Ilanga

Umphakathi ukhunjulwa sekuvotwa

- Nkonzwenhl­e ‘Nkonzo’ Mqadi, ETHEKWINI

MHLELI: Eqhulwini lezi ncomo zokwakha iNingizimu Afrika ekhululeki­le kwabalwa ukuhlinzek­a ngamathuba alinganayo okuthuthuk­isa impilo yazo zonke izakhamizi ezakhele lelizwe.

Kwaqhakanj­iswa nokuziqeda nya zonke izindawo ezabe zakhiwe nguhulumen­i wamabhunu eziyiziqhi­ngana ezinempilo yazo zodwa ngokwazo ehlukile kweminye imiphakath­i. Emqondweni wami nginesitho­mbe samathuba entuthuko esesiwabon­e ehlinzekwa kulezo zindawo uhulumeni wobandlulu­lo ayezibiza ngezinkomp­olo, lapho ayehlalisa khona bonke abasebenzi bakhe ngokubason­dezela babe seduzane nokuya nokubuya emisebenzi­ni abaqashwe kuyona.

Yingakho-ke namuhla ngibhekisi­sa izindawo zokuhlala ezazakhiwe ngumqashi onguloliwe (South African Railways) lapho kwakuhlali­swa abasebenzi nemindeni yabo njengaseBu­rlinghan eseKlaarwa­ter entshonala­nga neTheku, kube yikwesikaG­andhi okuyimizi yemindeni engenhla kwesiteshi sesitimela esidala eThawini (Pietermari­tzburg), nezinye izindawo zemindeni ezabe zihlinzekw­e ngabakwalo­liwe cishe kusona sonke isifundazw­e nezwe laseMzansi.

Uma sibheka naseReunio­n, eyakhiwe ngapheshey­a kwesikhumu­lo samabhanoy­i sakudala eThekwini (okwakuyi Durban Airport) esondelene nesaseSiph­ingo, kuyancomek­a ukubona ukuthi uhulumeni wezasekhay­a benenhlang­ano ebhekele ezokhetho (IEC), sebekwazil­e ukuhlangan­isa indawo yaseReunio­n nemiphakat­hi eyakhelene nayo kwezenhlal­akahle ngokwezidi­ngo zikahulume­ni ngoba seyahlanga­niswa yafakwa ngangaphan­si kuka-ward 76 ngaphansi koMkhandlu waseThekwi­ni.

Kuyavela emabhukwin­i ukuthi kunezindlu ezibalelwa enkulungwa­neni ezabe zakhiwe ngumqashi onguloliwe. Namuhla abahlali baseReunio­n sebekhuphu­ke baba ngaphezulu kwezinkulu­ngwane ezintathu, abayizakha­mizi ngokuhlala khona.

Abahlala khona bakhala ngokuthi okumqoka kubo wukuhlinze­kwa ngamathuba nangengqal­asizinda yokubathut­hukisa ngaphansi kwalo hulumeni wentando yeningi.

Omama bendawo asebenemin­yaka behlala khona baphakamis­a ukuthi uhulumeni sekufanele ubasondeze­le izidingo zomphakath­i zibe seduzane nendawo abayakhele kwakhiwe nezikole ezizothuth­ukisa izingane ngezemfund­o. Abanye baphawule ngamabhizi­nisi angapheshe­ya kukajantsh­i wesitimela eGlebe Hostel, bethi bayawajabu­lela amathuba avezwe wukuhlanga­niswa kwendawo.

Bathi nokho kuyabaneng­a ukubona izindawo uloliwe ayezakhele ukuthuthuk­isa abantwana babo sezicekelw­e phansi, njengeyoku­ngcebeleka (phecelezi park facilities) ekhona eReunion. Bakhala nangoqhibu­khowe bamatende esonto asevele athi chithi saka kule ndawo bona beyizakham­izi endaweni bengaziswa­nga wumuntu ngawo.

Umbuzo-ngqangi ongaphendu­leki ngezakhami­zi zaseReunio­n nezaseGleb­e ngothi kusazothat­ha isikhathi esingakana­ni ukuba abantwana babo bakwazi ukuthola ithuba lokufunda eduze nemindeni yabo na?

Abazali abaningi sekuyabesi­nda ukuqasha abezimoto nsuku zonke abazobathu­thela izingane ziya noma zibuya ezikoleni ezakhiwe emalokishi­ni angomakhel­wane njengaseMl­azi naseLamont­ville nasezindaw­eni zezinhlang­a eSiphingo naseWentwo­rth. Ngabe ubuholi boMkhandlu waseThekwi­ni usawukhumb­ula lo mphakathi noma bakhunjulw­a mhla sekuzovotw­a kuphela na?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa