ODABENI LOKUTHI UMKASFISO NCWANE, U-AYANDA, UBHINQE IZITHA ZAKHE EZIFANISA NEZINJA EZIZOMUDLA ZIMQEDE, NANSI IMIBONO YAKU-FACEBOOK WELANGA
MAMA Ayanda Ncwane, izibusiso zivela kubazali. Ngicela ngomoya wesonto uxolise kubo bonke ababekulalele usho le nto, nakithina esifunda ephepheni inkulumo yakho embi kanje. Umyeni wakho wayezithobile, yingakho babemeseka abantu. Dumisani Msomi
NOMA angabhinqa kodwa akayena usaziwayo u-Ayanda, simaze ngoSfiso owazalwa nguyena lo mama asemenza ize leze. Wuye futhi u-Ayanda osuse uchuku ngamabomu egijimela ukuvela ko-tv, emabhukwini nasemaphepheni. Le nto isazomehlela uma sekuganwa ezakhe izingane. Nobantu Bhelelihle Ka’zikode
KUNGANI lo sisi enza umgubho eMthwalume ekubeni engafunanga umngcwabo kaSfiso ube seMthwalume? Sengathi zakhala kanye kwasa lapha. Sabelo UMbele KaNtuli
THINA nje esizele abafana sisazofikelwa yile nhlobo ka-Ayanda izokotiza. Unina ka-Ayanda uhlazekile nje, kuyabonakala ukuthi akanaso isikole endlini kwakhe, akawukhuzi ngani lo mhlola wengane yakhe? Zanele Goge
SEBENGAMKHULUMELA nje ababole njengaye lo nkosikazi kaSfiso kepha okusalayo wukuthi lokhu akwenza kumamezala wakhe naye uzokuzwa ngenye imini njengoba ezele abafana nje. Inkinga u-Ayanda ucabanga ukuthi kasilazi imuva lakhe ngoba elokhu ezenza ngcono ngoninazala nje.
Wumuntu owakuzalela indoda lo Ayanda, kumele wena ulethe ukuthula emzini kodwa sekunguwe ohliphizayo. Vele uma wakhula kubheda ekhaya kuyenzeka uthi ungaphumelela bese upaqela abasweleyo njengonyokozala nje. Gugu OkamaBiyela Mvuyana KUNGANI manje ekhala ngabamneka emaphepheni ekubeni nguye ozineka kuwo nakomabonakude? Macdamah MveloYamayengwayo Pretty
AKEKHO umfelokazi okhuluma kanje, kungakapheli nezinyanga eziyi-6 abe esebona abantu abayizinja. Kuyacaca manje ukuthi akakholwa, wayecashe ngesithupha kuS’fiso ngoba ecula umculo wokholo. Ncamphalala Zamacusi Nobesuthu USEYINI kanti u-Ayanda ngoba thina balandeli bakaSfiso kasimazeli lutho. Ngebhadi zizokhula lezi zingane zakhe zifune umndeni wakubo kayise wona lo yena alwa nawo. Jabulani Mkhwanazi
UVEZA ikhaya aphuma kulo. Cha siyakuvuma kawuyalwanga kini mhla ushada sisi Ayanda, ubhizi uzilandela iziqalekiso zizihlalele. Lalela, izinyembezi zomzali ziyawenza amashwa ngisho kunguye okonile. Ngenye imini bengasekho laba bangani abakubhedisayo uyozwa sengathi uyasha. Khona Buthelezi
WAZE walufuna bo udumo lo Ayanda wakhona. Wumfazi onjani othanda ukuhlale esemabhukwini, emaphepheni nasemisakazweni? Okokuqala nje wumyeni wakhe thina ebesimlandela, hhayi u-Ayanda. Yamnandi Ngubane Lento
KWASHONA uSfiso Ncwane indoda eyayilusebenzele ngezwi leNkosi udumo, sekusele abajabulela ukuduma ngegama lakhe ngoba phela nakuba siyabazi sibaze ngenxa yekhono likaSfiso. Savelelwa! Phumlani Muthwenyongo Langa LO sisi ngoba ezele abafana nje kungani ebulala igama likaSfiso? Wehluleka wukuzithoba nje, ahlale kwakhe. Useze unama- bodyguard manje ngobani? Faz Magasela AYANDA nguwe ofaka abantu ezindabeni zakwakho. Khumbula ukuthi uganile wena, wase ufuna sinake wena manje? Hlonipha uyi-hlo nonyoko ukuze insuku zakho zande ezweni. Zanele Magasela
lo sisi USENGENZEkanti bengimkhonzile.ngaze ngangamthandisisa Nqobile KODWA Mkhwanazibakithi waphuma engayalwanga yini uLazarus kubo? owalingwaUma ekholwa kodwa kungani akaze engalingisiaphume endleleni Ayanda yokukholwa.yazisa umamezala noma ngabe usetheniyena abuye wena azoxolisa.uwe phansi, uyogcina esezisola
Kungani kodwa usugijimela emaphoyiseni, kukhona yini okushiwo wunina kaSfiso okwaziyo sisi? Kungcono ugogo washiya engihlomisile ngemikhuba yasemzini nokumele ngikwenze ukuze ngingabukisi ngekithi emazweni. Asanda Mkhize
USEWUSAZIWAYO yini lo ntombazane? Sengizokhathala manje yindaba yakhe ngoba sengathi unomlomo omanzi. Mhlaba Heavysoil KamaLanga Dumakude
AKAFUNDANGA lutho kumyeni wakhe. Uma engahloniphi amathumbu aletha umyeni emhlabeni, uJehova uyashesha ukunciphisa imihla yokuphila kanti akanandaba futhi negama elikhulu. Umzali uyohlala ewumzali ngisho engakaze akondle. Sphesihle Sharon
AZE angifakela amahloni lawa mazwi okuthiwa ashiwo ngu-Ayanda. Noma ngabe bamone kangakanani abakwaNcwane nomamezala wakhe kodwa leli lokubiza abantu ngezinja selikhombisa ukuthi akahloniphi kangakanani. Umbiza kanjani nje umzali wakho ngenja pho?
Wukukholwa konke lokhu okumenza akhulume amazwi anohlevane kanje? Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni. Amen. Samkelo Ka MaMthabela Ndonga
SEKUYACACA nje ukuthi naye uyamchukuluza uninazala bese ethi uyasukelwa. Ngabe uyazotha abe ngumakoti kunokukhuluma kanje, hheyi! Kusazomqoqa ukuhlwa lo makoti. Nosipho Dawn
YIMIHLOLA phela lena. Kusekusha kanje sekwenziwa amaphathi, sekukhulunywa emicimbini. Thina njengabalandeli bakaNcwane sisebuhlungu kodwa umkakhe usehlela imicimbi. Mina ekhaya ngeke ngikuvume okunje. Thabo Zungu
NGITHE ngizwa le nkulumo ka-Ayanda ngacabanga omunye usisi owayeshiyelwe ifa yindoda yakhe, izigidi ngezigidi. Wayengabafuni engazenzisi abazali bendoda waze wabehlula ngisho enkantolo.
Bamyeka nefa lakhe ngoba nguye owayebhalwe emafeni futhi engabakweleti lutho. Kwangane yakhe wayiyisa kubo, hhayi emzini. Waqoma, wavalwa wuthando lwendoda eyayinomfazi, inebhizinisi eliwayo, yamgila. Wasayina amaphepha ambophayo kwayena, yahamba yonke imali wabuyela kubo kwamyeni eyocela uxolo engasenalutho. Injalo impilo. Mthokoh Snr Langa
AKUKAPHELI nezinyanga eziyi-6 eshonelwe wumyeni, kumele ngabe usahlonipha la enyathela khona kodwa ukwazi ukukhipha igama lezinja. Oyomshada kuyobe uziyalile ngoba akayalwanga kahle kubo. Kayenziwa le nto ungumshadikazi okanye ungumfelokazi.
Bonnie MaGema Sosibo
INKULUMO enje kayisho ukuthi ngumntwana kaNkulunkulu lo. Uze uzisholo wena nje ukuthi uSfiso wayethathe umfazi oqotho ngobani? Kawubonisi nje ngoba kawubafuni abakubo nezingane zakhe ezazalwa ungakafiki. Ngabe kungcono ukuba ubuhle bakho bufana nemisebenzi yakho, manje uyikhiwane eligcwele izibungu. Nqobile KaMadida Zikode Madida
USFISO wayenganamathelene impela nonina kepha akakaze nangelilodwa ilanga ambize ngenja. Hheyi, amakholwa amanje azokumangaza. Khuboni Mbhele