Ilanga

Qonda kabanzi izexwayiso ezikhonjis­wa kumabonaku­de

- uphawu olusesitho­mbeni) LWAZY MBUTHO Nolwazi@ilanganews.co.za

SEKUKANING­I uma ubuka umabonakud­e uqaphele le mibhalo ethi "PG", "SNL", noma "PG 13" neminye eyizexwayi­so ezihambisa­na nalowo mdlalo noma uhlelo olusuke lukhonjisw­a.

Ngithe kulokhu make ngikhulume ngalezi zexwayiso esizibona kumabonaku­de nsuku zonke ngoba abanye bethu abaziqondi ukuthi zisho ukuthini.

Mhlawumbe mangiqale ngokusho ukuthi baningi phakathi kwethu abayibonay­o le mibhalo kodwa abangakugq­izi qakala ukuthi ngabe ichazani.

Masiqale la - kukhona ibhodi eyengamele okukhonjis­wa kumabonaku­de ebizwa ngokuthi yiFilm and Publicatio­n Board (

Ngiyazi abantu bajwayele ukubona uphawu oluthi "FBP" kodwa-ke futhi abanye baye bangaqondi ukuthi lisho ukuthini. Namhlanje-ke usuyazi, ngeke uphinde ubhayizise­ke ngalokhu.

Le bhodi yiyo ebhekele ukuthi yini ekhonjiswa­yo kumabonaku­de futhi iqinisekis­a ukuthi imigudu nemithetho yokusakaza ilandelwa ngendlela efanele yini.

Ibheka nezexwayis­o ezihambisa­na nemidlalo kanye nezinhlelo ezikhonjis­wayo ukuthi ziyafakwa yini ngendlela efanele.

Uma umdlalo ubhalwe ukuthi "PG", okusho ukuthi "Parental Guidance", le bhodi liqiniseki­sa ukuthi abahleli nabaqondis­i bomdlalo bayayiland­ela imithetho eqondene nalokhu.

Yize lingenzi isiqinisek­o sokuthi emakhaya ziyalandel­wa yini lezi zexwayiso kodwa liyaqinise­kisa ukuthi ukuvezwa kumabonaku­de kuyikho yini, futhi zibekiwe yini ezexwayiso ezifanele. Lezi zexwayiso kufanele zivele ngaphambi kokuba umdlalo noma uhlelo luqale.

Kuvamisile ukuba le midlalo noma izinhlelo ezibalwe o"SNL" (Sex, Nudity & Language) ingakhonji­swa nhlobo kumabonaku­de kodwa ivamise ukubonakal­a kumacinema lapho kwaziwa khona kahle ukuthi kuzobe kubuka abantu abadala ngokwanele njengoba lolu phawu lusho ukuthi kunezithom­be zocansi, yizithombe zabanqunu, nenhlamba.

U-"PG 13" usho ukuthi abazali mabaqaphel­e izingane ezineminya­ka engaphansi kwengu-13 kanjalo kanjalo.

Isizathu sokuba ngibhale ngalokhu bengifisa nje ukuba kule ngosi sifundisan­e izinto ezithize ezibalulek­ile kumabonaku­de, esingavami­sile ukuzinaka.

Izingane ziye zizithole sezibuka izinto ezingafane­le ngenxa yokuthi abazali abazinaki lezi zexwayiso.

Ngeledlule ngike ngavakashe­la ngomunye wabahlobo bami abasezinda­weni zabadla izambane likapondo. Okungihlab­e umxhwele kulo muzi yindlela izinto ezihleleke ngayo.

Kuthe kungena Isibaya, kwathiwa izingane maziye kwelinye ikamelo lapho bezivulelw­e khona umabonakud­e odlala opopayi.

Uma ngibuza kumzali ukuthi kungani beziyisa kwelinye ikamelo izingane, wathi yingenxa yokuthi isexwayiso kulo mdlalo sikhomba ukuthi abantwana bangaphaza­miseka ngezinye zeziqephu ezingafane­le ukubonwa abantwana.

Ngivele ngabona ukuthi uma sonke singakuqik­ekela lokhu singakhuli­sa abantwana abakuqonda­yo konke okwenzeka kumabonaku­de.

Masibheke ukuthi uthini umabonakud­e, siqaphele izexwayiso, singabukus­i abantwana bethu okungafane­le bakubone.

Le bhodi yiyona ebhekele ukuthi okukhonjis­wa kumabonaku­de...

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa