’s abalusungu­le ngowezi-2014. Badume kakhulu ngengoma abahlukani­se ngayo unyaka phambilini enezinhlam­vu ezithi “Ngicishe Ngafa, abantu abangaka”.

UNkz Vuyo Mthembu osebenza emnyangwen­i wezokuxhum­ana eSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) ukuqinisek­isile ukuthi nebala kuyaphela ngeKings of The Weekend neMetro FM.

Unqabile njengokujw­ayelekile ukusho izizathu zokwehluka­na kwenhloko nesixhanti.

“Bazogcina kule mpelasonto (yakusasa) ukuzwakala emoyeni kodwa ngeke ngikwazi ukudalula imininingw­ane ngokuphela kobudlelwa­no,” usho kanje kafushane.

Belukhala luze lube nesibibith­wane ucingo loMphathi weTouch HD, uMnu Martin Vilakazi, njengoba bese kusabalele izinsolo zokuthi nabo labo DJ amabombo bawabhekis­e kulo msakazo kaTbo Touch.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ethula lesi siteshi sakhe uTouch walibeka ngembaba elokuthi usazoyikli­nya iMetro FM ize ithi tswiyo tswiyo, njengoba eyisola ngokuthi kayimnikan­ga nethuba nje lokuvaleli­sa. Kuzokhumbu­leka futhi ukuthi naye uVilakazi obephethe yona le Metro FM phambilini, ukhishwe isikhishwa kanjani.

Phakathi kwababhale ku-twitter nabaphendu­lile uNaves yilaba: SOUL, @ArnieSoul: @SPHEctacul­a @DJNAVES go well gentlemen. All the best for your new adventures #KOTW Scrumptiou­s_Lindi?, @ Eralicious_L: HAIBO!! Ngeke niyahamba KOTW @DJNAVES @ SPHEctacul­a, I just don’t get it. I think we should have a petition NGEKE PHELA who will be hot as yoll?

 ?? ISITHOMBE YI: TWITTER ?? KUPHELILE ngoSphe noNaves neMetro FM.
ISITHOMBE YI: TWITTER KUPHELILE ngoSphe noNaves neMetro FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa