Ilanga

ODABENI LOKUTHI UMKASFISO NCWANE, U-AYANDA, UBHINQE IZITHA ZAKHE EZIFANISA NEZINJA EZIZOMUDLA ZIMQEDE, NANSI IMIBONO YAKU-FACEBOOK WELANGA

-

MAMA Ayanda Ncwane, izibusiso zivela kubazali. Ngicela ngomoya wesonto uxolise kubo bonke ababekulal­ele usho le nto, nakithina esifunda ephepheni inkulumo yakho embi kanje. Umyeni wakho wayezithob­ile, yingakho babemeseka abantu. Dumisani Msomi

NOMA angabhinqa kodwa akayena usaziwayo u-Ayanda, simaze ngoSfiso owazalwa nguyena lo mama asemenza ize leze. Wuye futhi u-Ayanda osuse uchuku ngamabomu egijimela ukuvela ko-tv, emabhukwin­i nasemaphep­heni. Le nto isazomehle­la uma sekuganwa ezakhe izingane. Nobantu Bhelelihle Ka’zikode

KUNGANI lo sisi enza umgubho eMthwalume ekubeni engafunang­a umngcwabo kaSfiso ube seMthwalum­e? Sengathi zakhala kanye kwasa lapha. Sabelo UMbele KaNtuli

THINA nje esizele abafana sisazofike­lwa yile nhlobo ka-Ayanda izokotiza. Unina ka-Ayanda uhlazekile nje, kuyabonaka­la ukuthi akanaso isikole endlini kwakhe, akawukhuzi ngani lo mhlola wengane yakhe? Zanele Goge

SEBENGAMKH­ULUMELA nje ababole njengaye lo nkosikazi kaSfiso kepha okusalayo wukuthi lokhu akwenza kumamezala wakhe naye uzokuzwa ngenye imini njengoba ezele abafana nje. Inkinga u-Ayanda ucabanga ukuthi kasilazi imuva lakhe ngoba elokhu ezenza ngcono ngoninazal­a nje.

Wumuntu owakuzalel­a indoda lo Ayanda, kumele wena ulethe ukuthula emzini kodwa sekunguwe ohliphizay­o. Vele uma wakhula kubheda ekhaya kuyenzeka uthi ungaphumel­ela bese upaqela abasweleyo njengonyok­ozala nje. Gugu OkamaBiyel­a Mvuyana KUNGANI manje ekhala ngabamneka emaphephen­i ekubeni nguye ozineka kuwo nakomabona­kude? Macdamah MveloYamay­engwayo Pretty

AKEKHO umfelokazi okhuluma kanje, kungakaphe­li nezinyanga eziyi-6 abe esebona abantu abayizinja. Kuyacaca manje ukuthi akakholwa, wayecashe ngesithuph­a kuS’fiso ngoba ecula umculo wokholo. Ncamphalal­a Zamacusi Nobesuthu USEYINI kanti u-Ayanda ngoba thina balandeli bakaSfiso kasimazeli lutho. Ngebhadi zizokhula lezi zingane zakhe zifune umndeni wakubo kayise wona lo yena alwa nawo. Jabulani Mkhwanazi

UVEZA ikhaya aphuma kulo. Cha siyakuvuma kawuyalwan­ga kini mhla ushada sisi Ayanda, ubhizi uzilandela iziqalekis­o zizihlalel­e. Lalela, izinyembez­i zomzali ziyawenza amashwa ngisho kunguye okonile. Ngenye imini bengasekho laba bangani abakubhedi­sayo uyozwa sengathi uyasha. Khona Buthelezi

WAZE walufuna bo udumo lo Ayanda wakhona. Wumfazi onjani othanda ukuhlale esemabhukw­ini, emaphephen­i nasemisaka­zweni? Okokuqala nje wumyeni wakhe thina ebesimland­ela, hhayi u-Ayanda. Yamnandi Ngubane Lento

KWASHONA uSfiso Ncwane indoda eyayiluseb­enzele ngezwi leNkosi udumo, sekusele abajabulel­a ukuduma ngegama lakhe ngoba phela nakuba siyabazi sibaze ngenxa yekhono likaSfiso. Savelelwa! Phumlani Muthwenyon­go Langa LO sisi ngoba ezele abafana nje kungani ebulala igama likaSfiso? Wehluleka wukuzithob­a nje, ahlale kwakhe. Useze unama- bodyguard manje ngobani? Faz Magasela AYANDA nguwe ofaka abantu ezindabeni zakwakho. Khumbula ukuthi uganile wena, wase ufuna sinake wena manje? Hlonipha uyi-hlo nonyoko ukuze insuku zakho zande ezweni. Zanele Magasela

lo sisi USENGENZEk­anti bengimkhon­zile.ngaze ngangamtha­ndisisa Nqobile KODWA Mkhwanazib­akithi waphuma engayalwan­ga yini uLazarus kubo? owalingwaU­ma ekholwa kodwa kungani akaze engalingis­iaphume endleleni Ayanda yokukholwa.yazisa umamezala noma ngabe usetheniye­na abuye wena azoxolisa.uwe phansi, uyogcina esezisola

Kungani kodwa usugijimel­a emaphoyise­ni, kukhona yini okushiwo wunina kaSfiso okwaziyo sisi? Kungcono ugogo washiya engihlomis­ile ngemikhuba yasemzini nokumele ngikwenze ukuze ngingabuki­si ngekithi emazweni. Asanda Mkhize

USEWUSAZIW­AYO yini lo ntombazane? Sengizokha­thala manje yindaba yakhe ngoba sengathi unomlomo omanzi. Mhlaba Heavysoil KamaLanga Dumakude

AKAFUNDANG­A lutho kumyeni wakhe. Uma engahlonip­hi amathumbu aletha umyeni emhlabeni, uJehova uyashesha ukunciphis­a imihla yokuphila kanti akanandaba futhi negama elikhulu. Umzali uyohlala ewumzali ngisho engakaze akondle. Sphesihle Sharon

AZE angifakela amahloni lawa mazwi okuthiwa ashiwo ngu-Ayanda. Noma ngabe bamone kangakanan­i abakwaNcwa­ne nomamezala wakhe kodwa leli lokubiza abantu ngezinja selikhombi­sa ukuthi akahloniph­i kangakanan­i. Umbiza kanjani nje umzali wakho ngenja pho?

Wukukholwa konke lokhu okumenza akhulume amazwi anohlevane kanje? Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni. Amen. Samkelo Ka MaMthabela Ndonga

SEKUYACACA nje ukuthi naye uyamchukul­uza uninazala bese ethi uyasukelwa. Ngabe uyazotha abe ngumakoti kunokukhul­uma kanje, hheyi! Kusazomqoq­a ukuhlwa lo makoti. Nosipho Dawn

YIMIHLOLA phela lena. Kusekusha kanje sekwenziwa amaphathi, sekukhulun­ywa emicimbini. Thina njengabala­ndeli bakaNcwane sisebuhlun­gu kodwa umkakhe usehlela imicimbi. Mina ekhaya ngeke ngikuvume okunje. Thabo Zungu

NGITHE ngizwa le nkulumo ka-Ayanda ngacabanga omunye usisi owayeshiye­lwe ifa yindoda yakhe, izigidi ngezigidi. Wayengabaf­uni engazenzis­i abazali bendoda waze wabehlula ngisho enkantolo.

Bamyeka nefa lakhe ngoba nguye owayebhalw­e emafeni futhi engabakwel­eti lutho. Kwangane yakhe wayiyisa kubo, hhayi emzini. Waqoma, wavalwa wuthando lwendoda eyayinomfa­zi, inebhizini­si eliwayo, yamgila. Wasayina amaphepha ambophayo kwayena, yahamba yonke imali wabuyela kubo kwamyeni eyocela uxolo engasenalu­tho. Injalo impilo. Mthokoh Snr Langa

AKUKAPHELI nezinyanga eziyi-6 eshonelwe wumyeni, kumele ngabe usahloniph­a la enyathela khona kodwa ukwazi ukukhipha igama lezinja. Oyomshada kuyobe uziyalile ngoba akayalwang­a kahle kubo. Kayenziwa le nto ungumshadi­kazi okanye ungumfelok­azi.

Bonnie MaGema Sosibo

INKULUMO enje kayisho ukuthi ngumntwana kaNkulunku­lu lo. Uze uzisholo wena nje ukuthi uSfiso wayethathe umfazi oqotho ngobani? Kawubonisi nje ngoba kawubafuni abakubo nezingane zakhe ezazalwa ungakafiki. Ngabe kungcono ukuba ubuhle bakho bufana nemisebenz­i yakho, manje uyikhiwane eligcwele izibungu. Nqobile KaMadida Zikode Madida

USFISO wayenganam­athelene impela nonina kepha akakaze nangelilod­wa ilanga ambize ngenja. Hheyi, amakholwa amanje azokumanga­za. Khuboni Mbhele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa