Umphakathi ukhunjulwa sekuvotwa
MHLELI: Eqhulwini lezi ncomo zokwakha iNingizimu Afrika ekhululekile kwabalwa ukuhlinzeka ngamathuba alinganayo okuthuthukisa impilo yazo zonke izakhamizi ezakhele lelizwe.
Kwaqhakanjiswa nokuziqeda nya zonke izindawo ezabe zakhiwe nguhulumeni wamabhunu eziyiziqhingana ezinempilo yazo zodwa ngokwazo ehlukile kweminye imiphakathi. Emqondweni wami nginesithombe samathuba entuthuko esesiwabone ehlinzekwa kulezo zindawo uhulumeni wobandlululo ayezibiza ngezinkompolo, lapho ayehlalisa khona bonke abasebenzi bakhe ngokubasondezela babe seduzane nokuya nokubuya emisebenzini abaqashwe kuyona.
Yingakho-ke namuhla ngibhekisisa izindawo zokuhlala ezazakhiwe ngumqashi onguloliwe (South African Railways) lapho kwakuhlaliswa abasebenzi nemindeni yabo njengaseBurlinghan eseKlaarwater entshonalanga neTheku, kube yikwesikaGandhi okuyimizi yemindeni engenhla kwesiteshi sesitimela esidala eThawini (Pietermaritzburg), nezinye izindawo zemindeni ezabe zihlinzekwe ngabakwaloliwe cishe kusona sonke isifundazwe nezwe laseMzansi.
Uma sibheka naseReunion, eyakhiwe ngaphesheya kwesikhumulo samabhanoyi sakudala eThekwini (okwakuyi Durban Airport) esondelene nesaseSiphingo, kuyancomeka ukubona ukuthi uhulumeni wezasekhaya benenhlangano ebhekele ezokhetho (IEC), sebekwazile ukuhlanganisa indawo yaseReunion nemiphakathi eyakhelene nayo kwezenhlalakahle ngokwezidingo zikahulumeni ngoba seyahlanganiswa yafakwa ngangaphansi kuka-ward 76 ngaphansi koMkhandlu waseThekwini.
Kuyavela emabhukwini ukuthi kunezindlu ezibalelwa enkulungwaneni ezabe zakhiwe ngumqashi onguloliwe. Namuhla abahlali baseReunion sebekhuphuke baba ngaphezulu kwezinkulungwane ezintathu, abayizakhamizi ngokuhlala khona.
Abahlala khona bakhala ngokuthi okumqoka kubo wukuhlinzekwa ngamathuba nangengqalasizinda yokubathuthukisa ngaphansi kwalo hulumeni wentando yeningi.
Omama bendawo asebeneminyaka behlala khona baphakamisa ukuthi uhulumeni sekufanele ubasondezele izidingo zomphakathi zibe seduzane nendawo abayakhele kwakhiwe nezikole ezizothuthukisa izingane ngezemfundo. Abanye baphawule ngamabhizinisi angaphesheya kukajantshi wesitimela eGlebe Hostel, bethi bayawajabulela amathuba avezwe wukuhlanganiswa kwendawo.
Bathi nokho kuyabanenga ukubona izindawo uloliwe ayezakhele ukuthuthukisa abantwana babo sezicekelwe phansi, njengeyokungcebeleka (phecelezi park facilities) ekhona eReunion. Bakhala nangoqhibukhowe bamatende esonto asevele athi chithi saka kule ndawo bona beyizakhamizi endaweni bengaziswanga wumuntu ngawo.
Umbuzo-ngqangi ongaphenduleki ngezakhamizi zaseReunion nezaseGlebe ngothi kusazothatha isikhathi esingakanani ukuba abantwana babo bakwazi ukuthola ithuba lokufunda eduze nemindeni yabo na?
Abazali abaningi sekuyabesinda ukuqasha abezimoto nsuku zonke abazobathuthela izingane ziya noma zibuya ezikoleni ezakhiwe emalokishini angomakhelwane njengaseMlazi naseLamontville nasezindaweni zezinhlanga eSiphingo naseWentworth. Ngabe ubuholi boMkhandlu waseThekwini usawukhumbula lo mphakathi noma bakhunjulwa mhla sekuzovotwa kuphela na?